Umbono WeBhayibheli
Angobani Amademoni?
IZIPOKI, imingcwi, imikhovu namademoni kuyimimoya abantu bezinkolo ezihlukahlukene abakholelwa kuyo nabayibheka njengewusizo, njengeyingozi noma kokubili. Abanye bathi ukukholelwa emimoyeni kumane nje kuyinkolelo-ze noma kuwukuzikhohlisa. Lithini iBhayibheli?
IBhayibheli lifundisa ukuthi uMdali ngokwakhe unguMoya nokuthi indalo yakhe yokuqala kwakuyimimoya. (Johane 4:24; Hebheru 1:13, 14) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli likhuluma ngemimoya emibi, ngezinye izikhathi eliyibiza ngokuthi amademoni. (1 Korinte 10:20, 21; Jakobe 2:19) Kodwa alifundisi ukuthi uNkulunkulu wadala amademoni. Pho-ke, angobani futhi aba khona kanjani?
“Izingelosi Ezona”
Lapho uNkulunkulu edala izidalwa zomoya, wazenza zaba nenkululeko yokuzikhethela, amandla okuzikhethela ukwenza okuhle noma okubi. Ngokudabukisayo, ngemva kokudalwa komuntu, isibalo esingaziwa sezingelosi sakhetha ukwenza okubi ngokuvukela uNkulunkulu.
Umoya wokuqala owavukela owaba nedumela elibi kwakunguSathane. UJesu Kristu wathi: “Akazange ame aqine eqinisweni.” (Johane 8:44) Yini eyashukumisela uSathane ukuba avukele uNkulunkulu? Waqala ukuhahela ukukhulekelwa okwakufanele uMdali kuphela, wabe esenza ngokuvumelana naleso sifiso ngokuzenza unkulunkulu omelene noMdali. Ngale ndlela wazenza “uSathane,” igama elisho “umphikisi.” Emakhulwini eminyaka kamuva, ngaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa, ezinye izingelosi zalandela uSathane, zalahla isikhundla sazo ezulwini ukuze zibe abantu zihlale emhlabeni. (Genesise 6:1-4; Jakobe 1:13-15) Lapho kufika uZamcolo, kusobala ukuthi “izingelosi ezona” ezaziziphendule abantu zabuyela endaweni yomoya. (2 Petru 2:4; Genesise 7:17-24) Ngokuhamba kwesikhathi, zabizwa ngokuthi amademoni.—Duteronomi 32:17; Marku 1:34.
Lezi zingelosi ezingalalelanga manje zazithola zisesimweni esihluke ngokuphelele kuleso ezazisijabulela zingakavukeli. UJude 6 ufundeka kanje: “Nezingelosi ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele [uNkulunkulu] uzigcine ngezibopho ezingunaphakade ngaphansi kwesigayegaye, uzigcinele ukwahlulelwa kosuku olukhulu.” Yebo, uNkulunkulu akazange awavumele amademoni ukuba ajabulele amalungelo ayenawo ngaphambili ezulwini kodwa wawafaka “emigodini yesigayegaye” engokomfanekiso, ahlukaniswa ngokuphelele nokukhanya okungokomoya.
‘Adukisa Umhlaba Wonke Owakhiwe’
Nakuba ngokusobala enqatshelwe ukuziphendula abantu benyama, amademoni asenamandla nethonya elikhulu ezingqondweni nasekuphileni kwabantu. Empeleni, uSathane ekanye nebutho lakhe lamademoni, ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9; 16:14) Kanjani? Ngokuyinhloko, ‘ngezimfundiso zamademoni.’ (1 Thimothewu 4:1) Lezi zimfundiso zamanga, ngokuvamile ezihlobene nenkolo, ziye zaphuphuthekisa izigidi zabantu zangalibona iqiniso ngoNkulunkulu. (2 Korinte 4:4) Cabangela izibonelo ezimbalwa.
● Imfundiso yokuthi abafileyo basaphila. Esebenzisa imibono, amazwi nezenzo zobuqili, amademoni akhohlisa abantu ukuze bakholelwe ukuthi abaphilayo bangaxhumana nabafileyo. Ngaphezu kwalokho, leli qhinga libonakala lifakazela amanga okuthi umphefumulo uyasinda lapho umzimba ufa. Nokho, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi: ‘Abafileyo abazi lutho.’ (UmShumayeli 9:5, 6) Njengoba ‘behlele ekuthuleni,’ abakwazi ngisho nokudumisa uNkulunkulu.—IHubo 115:17.a
● Ukuntuleka kwezindinganiso zokuziphatha. Eyoku-1 Johane 5:19 ithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” USathane namademoni akhe basebenzisa kabi amandla abo ngokusebenzisa imithombo yezindaba nezinye izindlela ukuze basakaze umbono omubi wokuthi abantu kufanele banelise izifiso zenyama ezonakele. (Efesu 2:1-3) Ngenxa yalokho, ukuziphatha okubi kwanoma iluphi uhlobo, kuhlanganise nemikhuba esontekile yobulili, kudlangile namuhla. Ukuziphatha okunjalo kuze kubhekwe njengento evamile, kanti izindinganiso zeBhayibheli zivame ukubhekwa njengeziyisidala noma ezicindezelayo.
● Ukukhuthazwa kokusebenzelana nemimoya. Umphostoli uPawulu wahlangana nencekukazi ‘eyayinedemoni lokubhula,’ elaliyenza ikwazi “ukunikeza amakhosi ayo inzuzo enkulu ngokusebenzisa ubuciko bokubikezela.” (IzEnzo 16:16) Njengoba ayeqaphela umthombo wamakhono ayo angaphezu kwemvelo, uPawulu wenqaba ukuyilalela le ntombazane. Ngaphezu kwalokho, wayengafuni ukucasula uNkulunkulu, obheka zonke izinhlobo zokusebenzelana nemimoya njengesinengiso—okuhlanganisa ukufunda izinkanyezi nokucela usizo lwemimoya.—Duteronomi 18:10-12.
Zivikele Emademonini
Ungazivikela kanjani emimoyeni emibi? IBhayibheli liyaphendula: “Zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.” (Jakobe 4:7) Silalela lowo myalo uma siphila ngokuvumelana nezimfundiso ezitholakala eBhayibhelini, eliwukuphela kwencwadi engcwele emdalula ngokuphelele uSathane, amademoni ‘nezenzo zabo zobuqili.’ (Efesu 6:11, umbhalo waphansi we-NW; 2 Korinte 2:11) IBhayibheli lisitshela nokuthi imimoya emibi, kanye nabo bonke abamelene noNkulunkulu, ngeke baphile phakade. (Roma 16:20) IzAga 2:21 zithi: “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo.”
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuphathelene nesimo sangempela sabafileyo nethemba leBhayibheli lovuko, siza ubheke isahluko 6 no-7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Ingabe nguNkulunkulu owadala amademoni?—2 Petru 2:4.
● Ungakwazi yini ukukhuluma nabafileyo?—UmShumayeli 9:5, 6.
● Ungazivikela kanjani emademonini?—Jakobe 4:7.
[Isithombe ekhasini 21]
Amademoni azama ukuthonya abantu ngezindlela eziningi