Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/09 kk. 19-21
  • Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inselele #1 Ukwenza Isimiso
  • Inselele #2 Ukunamathela Esimisweni
  • Inselele #3 Ukucoceka Nokuhleleka
  • Ngingasisebenzisa Kanjani Ngokuhlakanipha Isikhathi Sami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ukubhujiswa KweSodoma NeGomora
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UJesu Uphulukisa Abantu Ngokuyisimangaliso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UJesu Umelana Nokulingwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 6/09 kk. 19-21

Intsha Iyabuza

Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?

“Ngezwa othile enza ihlaya ethi uma ufuna ukuba ngifike endaweni ethile ngehora lesine, kufanele ungitshele ukuba ngifike ngehora lesithathu. Yilapho ngabona khona ukuthi kufanele ngisisebenzise kangcono isikhathi sami!”—URicky.a

MANGAKI amahora ongathanda ukwenezelelwa wona ngosuku? Ubungenzani ngaleso sikhathi esengeziwe?

□ Ukuchitha isikhathi nabangane

□ Ukulala

□ Ukutadisha

□ Ukuvivinya umzimba

□ Okunye ․․․․․

Nakuba bekungaba kuhle ukuthola amahora engeziwe ngosuku, lokho ngeke kwenzeke! Yini-ke ongayenza? Intsha eningi iye yathola ukuthi ukusisebenzisa kangcono isikhathi sayo kuyisizile ukuba ithole lawo mahora engeziwe ewadinga ngempela. Iye yaqaphela nokuthi ukusisebenzisa kahle isikhathi sayo kuye kwanciphisa nokucindezeleka, kwathuthukisa amamaki, futhi kwenza nabazali bayethemba ngokwengeziwe. Ake sibone ukuthi ukusebenzisa kahle isikhathi kungakusiza kanjani.

Inselele #1 Ukwenza Isimiso

Okungase kukuvimbele. Ukucabanga nje ngokuthi kufanele wenze isimiso kukwenza uzizwe ubanjiwe! Uyakuthanda ukukhululeka wenze noma yini ngesikhathi ofuna ngaso, futhi awufuni ukuhlela ukuthi uzokwenzani ngomzuzu ngamunye ekuphileni kwakho.

Isizathu sokuba ukwenze. INkosi uSolomoni yabhala: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa.” (IzAga 21:5) Akungabazeki ukuthi uSolomoni wayeyindoda ematasa. Wayengumyeni, engubaba, futhi eyinkosi—konke lokhu cishe engakayihlanganisi neminyaka engu-20 ubudala! Futhi ukuphila kwakhe kwaba matasa nakakhulu ngemva kwalokho. Nawe ukuphila kwakho kumatasa manje. Kodwa cishe kuzoba matasa nakakhulu njengoba ukhula. Kungcono ukuhleleka manje kunokukushiyela isikhathi esizayo!

Okushiwo ontanga yakho. “Cishe ezinyangeni eziyisithupha ezidlule, ngaqala ukuhlela isimiso sami njalo. Ngangizama ukwenza izinto zibe lula, futhi ukuba nesimiso kwabonakala kusiza!”—UJoey.

“Ukuba nohlu lwezinto engizozenza kungisiza ukuba ngihleleke. Uma nginezinto eziningi okufanele ngizenze, mina nomama sibhala yonke into phansi ukuze sibone ukuthi singasizana kanjani ekufinyeleleni imigomo yethu.”—UMallory.

Okuyokusiza. Kubheke ngale ndlela: Ake sithi nihlela ukuthatha uhambo. Ilungu ngalinye lomkhaya limane liphonse isikhwama salo ebhuthini yemoto. Kubonakala sengathi ayikho indawo eyanele. Yini obungayenza? Ubungase ukhiphe zonke izinto uqale phansi, ufake izikhwama ezinkulu kuqala. Njengoba uqhubeka, kuvuleka isikhala sezikhwama ezincane.

Kunjalo nangokuphila kwakho. Uma uqala ngokugcwalisa ukuphila kwakho ngezinto ezincane, uba sengozini yokungasitholi isikhathi sezinto ezibalulekile. Hlela isikhathi sezinto ezinkulu kuqala, futhi uyomangala ukuthi siyoba siningi kangakanani isikhathi sokwenza okunye!—Filipi 1:10.

Yiziphi izinto ezibaluleke kakhulu okufanele uzenze?

․․․․․

Manje ake uhlehle, ubeke izinto ngohlelo—bhala izinombolo ngokulandelana ezintweni ezibalulekile okufanele uzenze. Uma wenza izinto ezinkulu kuqala, ungase umangale ukuthi siningi kangakanani isikhathi osala naso sokwenza izinto ezincane. Kodwa khumbula ukuthi ukwenza okuphambene nalokhu ngeke kukusize!

Lokho ongakwenza. Thola incwajana yokubhala izenzakalo, uhlele ukuthi yini okufanele uyenze. Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe enye yezindlela ezingezansi ingase ikusebenzele.

□ Ikhalenda likamakhalekhukhwini

□ Incwajana yokubhala izenzakalo

□ Ikhalenda le-computer

□ Ikhalenda elihlala etafuleni

Inselele #2 Ukunamathela Esimisweni

Okungase kukuvimbele. Uma uphuma esikoleni ufuna ukuphumula nje ubukele i-TV okwesikhashana. Noma uhlele ukutadisha, kodwa uthole umyalezo othi niye ebhayisikobho. Akunandlela yokuhlehlisa ibhayisikobho, kodwa ungakwazi ukutadisha namuhla kusihlwa. Uyacabanga: ‘Ngaphandle kwalokho, kubonakala ngenza kahle uma ngingaphansi kokucindezeleka.’

Isizathu sokuba ukwenze. Ungase uthole amamaki angcono uma utadisha lapho ingqondo yakho isaphapheme. Ngaphandle kwalokho, aziziningi yini kakade izingcindezi obhekene nazo? Kungani ufuna ukunezela kuzo ngokutadisha usujahile ebusuku? Kuyobe kunjani ngakusasa? Ungase uselwe, uzizwe ucindezeleke kakhulu, ubhuduzele mhlawumbe uze ushiywe yisikhathi sokufika esikoleni.—IzAga 6:10, 11.

Okushiwo ontanga yakho. “Ngiyakuthanda ukubukela i-TV, ukudlala isiginci, nokuchitha isikhathi nabangane. Lezi zinto azizimbi; kodwa ngezinye izikhathi zingenza ngihlehlise ukwenza izinto ezibalulekile, ngigcine sengibhuduzela.”—UJulian.

Okuyokusiza. Ungahleli nje izinto okufanele uzenze kuphela—hlela izinto okujabulelayo ukuzenza. UJulian uthi: “Kulula ukwenza izinto okufanele ngizenze, ngazi ukuthi kunezinto ezijabulisayo engihlele ukuzenza kamuva.”

Nanti elinye icebiso: Yiba nomgomo omkhulu, bese uba nemigomo emincane ongayifinyelela ukuze uqiniseke ukuthi usahamba ngohlelo. UJoey oneminyaka engu-16, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngingathanda ukuba umfundisi weBhayibheli wesikhathi esigcwele. Lowo mgomo uyangisiza ukuba nginamathele esimisweni sami manje sokulungiselela ukuphila okumatasa kamuva.”

Lokho ongakwenza. Imiphi imigomo embalwa engokoqobo ongayifinyelela kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo?

․․․․․

Imuphi umgomo ongokoqobo ongawufinyelela kule minyaka emibili ezayo, futhi yini okudingeka uqale ukuyenza manje ukuze ufinyelele lowo mgomo?

․․․․․

Inselele #3 Ukucoceka Nokuhleleka

Okungase kukuvimbele. Awuqiniseki ukuthi ukucoceka nokuhleleka kuhlobene ngani nokusebenzisa isikhathi sakho kangcono. Ngaphandle kwalokho, kubonakala kulula ukuba idlabha. Ungalihlanza kusasa ikamelo lakho—noma ungalithinti nhlobo! Awunankinga nalobu budlabha, ngakho akuyona ngempela into enkulu. Ingabe kunjalo ngempela?

Isizathu sokuba ukwenze. Ukuhlela yonke into futhi ucoceke kuyokongela isikhathi lapho ufuna izinto zakho. Lokhu kuyokusiza nokuba ube nokuthula kwengqondo okukhulu.—1 Korinte 14:40.

Okushiwo ontanga yakho. “Ngezinye izikhathi uma ngingenasikhathi sokubeka izingubo zami ngendlela ehlelekile, izinto engizidingayo zivele zilahleke!”—UMandy.

“Kwaphela isonto lonke ngingasitholi isikhwama sami semali. Ngacindezeleka kakhulu. Ngagcina ngisitholile lapho ngihlanza ikamelo lami.”—UFrank.

Okuyokusiza. Zama ukubuyisela izinto endaweni yazo ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ukubeka kahle izinto njalo kunokulinda kuze kube mafuhlufuhlu kuyokwenza kube lula uhlanza futhi kube lula ukuthola izinto.

Lokho ongakwenza. Zama ukuba inono. Gcina izinto zihlelekile, ubone ukuthi akukwenzi yini ukuphila kube lula.

Qala ngezinto ezincane—qala namuhla! Ikuphi ukusikisela okukulesi sihloko okube usizo kakhulu kuwe?

․․․․․

Ngizowazama la macebiso amasonto angu- ․․․․․ ngibone ukuthi ayasebenza yini.

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Umbhalo waphansi]

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Kudingeka ulale amahora amangaki ukuze ukwazi ukwenza izinto kahle?

◼ Ubani ongamcela ukuba akusize ngesimiso sakho?

◼ Uma usunaso kakade isimiso, iziphi izinguquko okungase kudingeke uzenze?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20, 21]

Esikhathini esingangesonto, intsha eneminyaka ephakathi kwengu-8 nengu-18 yachitha amahora ayo ngale ndlela:

17

nabazali

30

esikoleni

44

ibukele i-TV, idlala imidlalo yama-video, ithumelelana imiyalezo futhi ilalele nomculo

ISIKHATHI SAMI SIDLIWA YINI?

Hlanganisa amahora owachitha isonto ngalinye

ubukele i-TV: ․․․․․

udlala imidlalo yama-video: ․․․․․

usebenzisa i-computer: ․․․․․

ulalele umculo: ․․․․․

Ingqikithi: ․․․․․

Amahora okungaba lula ukuwasebenzisela izinto ezibalulekile: ․․․․․

[Isithombe ekhasini 20]

Uma wenza izinto ezincane kuqala, ngeke ube naso isikhathi sokwenza izinto ezibaluleke kakhulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela