Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/07 k. 20-k. 21 isig. 6
  • Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qaphela “Uthando Lwemali”
  • Okuthile Okungcono Kunemali
  • Imali
    I-Phaphama!—2014
  • Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Umbono Olinganiselayo Ngemali
    I-Phaphama!—2015
  • Indlela Yokusebenzisa Imali
    Umndeni Wakho Ungajabula
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 6/07 k. 20-k. 21 isig. 6

Umbono Webhayibheli

Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?

“IMALI iyisivikelo,” kusho iBhayibheli. (UmShumayeli 7:12) Imali iyisivikelo ebunzimeni obuhlangene nobumpofu ngoba ungakhokhela ngayo ukudla, izingubo nendawo yokukhosela. Ngempela, imali ingathenga cishe noma yini umuntu ayidingayo. UmShumayeli 10:19 uthi “iyimpendulo yakho konke.”—IBhayibheli LesiZulu Elivamile.

IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sizikhandle ukuze sikwazi ukuzondla thina nemikhaya yethu. (1 Thimothewu 5:8) Ukuzikhandla ngokwethembeka kunikeza umuntu umuzwa ofanelekile wokwaneliseka, ukuzihlonipha nokulondeka.—UmShumayeli 3:12, 13.

Ngaphezu kwalokho, ukusebenza ngokuzikhandla kusenza sikwazi ukuphana ngemali. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Leyo njabulo siyithola uma sisebenzisa izimali zethu ngentokozo ukuze sisize abampofu, ikakhulu amaKristu esikanye nawo, noma sithengela othile esimthandayo isipho.—2 Korinte 9:7; 1 Thimothewu 6:17-19.

UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba babe abantu abaphanayo, hhayi nje ngokwethukela kodwa njengomkhuba, njengendlela yabo yokuphila. Wathi: “Kwenzeni umkhuba ukupha.” (Luka 6:38) Kusebenza isimiso esifanayo nalapho sinikela ukuze sisekele izindaba eziphathelene noMbuso kaNkulunkulu. (IzAga 3:9) Empeleni, ukunikela kwethu ngale ndlela kusisiza ukuba ‘sizakhele ubungane’ noJehova neNdodana yakhe.—Luka 16:9.

Qaphela “Uthando Lwemali”

Abantu abanobugovu abavamile ukupha abanye izinto, futhi uma bekwenza, kungenzeka basuke benezisusa ezimbi. Inkinga yabo ngokuvamile uthando lwemali, olubenza bangajabuli, ngokuphambene nalokho abakulindele. Eyoku-1 Thimothewu 6:10 ithi: “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” Kungani uthando lwemali lunganelisi kangaka futhi lulimaza nokulimaza?

Phakathi kokunye, asaneliseki isifiso sengcebo somuntu onobugovu. UmShumayeli 5:10 uthi: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva.” Ngakho-ke, abathandi bemali ‘bazigwaza’ ngokukhungatheka okungapheli. Ngaphezu kwalokho, ubugovu babo bunomthelela ebuhlotsheni obungebuhle, ekuphileni komkhaya okungajabulisi, ngisho nasekuntuleni ukuphumula ngokwanele. “Bumnandi ubuthongo balowo okhonzayo, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kuningi akudlayo; kodwa inala yocebileyo ayimvumeli ukuba alale.” (UmShumayeli 5:12) Ngaphezu kwakho konke, uthando lwemali lwenza umuntu angamukeleki kuNkulunkulu.—Jobe 31:24, 28.

Umlando weBhayibheli nowezwe uqukethe izibonelo eziningi zabantu abeba, baphendukezela ubulungisa, bafeba, babulala, baphamba abanye, futhi baqamba amanga—ngenxa nje yemali. (Joshuwa 7:1, 20-26; Mika 3:11; Marku 14:10, 11; Johane 12:6) Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wamema enye insizwa engumbusi ‘eyayicebe kakhulu’ ukuba imlandele. Ngokudabukisayo, le ndoda yasenqaba lesi simemo esimangalisayo ngoba sasiyoyilimaza kakhulu ngokwezimali. Esabela kulokho, uJesu wathi: “Yeka ukuthi kuyoba nzima kangakanani ngalabo abanemali ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!”—Luka 18:23, 24.

Phakathi nalezi “zinsuku zokugcina,” amaKristu kumelwe aqaphe kakhulu ngoba, njengoba nje kwabikezelwa, abantu ‘bathanda imali.’ (2 Thimothewu 3:1, 2) AmaKristu eqiniso asiqaphelayo isidingo sawo esingokomoya awakhukhulwa yileli gagasi lobugovu, ngoba anokuthile okungcono kakhulu kunemali.

Okuthile Okungcono Kunemali

Nakuba iNkosi uSolomoni yathi imali iyisivikelo, yanezela ngokuthi “ukuhlakanipha kuyisivikelo” ngoba “kuyabalonda abaninikho.” (UmShumayeli 7:12) Yayisho ukuthini? USolomoni lapha wayekhuluma ngokuhlakanipha okusekelwe olwazini olunembile lwemiBhalo nasekwesabeni uNkulunkulu okunempilo. Njengoba kungcono kakhulu kunemali, lokhu kuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kungasindisa umuntu ezingibeni ezingenakubalwa zokuphila ngisho nasekufeni ngaphambi kwesikhathi. Kanti, njengomqhele, ukuhlakanipha kwangempela kuyabaphakamisa labo abanako futhi kubenze bahlonipheke. (IzAga 2:10-22; 4:5-9) Futhi ngenxa yokuthi kwenza umuntu amukeleke kuNkulunkulu, kuye kwabizwa ngokuthi “kungumuthi wokuphila.”—IzAga 3:18.

Labo abakufuna ngobuqotho ukuhlakanipha futhi abazimisele ukukufuna, bathola ukuthi kutholakala kalula. “Ndodana yami uma . . . umemeza ufuna ukuqonda futhi uzwakalisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa, uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva, futhi uqhubeka ukuhlwaya njengokungathi uhlwaya ingcebo efihliweyo, uma wenza kanjalo uyokuqonda ukumesaba uJehova, futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu. Ngoba uJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.”—IzAga 2:1-6.

Ngenxa yokuthi azisa kakhulu ukuhlakanipha kunemali, amaKristu eqiniso athola isilinganiso esithile sokuthula, injabulo nokulondeka okuyizinto ezibaphunyukayo abathandi bemali. EyamaHebheru 13:5 ithi: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona. Ngoba [uNkulunkulu] uthé: ‘Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.’” Imali ayinakukunikeza loko kulondeka.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

◼ Imali iyisivikelo ngayiphi indlela?—UmShumayeli 7:12.

◼ Kungani ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kungcono kakhulu kunemali?—IzAga 2:10-22; 3:13-18.

◼ Kungani kufanele sikugweme ukuthanda imali?—Marku 10:23, 25; Luka 18:23, 24; 1 Thimothewu 6:9, 10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela