Isinyathelo 1
Funani Iseluleko Esihle
Kungani kufanele nithathe lesi sinyathelo? Uma abazali beqala ukugona usana lwabo olusanda kuzalwa, bangase babe nemizwelo ehlukahlukene. UBrett, ongubaba ohlala eBrithani, uthi: “Nganginenjabulo ejulile futhi ngimangele. Kodwa ngazizwa nginomthwalo omkhulu emahlombe futhi ngingawulungele lo msebenzi.” UMonica, ongumama ohlala e-Argentina, uthi: “Ngangikhathazeke ngokuthi ngizokwazi yini ukuzinakekela izidingo zentombazanyana yami. Ngangizibuza, ‘Ingabe ngiyokwazi ukuyiqeqesha ukuze ibe umuntu omdala onokwethenjelwa?’”
Ingabe uyakuqonda ukujabula nokwesaba kwalabo bazali? Ngempela, ukukhulisa umntwana kungomunye wemisebenzi enzima kodwa eyanelisayo, futhi kungomunye wemisebenzi ekhungathekisayo kodwa enomvuzo engenziwa umuntu. Kunjengoba omunye ubaba asho, “uthola ithuba elilodwa kuphela lokukhulisa umntanakho.” Njengoba abazali benethonya elikhulu empilweni nasenjabulweni yezingane zabo, ningase nibe nomuzwa wokuthi nidinga iseluleko esinokwethenjelwa sokuba abazali abangcono.
Inselele: Kubonakala sengathi wonke umuntu uneseluleko sokukhulisa izingane. Esikhathini esidlule abazali abaqalayo ukuthola izingane babethembele esibonelweni sabazali babo noma ezinkolelweni zabo ezingokwenkolo ukuze zibaqondise. Kodwa emazweni amaningi, umkhaya uyawohloka futhi inkolo ayisenalo ithonya. Ngenxa yalokho, abazali abaningi baphendukela kochwepheshe bezokukhuliswa kwezingane ukuze bathole iseluleko. Okunye kwalokho okushiwo yilab’ ochwepheshe kusekelwe ezimisweni ezinengqondo. Kwezinye izimo izeluleko zabo ziyaphikisana futhi ngokushesha abantu bangase bazibheke njengeziphelelwe yisikhathi.
Ikhambi: Funani iselukelo soMuntu owazi kakhulu ngokukhululisa izingane—uMdali wokuphila kwabantu, uJehova uNkulunkulu. (IzEnzo 17:26-28) IZwi lakhe, iBhayibheli, liqukethe iseluleko esingagwegwesi nezibonelo ezingokoqobo ezingakusiza ukuba ube umzali ongcono. Uyathembisa: “Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.”—IHubo 32:8.
Yisiphi iseluleko uNkulunkulu asinika abazali esingabasiza ukuba bakhulise izingane ezijabule?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
“Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.”—IzAga 3:5