Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/06 k. 26-k. 27 isig. 7
  • Ukholo Lomntwana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukholo Lomntwana
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bazinikela Ngokuzithandela EMexico
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2007
  • Indlela IBhayibheli Elingabasiza Ngayo Abanesifo Sikashukela
    I-Phaphama!—2003
  • Kungani Kufanele Ngigule Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 8/06 k. 26-k. 27 isig. 7

Ukholo Lomntwana

UDUSTIN waqala ukuba khona ngezikhathi ezithile lapho unina eqhutshelwa isifundo seBhayibheli omunye woFakazi BakaJehova. Nakuba eneminyaka engu-11 ubudala, wayecabanga kanzulu futhi ebuza imibuzo eminingi enengqondo. Ngokushesha wacela esakhe isifundo seBhayibheli kudade owayekade eyisithunywa sevangeli owayefundela unina. Waqala nokuxoxa ngalokho ayekufunda nalabo ayefunda nabo esikoleni.

UDustin waqala ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso, ephendula ngisho nalapho kubuzwa imibuzo. Lapho yena nezingane zakubo bevakashela uyise, wabanxusa ukuba baye naye esontweni. UDustin wachaza ukuthi kungani ayekhetha ukuya eHholo LoMbuso. Uyise wamvumela ukuba aye.

Ngobunye ubusuku ngemva kokuya emhlanganweni eHholo LoMbuso, umama kaDustin wamcinga wangamthola. Ngaphandle kokutshela unina, uDustin wayeye kumbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini wacela ukubhalisa esikoleni. Unina wavuma. Wayilangazelela ngenjabulo inkulumo yakhe yokuqala. Nokho, ngesikhathi esifanayo waqala ukuzwa ubuhlungu obungapheli enqulwini, futhi ngenxa yalokho wayiswa kodokotela abehlukahlukene eyohlolwa. Ekugcineni, lwafika usuku olukhulu lwenkulumo kaDustin eHholo LoMbuso. Ngaleso sikhathi, wayesehamba ngezinduku. Nakuba kwakubonakala ukuthi usezinhlungwini, waya endaweni yesikhulumi ngaphandle kwazo.

Ngokushesha nje ngemva kwalokho, kwatholakala ukuthi uDustin unomdlavuza wamathambo ongavamile okuthiwa i-Ewing’s sarcoma. Ingxenye enkulu yonyaka owalandela wayichitha esibhedlela sezingane eSan Diego, eCalifornia. Ukwelashwa ngamakhemikhali nokushiswa ngemisebe, ekugcineni okwalandelwa ukunqanyulwa komlenze wakhe nethambo lenqulu, akuzange kulunciphise ukholo lwakhe oluqinile nothando lwakhe ngoJehova. Lapho engenamandla okufunda, unina owayehlala eseduze kwakhe wayemfundela.

Nakuba isimo sikaDustin sasiya siba sibi kakhulu, akazange akhononde. Wayehlala ematasa, ehambahamba ngesihlalo sakhe esinamasondo ekhuthaza ezinye iziguli nabazali bazo, kuhlanganise nesiguli esithile esinguFakazi. Izisebenzi zasesibhedlela zazibona ukuthi uDustin nalesi siguli esinguFakazi bahlukile—nokuthi babeqiniswa ukholo lwabo.

UDustin wayefuna ukubhapathizwa. Ngakho kwathi elele kusofa, engenamandla okuhlala aqonde, abadala abangamaKristu bambuza imibuzo ebuzwa labo abazobhapathizwa njengoFakazi BakaJehova. UDustin wabhapathizwa ngo-October 16, 2004, emhlanganweni wesifunda eneminyaka eyishumi nambili nesigamu ubudala.

Lapho inkulumo yobhapathizo isizoqala, uDustin waqhutshwa ngesihlalo esinamasondo wayiswa phambili wayohlala nabanye ababezobhapathizwa. Lapho ecelwa ukuba asukume, wasukuma wama ngomlenze wakhe owodwa, egqoke isudu yakhe ephambili kunawo wonke, ebambelele esihlalweni. Wayiphendula ngezwi elizwakalayo imibuzo yobhapathizo. Wonke umndeni wakubo kaDustin wawukhona, kuhlanganise noyise nosinganina. Kwakukhona nezisebenzi zasesibhedlela nabazali bezingane eziphethwe umdlavuza ezazisesibhedlela.

Ngemva kosuku olulodwa ebhapathiziwe, uDustin wabuyela esibhedlela. Umdlavuza wawusugcwele kuwo wonke amathambo omzimba wakhe. Njengoba ayeqhubeka eba buthakathaka kakhulu futhi esebona ukuthi uzokufa, wabuza unina ukuthi wayesezokufa ngempela yini. Unina waphendula wathi: “Ubuzelani? Uyakwesaba yini ukufa?”

Wathi: “Cha, ngizovala amehlo nje, futhi lapho ngiwavula ovukweni, kuyoba sengathi ngisanda kuwavala nje. Ngeke ngisabuzwa ubuhlungu.” Wabe esechaza: “Ngikhathazeke kakhulu ngomndeni wakithi.”

Ngenyanga eyalandela uDustin washona. Enkonzweni yomngcwabo wakhe kwakukhona odokotela, abahlengikazi, imikhaya yezisebenzi zasesibhedlela, othisha, omakhelwane, kuhlanganise namalungu omndeni wakubo—kokubili angebona oFakazi BakaJehova nayibo. UDustin wayecele ukuba bonke abayoba khona enkonzweni yakhe yomngcwabo banikwe ubufakazi obuhle mayelana nezinkolelo zakhe. Umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, owayabele uDustin okuwukuphela kwenkulumo akwazi ukuyenza, wanikeza inkulumo enhle kakhulu eqinisa ukholo, ehholweni elaligcwele.

Kwanyatheliswa imiBhalo emibili uDustin ayeyithanda kakhulu yanikwa labo ababekhona emngcwabeni wakhe—uMathewu 24:14 neyesi-2 Thimothewu 4:7. Ukholo lwakhe oluqinile nokwethembeka kwabakhuthaza bonke ababemazi. Sibheke phambili ekumamukeleni ngesikhathi sovuko.—Njengoba ilandiswa uFakazi owayefundela uDustin.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]

“Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.”—2 Thimothewu 4:7.

[Isithombe ekhasini 26]

Ngenhla: UDustin, esewumqemane

[Isithombe ekhasini 26]

Ngezansi: Lapho uDustin ebhapathizwa eneminyaka engu-12 nesigamu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela