IziQhingi ZaseFaeroe—Zixhumana Ngendlela Engavamile
IZIQHINGI zaseFaeroe, ezakhiwa yiziqhingi ezincane ezisondelene ezingu-18 emanzini ayaluzayo eNyakatho Atlantic, zinabantu abakhuluma ulimi okuthiwa isiFaeroese. Kulezi ziqhingi ezinhle ngokumangalisayo, kunezintaba ezimazombezombe ezingasolwandle. Eduze nolwandle, kunamadolobhana anezindlu ezipendwe ngemibala eminingi. Ehlobo, ayacwebezela amagquma ambozwe utshani obuluhlaza ngendlela engenakulinganiswa.
Nakuba abantu abangu-48 000 abahlala kulezi ziqhingi besebenza njengomphakathi owodwa, lokhu bekungelula neze. Kwakusetshenziswa izikebhe ukuze kuthuthwe abantu nempahla ukusuka kwesinye isiqhingi kuya kwesinye. Ukuya kwelinye idolobhana kwakuhilela ukuhamba ngezinyawo uqombole izintaba futhi udabule emihosheni ejulile. Kwakuwumsebenzi onzima ukwakha indlu ngenxa yokuthi zonke izinto zokwakha zazilethwa ngesikebhe. Ngaphambi kokwakha, kwakudingeka kulandwe izinto zokwakha echwebeni elincane elingasogwini ziyiswe edolobhaneni.
Abantu Bokuqala Kule Ndawo
Umlando wokuqala okhona weziQhingi ZaseFaeroe wabhalwa yindela yase-Ireland cishe ngo-825 C.E. Ithi kwake kwaba nezindela zase-Ireland ezazihlala zodwa kulezi ziqhingi eminyakeni engaphezu kwekhulu ngaphambi kwayo. Kodwa, ukuhlala kwabantu kulezi ziqhingi kuthiwa kwaqala ngokufika kukaGrímur Kamban waseNorway, ekuqaleni kwekhulu lesi-9.
Nakuba abantu bokuqala kule ndawo babeziphilisa ngokudoba, lezi zifiki zaqala ukufuya izimvu. NgesiFaeroese igama elithi Føroyar (iziQhingi ZaseFaeroe) lisho “Iziqhingi Zezimvu,” futhi namanje ukufuya izimvu kuseyinto ebalulekile. Uvolo uye waba yisivikelo emoyeni, emvuleni nasemakhazeni. Empeleni, kwakuthiwa ‘uvolo uyigolide labantu baseFaeroe.’
Ngisho nanamuhla, ziningi izimvu kunabantu kulezi ziqhingi. Izimvu zihlatshwa ngendlela yesiko lakhona, inyama ilengiswa emashede angena umoya ukuze yome. Lokhu kwenza inyama ibe isibiliboco esehla esiphundu.
Njengoba kungase kulindeleke ngomphakathi omncane ongawodwa, amaFaeroe azizwa enobunye ngenxa yobudlelwane obuqinile obakheka phakathi kwabantu abancike komunye nomunye ukuze baphile. Lowo muzwa usekhona nanamuhla ngenxa yezindlela zesimanje zokuhamba nezokuxhumana ezenza kube lula ngabantu bakulezi ziqhingi ukuba baxhumane.
Ukuhlanganiswa Ngemihubhe
Ngo-1963, kwavulwa umhubhe wokuqala eFaeroes. Wawudabula intaba eseningizimu ekude yesiqhingi, iSuðuroy eyayihlanganisa amadolobhana amabili. Ukwakhiwa kwalo mhubhe okwakuhlanganisa ukumba, ukubhoboza nokuqhumisa ngodalimede, kwenziwa ngesikhathi esifanayo kuzo zombili izinhlangothi zentaba.
Umhubhe osanda kwakhiwa muva nje, uwumgwaqo osekujuleni kolwandle ngamamitha angu-150 ohlanganisa iziqhingi ezimbili ezinkulu. Lapho kumbiwa, kwasetshenziswa umshini ongamamitha amahlanu ubude ukuze ubhoboze idwala elikhulu. Labe seliqhunyiswa ngodalimede ekugcineni kwembobo. Ngemva kwalokho, kwasuswa amatshe namadwala ukuze kuvuleke ingxenye yomhubhe engamamitha amahlanu ubude. Le nqubo yaphindaphindwa kwaze kwaba yilapho umhubhe usungamakhilomitha ayisithupha ubude. Izimoto zavulelwa ukuhamba kuwo ngo-April 29, 2006.
Manje iziQhingi ZaseFaeroe zinemihubhe engu-18, emibili yayo ingaphansi kolwandle futhi ixhumanisa iziqhingi. Alikho elinye izwe emhlabeni elinemihubhe engamakhilomitha amaningi ukudlula isibalo sabantu bendawo. Kodwa, kuseneminye imihubhe okuhlelwa ukuba yakhiwe. Iphalamende linqume ukwakha eminye emibili phakathi kweziqhingi ezinkulu. Omunye wayo okulindeleke ukuba uphele ngo-2012, uyobe ungamakhilomitha angu-11,9 ubude, okuyowenza ube omunye wemihubhe emide kunayo yonke emhlabeni ehamba ngaphansi kwamanzi.
Obunye Ubudlelwane Obuyingqayizivele
EziQhingini ZaseFaeroe kunelinye iqembu labantu elihlanganiswa ubudlelwane obuhlukile—ubudlelwane obuqinile obungokomoya obuphakathi koFakazi BakaJehova. OFakazi bokuqala abavakashela lezi ziqhingi—abesifazane ababili abazinikele abafika bevela eDenmark ngo-1935—bachitha lonke ihlobo bengena umuzi ngomuzi bephethe isigijimi seBhayibheli esimayelana noMbuso kaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abantu bakulezi ziqhingi basamukela lesi sigijimi esikhuthazayo nabo bahlanganyela ekushumayeleni.—Mathewu 24:14.
Namuhla, kunoFakazi abangaba yikhulu abahlangana ndawonye ukuze baqhube imihlangano yabo emaHholo OMbuso amane akulezi ziqhingi. Bafeza inkonzo yabo ngentshiseko, besizwa imigwaqo nemihubhe emihle exhumanisa lezi ziqhingi ezinhle eziseNyakatho Atlantic eyaluzayo.
[Isithombe ekhasini 17]
Lo mhubhe uwumgwaqo ojule ngamamitha angu-150 ngaphansi kolwandle futhi uhlanganisa iziqhingi ezimbili ezinkulu