Umbono Webhayibheli
Ingabe “Ukuba Olungile” Yikona Kuphela Okubalulekile?
OWESIFAZANE osemusha okuthiwa u-Allison uthi: “Ngizama ngakho konke okusemandleni ukuphila ngendlela efanele futhi ngibe umuntu olungile.” Njengaye, abaningi bakholelwa ukuthi ukuphila ngale ndlela yikona kanye uNkulunkulu akufunayo.
Abanye bayaqiniseka ukuthi uma benza izono ezinkulu, uNkulunkulu akanandaba uma nje ukuphila kwabo okuvamile kukuhle. Bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uthambekele kakhulu ekuthetheleleni kunasekugwebeni abantu.
Kuyiqiniso ukuthi abantu abehlukahlukene bakuchaza ngezindlela ezingafani “ukuba olungile.” Kodwa lithini iBhayibheli? Yini okumelwe siyenze ukuze uNkulunkulu asamukele? Kusho ukuthini ukuba umuntu olungile emehlweni kaNkulunkulu?
Ukwamukela Isiqondiso SoMdali Wethu
NjengoMdali wethu, uJehova uNkulunkulu unelungelo lokusinikeza isiqondiso sokuziphatha. (IsAmbulo 4:11) EBhayibhelini, uNkulunkulu usinikeza imithetho nezimiso ukuze aqondise ukuziphatha nokukhulekela kwethu. Ekhuluma nabantu bakhe, uNkulunkulu wathi: “Lalelani izwi lami, futhi kumelwe nenze izinto ngokuvumelana nakho konke enginiyala ngakho; khona-ke ngokuqinisekile niyoba ngabantu bami nami ngiyoba nguNkulunkulu wenu.”—Jeremiya 11:4.
Ngakho ukuze ‘sibe abalungile’ ngokombono kaNkulunkulu kudingeka sifunde ukuthi ziyini izindinganiso zakhe nokuvumelanisa ukuphila kwethu nazo ukuze sizifinyelele. Ake sithi ubufuna ukuba umngane wothile. Ngokuvamile ubuyofuna ukwazi ukuthi lowo muntu ufuna ukuphathwa kanjani, bese wenza ngokuvumelana naleyo ndlela emjabulisayo. IBhayibheli libonisa ukuthi, njengenzalamizi u-Abrahama, singaba abangane bakaJehova—okungukuthi, abantu abamukelekayo kuye. (Jakobe 2:23) Ngaphezu kwalokho, njengoba uNkulunkulu enezindinganiso eziphakeme kunezethu thina bantu, asinakulindela ukuba ashintshe ukuze azivumelanise nezindinganiso zethu.—Isaya 55:8, 9.
Ukubaluleka Kokulalela
Ingabe uNkulunkulu uyosilahla ngempela uma siyishaya indiva imiyalo “emincane”? Abanye bangase bacabange ukuthi akubalulekile ukulalela eminye imiyalo “emincane.” Kodwa awukho umthetho omiswe nguNkulunkulu ongabhekwa njengongabalulekile. Phawula ukuthi kweyoku-1 Johane 5:3, iBhayibheli alivezi mehluko lapho ithi: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.” Uma senza konke okusemandleni ukuze sigcine yonke imithetho kaNkulunkulu, sibonisa ukuthi simthanda ngokungenabugovu.—Mathewu 22:37.
UJehova akalindele ukuba abantu bangawenzi amaphutha. Uma sizisola ngempela ngamaphutha ethu futhi sizama kanzima ukugwema ukuwaphinda, usithethelela ngokukhululekile. (IHubo 103:12-14; IzEnzo 3:19) Kodwa singayiziba yini ngamabomu imithetho ethile, sicabanga ukuthi ukulalela kwezinye izinto kuyokugqiba lokhu? Isibonelo seBhayibheli sibonisa ukuthi asinakukwenza lokho.
Inkosi yakwa-Israyeli uSawule yayiyikhetha imithetho eyilalelayo. Lapho ilwa nama-Amaleki, yayalwa ukuba ingayisindisi imfuyo yawo. Kwakumelwe ‘iyibulale.’ Nakuba azilalela ezinye iziqondiso, uSawule akalalelanga futhi wasindisa ‘okuhle kunakho konke komhlambi wezimvu nezimbuzi nomhlambi wezinkomo.’ Ngani? Yena nabo bonke abanye abantu babezifunela le mfuyo.—1 Samuweli 15:2-9.
Lapho umprofethi uSamuweli ebuza uSawule ukuthi kungani engawulalelanga umyalo kaNkulunkulu, uSawule wadaza inkani wathi uwulalele. Wabala izinto ezinhle yena nabantu ababezenzile, kuhlanganise nemihlatshelo ababeyinikele kuNkulunkulu. USamuweli wabuza: “Ingabe uJehova ujabulela iminikelo yokushiswa nemihlatshelo kunokulalelwa kwezwi likaJehova? Bheka! Ukulalela kungcono kunomhlatshelo, ukunaka kungcono kunamanoni ezinqama.” (1 Samuweli 15:17-22) Ngakho-ke ngeke sigqibe ukungalaleli kwethu uNkulunkulu ezintweni ezithile ngokunikela imihlatshelo noma ngokwenza eminye imisebenzi emihle.
Izindinganiso ZikaNkulunkulu Ziwubufakazi Bothando Lwakhe
Ngothando, uJehova akalindele ukuba siqagele ukuthi singamthokozisa kanjani. EBhayibhelini usinikeza isiqondiso esicacile sokuziphatha, empeleni uthi: “Nansi indlela. Hambani ngayo.” (Isaya 30:21) Uma silandela isiqondiso sakhe, sigwema ukukhungatheka nokungaqiniseki kokuqagela phakathi kwemibono yabantu yokuziphatha engqubuzanayo. Singaqiniseka ukuthi isiqondiso sikaNkulunkulu sihlale sisihle, ‘sisifundisa ukuze sizuze.’—Isaya 48:17, 18.
Yini eyingozi ngokuzikhethela ukuthi yini ehilelekile ‘ekubeni olungile’? Sonke sazalwa sinokuthambekela kobugovu. Izinhliziyo zingasikhohlisa. (Jeremiya 17:9) Kungaba lula ukuba silulaze ukubaluleka kwezimfuneko zikaNkulunkulu esicabanga ukuthi zinzima noma ziyacindezela.
Ngokwesibonelo, abantu ababili abangashadile bangase bakhethe ukuya ocansini, becabanga ukuthi njengoba bengekho abanye abantu abathintekayo, kuyindaba yabo bobabili. Bangase baqaphele ukuthi izenzo zabo azivumelani nezindinganiso zeBhayibheli kodwa baphethe ngokuthi uma nje ‘kungekho olimalayo,’ cishe uNkulunkulu ngeke amelane nazo. Izinkanuko zabo zingabenza bangakuboni ngokugcwele ukujula kwezenzo zabo nemiphumela yazo. IBhayibheli liyaxwayisa: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kodwa ukuphela kwayo kamuva kuyizindlela zokufa.”—IzAga 14:12.
Yonke imithetho kaJehova ibonisa uthando lwakhe ngabantu nesifiso sakhe sokusibona sigwema ukuhlupheka. Ukungazinaki izindinganiso zikaNkulunkulu ezindabeni zocansi noma kwezinye izindaba zokuziphatha akubalethelanga abantu injabulo enkulu nempumelelo ekuphileni. Kwabaningi, kuye kwababangela izinkinga ezinkulu ekuphileni. Kanti ukulandela imithetho kaNkulunkulu kuyasisiza emizamweni yokuphila ukuphila okuhle nokugwema ukuzilimaza thina nabanye ngokungadingekile.—IHubo 19:7-11.
Uma unesifiso esiqotho sokuba umuntu omuhle phambi kukaNkulunkulu, khona-ke yenza yonke imizamo yokulandela isiqondiso sakhe. Uyozibonela ngokwakho ukuthi “imiyalo [kaJehova] ayiwona umthwalo.”—1 Johane 5:3.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Kungani kufanele samukele isiqondiso soMdali wethu?—IsAmbulo 4:11.
◼ Ingabe kumelwe siyilalele yonke imiyalo kaNkulunkulu?—1 Johane 5:3.
◼ Kungani kungahlakaniphile ukuba sizikhethele izindinganiso zokuziphatha?—IzAga 14:12; Jeremiya 17:9.
[Isithombe ekhasini 21]
Ingabe ubheka ukuziphatha ngendlela uNkulunkulu akubheka ngayo?