“Ngakhula Ngingakholelwa KuNkulunkulu”
UPROFESA František Vyskočil waseCharles University, ePrague, waziwa emhlabeni wonke ngocwaningo lwakhe lwesayensi yokusebenza kwezinzwa. Wayengakholelwa kuNkulunkulu, kodwa manje usekholelwa ngokuqinile kuYe. Lapho exoxa ne-Phaphama! uProfesa Vyskočil uyachaza ukuthi kungani ashintsha umbono wakhe.
Wawuyini umbono wakho ngenkolo ngaphambi kokuba uqale emkhakheni wesayensi?
Ngakhuliswa abazali abangakholelwa kuNkulunkulu, futhi ubaba wayevame ukubagcona abaholi benkolo. Ngaphothula ekolishi ngo-1963 ngathola iziqu zesayensi yezinto eziphilayo nokuthakwa kwamakhemikhali. Ngesikhathi ngisafunda isikole, ngangikholelwa ukuthi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo yayibuchaza ubunkimbinkimbi bokuphila.
Ake usithi fahlafahla ngomkhakha wakho wezesayensi.
Ngemva kokuthola iziqu zami zobudokotela, ngafunda ngezakhi zamakhemikhali nogesi ezitholakala ezinhlakeni zokuxhumana kwezakhi zezinzwa. Ngafunda nangenqubo yokusebenza kwezinzwa, ulwelwesi oludlulisa uketshezi emzimbeni, ukufakelwa kwezitho nemithi ebulala izinzwa. Miningi imiphumela yalokhu eye yanyatheliswa futhi ezinye izihloko ziye zabhekwa njengezidl’ ubhedu. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaba yilungu le-Learned Society of the Czech Republic, okuyiqembu lososayensi abakhethwa ozakwabo. Ngo-December 1989 ngemva kwe-“Velvet Revolution,” ngathola iziqu zokuba nguprofesa eCharles University futhi ngavunyelwa ukuya emazweni aseNtshonalanga ukuze ngihlangane nozakwethu kwezesayensi, abanye babo ababezuze umklomelo kaNobel.
Wawuke ucabange ngoNkulunkulu?
Yebo, ngezinga elithile. Ngezinye izikhathi, ngangike ngizibuze ukuthi kungani abantu abafunde kakhulu kuhlanganise nabanye boprofesa bami babekholelwa kuNkulunkulu—nakuba babengakuvezi obala lokho ngenxa yombuso wobuKhomanisi. Kodwa, kimi uNkulunkulu wayeyinto nje esungulwe abantu. Zazingicasula nezinto ezimbi ezazenziwa egameni lenkolo.
Kwenzeka kanjani ukuba ushintshe umbono wakho ngokuziphendukela kwemvelo?
Ukungabaza kwami ngokuziphendukela kwemvelo kwaqala lapho ngifunda ngezinhlaka zokuxhumana kwezakhi zezinzwa. Kwangihlaba umxhwele ukuba yinkimbinkimbi kokuxhumana okuphakathi kwamangqamuzana ezinzwa okubonakala kulula. Ngazibuza, ‘Kungenzeka kanjani ukuba ukuxhumana kwezakhi zezinzwa nokwaziswa kwezakhi zofuzo okuzilawulayo kube umphumela wento eyenzeka ngengozi?’ Kwakuyinto engenangqondo ngempela.
Khona-ke ekuqaleni kwawo-1970, ngalalela inkulumo eyayinikezwa usosayensi noprofesa odumile waseRussia. Wathi izinto eziphilayo akunakwenzeka zibe umphumela wokuzihlela nokuzivumelanisa kwemvelo. Othile ezilalelini wabe esebuza ukuthi ikuphi impendulo. Uprofesa wakhipha iBhayibheli elincane lesiRashiya ebhantshini lakhe wabe eseliphakamisa wathi, “Funda iBhayibheli—ikakhulukazi indaba yendalo ekuGenesise.”
Kamuva, lapho sesisegumbini lokwamukela izivakashi ngabuza uprofesa ukuthi ubeqinisile yini ngalokho abekusho ngeBhayibheli. Waphendula wathi: “Ibhaktheriya nje elivamile lingahlukana njalo ngemva kwemizuzu engu-20 futhi libe namanye amaprotheni angamakhulu, ngalinye lawo libe nezinhlobo ezingu-20 zama-amino acid ahlelwe njengeketanga elide lamaprotheni abalelwa emakhulwini amaningi. Ukuze ibhaktheriya elilodwa lishintshe libe ngenye inhlobo ngenqubo yokushintsha kwezakhi zamangqamuzana ezakhi zofuzo ngokuziphendukela kwemvelo, lokho bekungathatha iminyaka engaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezintathu noma ezine okuyisibalo seminyaka kusukela kwaba nokuphila emhlabeni ngokwenkolelo yososayensi.” Unomuzwa wokuthi incwadi yeBhayibheli kaGenesise, inikeza incazelo enengqondo.
Akuthinta kanjani la mazwi kaprofesa?
Lokho ayekubonile, kuhlanganise nokungabaza kwami kwangishukumisela ukuba ngixoxe nabanye ozakwethu nabangane abangamakholwa, kodwa ayizange ingigculise imibono yabo. Ngabe sengikhuluma nesazi sesayensi yokuthakwa kwemithi esinguFakazi KaJehova. Kwaphela iminyaka emithathu sichazela mina nomkami u-Ema ngeBhayibheli. Zimbili izinto ezasimangaza. Okokuqala, ukuthi “uKhisimusi” awuhlangene nhlobo neBhayibheli. Okwesibili, ukuthi nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yesayensi, empeleni liyavumelana nesayensi yangempela.
Ingabe ukushintsha kombono wakho kuye kwalukhinyabeza ucwaningo lwakho lwesayensi?
Lutho neze. Usosayensi okhaliphile, kungakhathaliseki ukuthi yini ayikholelwayo, kufanele abe nomgomo. Kodwa ukholo lwami lungishintshile. Okokuqala nje, esikhundleni sokuzethemba ngokweqile, ngincintisane nabanye, futhi ngizazise ngekhono lami kwezesayensi, ngibonga uNkulunkulu ngekhono okungenzeka ukuthi nginalo. Kunokuba ngithi imiklamo emangalisayo ebonakala endalweni yaba khona ngengozi, mina nabanye ososayensi abambalwa siyazibuza, ‘UNkulunkulu wakuklama kanjani lokhu?’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Mina nabanye ososayensi abambalwa siyazibuza, ‘UNkulunkulu wakuklama kanjani lokhu?’