Isinyathelo 5
Bekani Inqubo Ezolandelwa Ninamathele Kuyo
Kungani kufanele nithathe lesi sinyathelo? Ukuba nenqubo kuyingxenye enkulu yokuphila kwabantu abadala. Umsebenzi, ukukhulekela, ngisho nokuzijabulisa ngokuvamile kulandela inqubo ethile. Abazali balimaza izingane zabo uma bengazifundisi ukuhlela isikhathi sazo bese zinamathela esimisweni. Ngakolunye uhlangothi, uDkt. Laurence Steinberg, onguprofesa wezokusebenza kwengqondo, uthi “ucwaningo lubonisa ukuthi ukuba nemithetho nohlelo kwenza ingane izizwe ilondekile futhi iphephile, futhi kuyifundisa ukuzithiba nokuzethemba.”
Inselele: Ukuphila kumatasa. Abazali abaningi basebenza isikhathi eside, ngakho bangase bangabi nesikhathi esanele sokusichitha nezingane zabo njalo. Ukuba nenqubo nokunamathela kuyo kudinga ukuzikhuza nokuzimisela ukunqoba ukwenqaba kwengane ukuhambisana naleyo nqubo ekuqaleni.
Ikhambi: Sebenzisani isimiso esitholakala eselulekweni seBhayibheli esithi “zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.” (1 Korinte 14:40) Ngokwesibonelo, lapho izingane zabo zisencane, abazali abaningi babeka isikhathi sokulala esingaguquki. Kodwa isikhathi sokulala kufanele senziwe sijabulise. UTatiana, ohlala eGreece futhi ongumama wamantombazane amabili, uthi: “Lapho izingane ziyolala, ngiyazigona ngizitshele lokho engikwenzile ngesikhathi zisesikoleni. Ngibe sengizibuza ukuthi zingathanda yini ukungitshela ezinye zezinto ezizenzile ngalolo suku. Ziyakhululeka. Zivame ukungithululela isifuba.”
UKostas, umyeni kaTatiana, ufundela amadodakazi izindaba ezincwadini ezithile. Uthi: “Ziyaphawula ngezindaba esizifundayo, futhi ngokuvamile izingxoxo zigxila kulokho okuzikhathazayo. Angiphumeleli neze uma ngivele ngifune ukuba amantombazane angitshele ukuthi yini ewakhathazayo.” Kuyiqiniso ukuthi njengoba izingane zikhula, kuyodingeka ukuba nishintshe isikhathi sazo sokulala. Kodwa uma nilondoloza isimiso, izingane zakho cishe ziyoqhubeka zisebenzisa lesi sikhathi ukuze zixoxe nani.
Ngaphezu kwalokho, imikhaya iyokwenza ngokuhlakanipha uma iba nomkhuba wokudla okungenani kanye ndawonye ngosuku. Ukuze lo mkhuba uphumelele, kungase kudingeke ukuba izikhathi zokudla zishintshashintshe. UCharles, onguyise wamantombazane amabili, uthi: “Ngezinye izikhathi ngiye ngifike ekhaya ebusuku. Umkami uwanika okokubambisa, kodwa njalo uwacela ukuba alinde size sidle ndawonye njengomkhaya. Sixoxa ngemisebenzi yethu yosuku, sibukeze itekisi leBhayibheli, sixoxe ngezinkinga futhi sihleke ndawonye. Ngiswele amazwi okuchaza ukuthi le nqubo iye yasiza kangakanani ekwenzeni umkhaya wethu ujabule.”
Ukuze niphumelele ekusebenziseni lesi sinyathelo, ningavumeli ukuphishekela izinto ezibonakalayo kuthathe indawo yenqubo yomkhaya. Sebenzisani iseluleko seBhayibheli sokuba “niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.
Yini enye abazali abangayenza ukuze bathuthukise ukukhulumisana phakathi kwabo nezingane zabo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
“Zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.”—1 Korinte 14:40