Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/09 kk. 17-19
  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlukanisa Phakathi Kwamanga Neqiniso
  • Ukulawula Intukuthelo Yakho
  • Indlela Ongalawula Ngayo Intukuthelo
    I-Phaphama!—2015
  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?
    Intsha Iyabuza
  • Kungani Ngithukuthela?
    I-Phaphama!—1987
  • Umoya Omnene—Indlela Yokuhlakanipha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 9/09 kk. 17-19

Intsha Iyabuza

Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?

Uvame kangakanani ukucasuka?

□ Angikaze

□ Nyanga zonke

□ Masonto onke

□ Zonke izinsuku

Ubani okungenzeka ukuthi uvame ukukucasula?

□ Akekho

□ Izingane engifunda nazo

□ Abazali

□ Izingane zakithi

□ Abanye

Ngezansi, chaza isimo esikwenza ucasuke.

□ ․․․․․

UMA ufake ✔eduze kwelithi “Angikaze” noma elithi “Akekho,” wabe sewushiya ungabhalanga lutho esikhaleni sokugcina, siyakuhalalisela—uyakwazi ukulawula intukuthelo yakho!

Nakuba kunjalo, wonke umuntu usabela ngendlela ehlukile lapho ebhekene nezimo ezivivinyayo futhi ngandlela-thile sonke siyawenza amaphutha. Umlobi weBhayibheli uJakobe uthi: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jakobe 3:2) Empeleni, uma kuziwa endabeni yentukuthelo, ungase uzizwe njengoSerena oneminyaka engu-17.a Uthi: “Ngiba nesififane bese ngibhodlela kunoma ubani ozongicasula ngemva kwalokho. Kungaba abazali bami, udadewethu, ngisho nasenjeni yami!”

Ukuhlukanisa Phakathi Kwamanga Neqiniso

Ingabe ukuthola kunzima ukulawula intukuthelo yakho? Uma kunjalo, ungaluthola usizo. Kodwa okokuqala ake sidalule amanga.

◼ Amanga: “Angikwazi ukulawula intukuthelo yami—umkhaya wakithi unjalo!”

Iqiniso: Kungenzeka “uthambekele ekufuthekeni” mhlawumbe ngenxa yethonya lakini, indawo noma ngenxa yezinye izizathu. Kodwa lokho wena okwenzayo lapho uthukuthele kulawulwa nguwe. (IzAga 29:22) Umbuzo uwukuthi, Wena yini ofuna ukuyenza ngemizwa yakho—ukuyilawula noma ukuba ikulawule? Abanye baye bafunda ukululawula ulaka lwabo, nawe ungakwazi!—Kolose 3:8-10.

UmBhalo Oyisihluthulelo: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza.”—Efesu. 4:31.

◼ Amanga: “Uma ngicasukile kungcono ngikukhiphe kunokuba ngikuvalele ngaphakathi.”

Iqiniso: Zombili lezi zindlela zingayilimaza impilo yakho. Yiqiniso kunesikhathi ‘sokuzwakalisa’ ukukhathazeka kwakho. (Jobe 10:1) Kodwa lokhu akusho ukuthi ufane nebhomu elingaqhuma noma nini. Ungafunda ukuveza imizwa yakho ngaphandle kokufutheka.

UmBhalo Oyisihluthulelo: “Inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke, . . . izibambe.”—2 Thimothewu 2:24.

◼ Amanga: “Uma ngiba ‘mnene kubo bonke’ wonke umuntu uzogibela ekhanda lami.”

Iqiniso: Abantu bayazi ukuthi kudinga amandla ngempela ukuzithiba futhi bayokuhlonipha nakakhudlwana uma wenza kanjalo.

UmBhalo Oyisihluthulelo: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.

Ukulawula Intukuthelo Yakho

Uma unesififane, kungenzeka ukuthi kuze kube manje usola abanye ngokuqhuma kwentukuthelo yakho. Ngokwesibonelo, wake washo yini ukuthi, “Uyena ongicasulile” noma “Uyena ongenze ngahluthuka”? Uma kunjalo, wona kanye amazwi akho abonisa ukuthi imizwa yakho ilawulwa abanye. Ungakwazi kanjani ukuphinde ukwazi ukuyilawula? Zama lokhu okulandelayo.

Zithwalele umthwalo wakho. Okokuqala yazi ukuthi nguwe kuphela “ongazenza” ukuba ucasuke. Ngakho yeka ukukhomba abanye ngokucasuka kwakho. Esikhundleni sokuthi, “Uyena ongicasulile,” vuma ukuthi, ‘ngivumelé ukucasuka.’ Kunokuba uthi, “Uyena ongenze ngahluthuka,” vuma ukuthi, ‘ngivumele ukuhluthuka.’ Uma uvuma ukuthi uwena ohluleka ukulawula intukuthelo yakho uyoba sesimweni esingcono sokuyilawula.—Galathiya 6:5.

Bheka ukuthi inkinga iqala kanjani. IBhayibheli lithi: “Abantu abahlakaniphile bayayibona ingozi lapho isondela bayigweme, kodwa umuntu ongacabangi uyoqonda ngqo kuyo abese ezisola kamuva.” (IzAga 22:3, Today’s English Version) Isihluthulelo siwukubona ukuthi inkinga iqala kanjani. Zibuze, ‘Kunini lapho ngivame ukucasuka khona? Ngokwesibonelo, intombazane okuthiwa uMegan ithi: “Ngisebenza ebusuku, uma ngishayisa ngisuke ngikhathele ngiyingcuba. Kungaleso sikhathi lapho ngicasulwa khona cishe yinoma yini.”

Umbuzo: Kungaphansi kwaziphi izimo lapho ucasuka khona?

․․․․․

Zilungiselele ukuthi uyosabela kanjani kangcono. Lapho ucasukile, donsa umoya, yehlisa izwi. Kunokuba ubeke umuntu icala (“Sela ndini! Uthatha ijezi lami ungalicelanga!”) zama ukuveza ukuthi lokho akwenzayo kukuthinta kanjani. (“Kuyangicasula ngempela ukuthi uma ngifuna ukugqoka ijezi lami ngithole ukuthi ‘ulithathile’ ungangitshelanga.”)

Isivivinyo: Cabanga ngesehlakalo samuva esiye sakucasula.

1. Ubucasulwe yini?

․․․․․

2. Usabele kanjani? (Utheni/noma wenzenjani?)

․․․․․

3. Iyiphi indlela engcono obungasabela ngayo?

․․․․․

Cabanga ngemiphumela. Izimiso zeBhayibheli eziningana zingakusiza ukuba wenze lokho. Ngokwesibonelo:

◼ IzAga 12:18: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba.” Amazwi ayalimaza, futhi lapho uthukuthele ungase usho into oyozisola ngayo kamuva.

◼ IzAga 29:11: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uzigcina ezolile kuze kube sekugcineni.” Ekugcineni, nguwe obukeka uyisilima ngokukhipha yonke intukuthelo.

◼ IzAga 14:30: “Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” Ukuba nenhliziyo encane akunampilo! Intombazane egama layo lingu-Anita ithi: “Iningi labantu basekhaya linesifo sokuphakama komfutho wegazi, futhi ngenxa yokuthi ngisheshe ngicindezeleke, ngicabangisisa kahle ngaphambi kokuba ngicasuke.”

Siyini isifundo? Cabanga ngemiphumela yamazwi nezenzo zakho. UHeather oneminyaka engu-18 uthi: “Ngiyazibuza, ‘Kuthiwani uma ngimthukuthelela lo muntu? Uzocabangani ngami? Kuzobuthinta kanjani ubuhlobo bethu? Bengingazizwa kanjani uma umuntu othile enza okufanayo nakimi?’” Ungazibuza imibuzo efanayo ngisho nangaphambi kokukhuluma noma kokuthumela umyalezo—mhlawumbe ngencwadi, ngocingo, noma ngomakhalekhukhwini noma nge-e-mail.

Umbuzo: Yini engenzeka lapho othile ekucasula bese umphendula ngokuthumela umyalezo ovuthayo?

․․․․․

Thola usizo. IzAga 27:17 zithi: “Abantu bafunda komunye nomunye, njengoba nje nensimbi ilola insimbi.” (TEV) Kunganjani ubuze umzali noma umngane ovuthiwe ukuthi yena uzigcina kanjani ezolile?

Bheka intuthuko oyenzayo. Bhala phansi, futhi ubheke ukuthi uthuthuka kanjani. Isikhathi ngasinye uhluleka ukuzibamba, bhala (1) lokho okwenzekile, (2) indlela osabele ngayo, (3) nendlela obungasabela ngayo kangcono. Njengoba isikhathi siqhubeka, uyothola ukuthi indlela engcono osabela isiyazenzekela!

Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala eNgosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

Ngezinye izikhathi ngisho nabantu esasingacabangi ukuthi bangacasuka bake bacasuka okwesikhashana. Yiziphi izifundo esingazithola kulezi zibonelo?

◼ UMose—Numeri 20:1-12; IHubo 106:32, 33.

◼ UPawulu noBarnaba—IzEnzo 15:36-40.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 18]

LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YENU

“Ukubhala indlela engizizwa ngayo encwadini yami yezenzakalo zansuku zonke—noma ukuxoxa nomama—kungigcina ngizolile.”—U-Alexis, e-United States.

“Uma ngicindezeleke kakhulu, ukuphumela phandle ngihambe ngokushesha kungenza ngibhodle futhi kungenze ngikwazi ukucabanga.”—U-Elizabeth, e-Ireland.

“Ngiyazisusa ngeso lengqondo kuleso simo bese ngizibuza, ‘Kungenzekani uma ngingaqala ukuthetha?’ Ngaso sonke isikhathi ngithola ukuthi ngeke kungisize ngalutho!”—UGraeme, e-Australia.

[Ibhokisi ekhasini 18]

INGABE BEWAZI?

Ngezinye izikhathi, uNkulunkulu uyathukuthela. Nakuba kunjalo, uhlale enobulungisa futhi uyakwazi ukuzibamba. Akalokothi ahluthuke!—Bheka u-Eksodusi 34:6; Duteronomi 32:4; no-Isaya 48:9.

[Isithombe ekhasini 19]

Nguwena ozinqumelayo ukuthi uyafuna yini ukuba intukuthelo ivuthe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela