Umbono WeBhayibheli
Ukukhulisa Izingane Ngesiyalo SikaNkulunkulu
“Indlela Yokushaya Imithetho Izingane Zakho Ezingeke Ziyephule”
“Izimiso Ezinhlanu Okufanele Uzifundise Ingane Yakho Ingakabi Neminyaka Emihlanu”
“Amakhono Ayisihlanu Angokomzwelo Ingane Yakho Okufanele Ibe Nawo”
“Izimpawu Ezinhlanu Ezibonisa Ukuthi Uyayitotosa”
“Isimangaliso Sesiyalo Somzuzu Owodwa”
UKUBE ukuyala izingane bekulula, abantu bebengeke bazinake izihloko zomagazini ezinjengalezi ezingenhla. Bekuyophela ukulotshwa kwendathane yezincwadi ezikhuluma ngokukhulisa izingane. Nokho, ukukhulisa izingane akukaze kube lula. Ngisho nasezinkulungwaneni zeminyaka edlule, kwashiwo ukuthi “indodana eyisiwula ilethela uyise usizi yenze nonina azisole kabuhlungu.”—IzAga 17:25, Today’s English Version.
Namuhla, nakuba kunezeluleko eziningi kule ndaba, abazali abaningi abaqiniseki ukuthi bangaziyala kanjani izingane zabo. IBhayibheli linikeza luphi usizo?
Lokho Okushiwo Yisiyalo Ngempela
IBhayibheli liyichaza ngokucacile indima yabazali ekunikezeni isiyalo. Ngokwesibonelo, eyabase-Efesu 6:4 ithi: “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” Lo mbhalo uphawula ubaba ngokukhethekile njengokufanele ahole ekunakekeleni izingane zakhe. Kodwa-ke, umama naye ubambisana nomyeni wakhe.
Ikhuluma ngale ndaba, i-Interpreter’s Dictionary of the Bible ithi: “EBhayibhelini isiyalo sihlobene kakhulu nokuqeqesha, ukufundisa, nolwazi kanti ngakolunye uhlangothi sihlotshaniswa nokusola, ukukhuza nokujezisa. Ngokuvamile injongo yaso ukuqeqesha izingane.” Ngakho, isiyalo sidlulela ngalé kokukhuza; sihlanganisa konke ukuqeqeshwa izingane ezikudingayo ukuze ziphumelele. Kodwa abazali bangakugwema kanjani ukucasula?
Yibani Nozwela
Yini ecasula ingane? Cabanga ngalesi simo. Usebenza nomuntu ocasulwa ubala nongenasineke. Akukho lutho olwenzayo olumjabulisayo. Kubonakala sengathi usola yonke into oyishoyo noyenzayo. Uvame ukugxeka umsebenzi wakho futhi akwenze uzizwe ungathandwa njengomuntu. Ingabe lokho bekungeke kukucasule futhi kukudumaze?
Kungenzeka okufanayo enganeni uma abazali bayo beyigxeka njalo noma beyikhuza ngentukuthelo. Kuyiqiniso ukuthi izingane kudingeka zikhuzwe ngezikhathi ezithile futhi iBhayibheli liyabagunyaza abazali ukuba bakwenze lokho. Nokho, ukucasula ingane ngempatho enokhahlo, engenalo uthando kungabangela ukulimala ngokomzwelo, ngokomoya ngisho nangokomzimba.
Kufanele Uzinake Izingane Zakho
Abazali kumelwe bazinike isikhathi sokuba nezingane zabo. Ekhuluma ngemithetho kaNkulunkulu, uDuteronomi 6:7 utshela obaba: ‘Kumelwe uyigxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngayo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.’ Izingane zizalwa zinesidingo sokuzwa egazini ukuthi abazali bazo bazikhathalela ngokujulile. Ukuxoxa nezingane zakho ngomoya omnene nsuku zonke kungakusiza ukuba uqonde imizwa yazo. Lokhu kungakwenza kube lula ukufinyelela izinhliziyo zazo ngezimiso ezisekelwe eBhayibhelini, uzishukumisele ukuba ‘zesabe uNkulunkulu weqiniso zigcine imiyalo yakhe.’ (UmShumayeli 12:13) Lokhu kuyingxenye yesiyalo sikaNkulunkulu.
Uma singafanisa ukukhulisa izingane nokwakha indlu, khona-ke isiyalo singelinye lamathuluzi okwakha. Uma abazali belisebenzisa ngendlela efanele, bangakha ebuntwini bezingane zabo izimfanelo ezithandekayo futhi bazihlomisele ukubhekana nezinkathazo zokuphila. IzAga 23:24, 25 zichaza umphumela: “Uyise wolungile nakanjani uyojabula; nalowo ozala ohlakaniphile uyothokoza ngaye futhi. Uyihlo nonyoko bayothokoza, nonyoko owakuzala uyojabula.”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 27]
‘UKUQONDISA UMQONDO KUKAJEHOVA’
Eyabase-Efesu 6:4 ikhuluma ‘ngokuqondisa umqondo kukaJehova.’ Inkulumo yesiGreki sokuqala esho “ukuqondisa umqondo” kwamanye amaBhayibheli ihunyushwe ngokuthi “ukucabangela,” “iseluleko” nangokuthi “isiyalo.” Wonke la magama abonisa ukuthi imikhaya akumelwe igcine nje ngokufunda iBhayibheli noma ukumane ihlanganise indaba esencwadini yokusiza ekufundeni iBhayibheli. Abazali kudingeka baqiniseke ukuthi izingane zabo ziyakuqonda okushiwo yiZwi likaNkulunkulu, ukubaluleka kokulalela, uthando lukaJehova ngazo, nesivikelo azinikeza sona.
Lokhu kungafinyelelwa kanjani? UJudy, onezingane ezintathu, wabona isidingo sokwenza okungaphezu nje kokukhumbuza izingane zakhe njalo ngezimiso zikaNkulunkulu. “Ngabona ukuthi azithandi uma ngiphindaphinda izinto ezifanayo ngamazwi afanayo njalo. Ngaqala ukufuna izindlela ezihlukahlukene zokuzifundisa. Enye indlela kwakuwukufuna izihloko kumagazini i-Phaphama! eziveza lawo maphuzu ngenye indlela. Ngokwenza kanjalo ngafunda indlela yokukhumbuza izingane ngezinto ezidingekayo ngaphandle kokuzicasula.”
U-Angelo, umkhaya wakhe owabhekana nezikhathi ezinzima, ulandisa indlela afundisa ngayo amadodakazi akhe ukuzindla ngeZwi likaNkulunkulu: “Sasifunda amavesi eBhayibheli ndawonye, bese ngikhetha izinkulumo ezithile ngichaze indlela eziwathinta ngayo amadodakazi ami. Kamuva, lapho efunda iBhayibheli ewodwa, ngangiwabona ukuthi acabanga ngokujulile, ezindla ngalokho eliwasiza ngako.”