Intsha Iyabuza
Yini Embi Kangaka Ngenhlamba?
“Ngangifuna ukufana nezinye izingane esikoleni. Ngicabanga ukuthi yilokho okwangenza ngaba nomkhuba wokuthuka inhlamba.”—UMelanie.a
“Ngangingacabangi ukuthi inhlamba yimbi kangako. Ngangizungezwe abantu abanenhlamba—kokubili esikoleni nasekhaya.”—UDavid.
KUNGANI kubhekwa njengento evamile uma abantu abadala bethuka inhlamba, noma besebenzisa inkulumo engcolile, kodwa uma kwenziwa yintsha kubhekwa njengento eshaqisayo? Ingabe ubudala bomuntu yibona obunquma ukuthi kwamukelekile yini ukusebenzisa inhlamba? Njengoba abantu abaningi kangaka besebenzisa ulimi olungcolile—futhi kubonakala sengathi kubhekwa ngendlela engafani kuye ngobudala bomuntu—ungase uzibuze kufanele, “Yini embi kangaka ngenhlamba?”
Ukuthonywa Ulimi Olungcolile
Akungabazeki ukuthi inhlamba igcwele yonke indawo. Empeleni, intsha eningi ingase ithi uma ibinganikwa iRandi ngawo wonke amagama enhlamba esike yawezwa esikoleni, bekungeke kudingeke ukuba isebenze futhi abazali bayo bebengathatha umhlalaphansi. U-Eve oneminyaka engu-15 ubudala uthi: “Engxoxweni nje evamile, izingane engifunda nazo zivame ukukhuluma amazwi anenhlamba kaningana emshweni ngamunye. Uma uzwa inkulumo enjalo usuku lonke, kunzima ukungayisebenzisi.”
Ingabe nawe, njengo-Eve, uzungezwe abantu abanenhlamba? Ingabe nawe usunalowo mkhuba?b Uma kunjalo, zinike ithuba lokuhlolisisa ukuthi yini ekushukumisela ukuba uthuke inhlamba. Uma usukutholile lokho, uyoba sesimweni esingcono sokulahla lowo mkhuba.
Unalokhu engqondweni, zama ukuphendula le mibuzo elandelayo.
Ngokuvamile, kungani uthuka inhlamba?
□ Ukuze ngiveze intukuthelo noma ukukhungatheka
□ Ukuze abantu banginake
□ Ukuze ngamukelwe ontanga
□ Ukuze ngibonakale ngingesabi muntu
□ Ukuze ngidelele igunya
□ Okunye ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Kungaphansi kwaziphi izimo lapho uthambekele khona ekusebenziseni inhlamba?
□ Esikoleni
□ Emsebenzini
□ Lapho ngithumela imiyalezo nge-e-mail noma ngocingo
□ Lapho ngingedwa
Ukuthethelela kanjani ukusebenzisa kwakho inhlamba?
□ Ontanga bayayisebenzisa
□ Abazali bayayisebenzisa
□ Othisha bayayisebenzisa
□ Igcwele kwezokuzijabulisa
□ Yinto engasho lutho—amazwi nje
□ Ngisebenzisa inhlamba uma nginabantu abangenandaba nayo kuphela
□ Okunye ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Kungani kufanele uwunqobe ngokuphelele lo mkhuba? Ingabe ukusebenzisa inhlamba kubi ngempela? Cabangela okulandelayo.
Akuwona nje amazwi. UJesu wathi: “Amazwi akho abonisa lokho okusenhliziyweni.” (Luka 6:45, Contemporary English Version) Phawula ukuthi lokho esikushoyo akuvezi nje uhlobo lomuntu esingathanda ukuba yilo—kodwa kuveza uhlobo lomuntu esiyilo kakade. Ngisho noma usebenzisa ulimi olungcolile ngenxa yokuthi abanye bayalusebenzisa, ukulingisa isibonelo sabo kwembula ukuthi ‘ulandela isixuku’ nokuthi awunazindinganiso.—Eksodusi 23:2.
Kodwa akugcini lapho. Uchwepheshe wezolimi uJames V. O’Connor uthi: “Abantu abasebenzisa inhlamba bavame ukuba nenkani, bayagxeka, bayanyundela, banentukuthelo, bayaqagulisana, futhi bayizikhonondi ezingajabule.” Ngokwesibonelo, labo abasebenzisa inhlamba njalo lapho okuthile kungahambi kahle babonisa ukuthi bakholelwa ekutheni zonke izinto kufanele zihambe kahle ngaso sonke isikhathi. Kunjengokungathi abakwazi ukubekezelela amaphutha. Ngakolunye uhlangothi, u-O’Connor uphawula ukuthi labo abangayisebenzisi inhlamba “ngokuvamile bazolile, . . . bangabantu abavuthiwe abangabhekana nezinto ezibacasula nsuku zonke.” Wena ubungakhetha ukuba uhlobo luni lomuntu?
Inhlamba yonakalisa idumela lakho. Njengentsha eningi, cishe uyayikhathalela indlela obukeka ngayo. Ufuna ukuzenzela igama elihle. Kodwa bewazi yini ukuthi indlela okhuluma ngayo inethonya elikhulu kwabanye kunendlela obukeka ngayo? Iqiniso liwukuthi, inkulumo yakho inganquma izinto ezinjengokuthi
◼ Obani oyobakhanga njengabangane.
◼ Uyowuthola yini umsebenzi noma cha.
◼ Ingakanani inhlonipho oyoyithola.
Kuyiqiniso ukuthi noma yini abantu abayicabangayo ngathi lapho beqala ukusibona iyashabalala lapho siqala ukukhuluma okuthile. U-O’Connor uthi: “Ayikho indlela yokwazi ukuthi mangaki amathuba okwenza abangane abasha okungenzeka akulahlekele, noma ukuthi umphathe kabi kangakanani omunye umuntu noma walahlekelwa yinhlonipho ngenxa yokusebenzisa ulimi olungcolile ngokungakhathali.” Yini esiyifundayo? Uma usebenzisa ulimi olunenhlamba, uzigwaza ngowakho.
Ukuthuka inhlamba kubonisa ukungamhloniphi uMdali wekhono lokukhuluma. Ake sithi uphe umngane isipho esiyihembe. Ubungazizwa kanjani uma ubona umngane wakho elisebenzisa njengesikolobho noma umata wokusula izinyawo? Cabanga indlela uMdali azizwa ngayo, lapho sisisebenzisa kabi isipho sokukhuluma. Akumangalisi-ke ukuthi kungani iZwi likaNkulunkulu lithi: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.”—Efesu 4:31.
Njengoba uzibonela, kunesizathu esihle sokuyiyeka inhlamba. Kodwa uma sekuwumkhuba osujule kakhulu, ungawunqoba kanjani?
Okokuqala: Sibone isidingo sokushintsha. Cishe ngeke uyeke ukusebenzisa inhlamba kuze kube yilapho uqonda indlela oyozuza ngayo lapho ushintsha indlela okhuluma ngayo. Yiziphi izinto ezingezansi ezingakushukumisela ukuba uyeke ukusebenzisa inhlamba?
□ Ukujabulisa uMdali wekhono lokukhuluma
□ Ukuzuza inhlonipho eyengeziwe kwabanye
□ Ukwandisa umtapo wamagama engiwasebenzisayo
□ Ukuthuthukisa ubuntu bami
Okwesibili: Thola ukuthi kungani usebenzisa inhlamba. UMelanie uthi: “Ukuthuka inhlamba kwakungenza ngizizwe nginamandla. Ngangingathandi ukuba abantu bazenzele nje kimi. Ngangifuna ukulawula izinto, ngithethise abantu njengabangane bami.”
Kuthiwani ngawe? Ukuqonda ukuthi kungani usebenzisa inhlamba kuyisihluthulelo ekunqumeni ukuthi uzozisingatha kanjani izinkinga. Ngokwesibonelo, uma uthuka inhlamba nje ngenxa yokuthi abanye benza kanjalo, kufanele ufunde ukuzethemba ngobuwena. Ukuzigqaja ngobuwena kuyingxenye ebalulekile yokukhula—futhi kuwusizo olukhulu ekuqedeni umkhuba wenhlamba.
Okwesithathu: Thola ezinye izindlela zokuveza imizwa yakho. Akuyona nje indaba yokuzibamba. Ukunqoba umkhuba wokusebenzisa ulimi olunenhlamba kuhilela ukugqoka “ubuntu obusha.” (Efesu 4:22-24) Lokhu kuyokusiza ukwazi ukuzikhuza futhi uzihloniphe kakhudlwana—futhi uhloniphe nabanye.
ImiBhalo elandelayo iyokusiza ukuba ugqoke ubuntu obusha—futhi ubulondoloze.
Kolose 3:2: “Gcinani izingqondo zenu zigxilé ezintweni zaphezulu.”
Indlela Osebenza Ngayo: Qeqesha ingqondo yakho ukuba ithande izinto ezilungile. Imicabango yakho ithonya lokho okushoyo.
IzAga 13:20: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”
Indlela Osebenza Ngayo: Ulimi olusetshenziswa abangane bakho lungakuthonya.
IHubo 19:14: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makujabulise phambi kwakho, Jehova.”
Indlela Osebenza Ngayo: UJehova uyayiqaphela indlela esisisebenzisa ngayo isipho sokukhuluma.
Ingabe usadinga usizo olwengeziwe? Kungani ungasebenzisi ishadi elingenhla ukuze uhlole intuthuko yakho, ngokubhala izikhathi oyisebenzise ngazo inhlamba? Ingase ikumangaze indlela ongayithuthukisa ngayo ngokushesha indlela okhuluma ngayo!
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
Inhlamba ingakuthonya kanjani ukuthi
◼ hlobo luni lwabangane oyobakhanga?
◼ uyowuthola yini umsebenzi noma cha?
◼ abanye bayokubheka kanjani?
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.
b AmaKristu anesizathu esiqinile sokugwema ulimi olungcolile, ngoba iBhayibheli lithi: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu.” “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti.”—Efesu 4:29; Kolose 4:6.
[Ishadi ekhasini 21]
LANDELELA INTUTHUKO YAKHO
UMsombuluko ULwesibili ULwesithathu ULwesine ULwesihlanu UMgqibelo ISonto
Isonto 1 ․․․․․․ ․․․․․․․ ․․․․․․․․․ ․․․․․․․․ ․․․․․․ ․․․․․․․․ ․․․․․․
Isonto 2 ․․․․․․ ․․․․․․․ ․․․․․․․․․ ․․․․․․․․ ․․․․․․ ․․․․․․․․ ․․․․․․
Isonto 3 ․․․․․․ ․․․․․․․ ․․․․․․․․․ ․․․․․․․․ ․․․․․․ ․․․․․․․․ ․․․․․․
Isonto 4 ․․․․․․ ․․․․․․․ ․․․․․․․․․ ․․․․․․․․ ․․․․․․ ․․․․․․․․ ․․․․․․
[Isithombe ekhasini 20]
Ubungeke usisebenzise kabi isipho esiyigugu. Kungani usisebenzisa kabi isipho sokukhuluma?