Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/11 kk. 6-9
  • Usizo Kwabasosizini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usizo Kwabasosizini
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Kuvumele Ukudabuka!”
  • “Ungakuvumeli Kukubuse”
  • Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • Ingabe Kuvamile Ukuba Lusizi Njengami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ukubhekana Nokufelwa
    I-Phaphama!—2011
  • Ngingabhekana Kanjani Nokufelwa Umzali?
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 4/11 kk. 6-9

Usizo Kwabasosizini

“UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni.”—IHubo 34:18.

NGEMVA kokushonelwa othandekayo, ungase ukhungathwe imizwelo ecindezelayo ehlanganisa ukushaqeka, ukuba ndikindiki, ukudabuka ngisho nomuzwa wecala noma intukuthelo. Njengoba kubonisiwe esihlokweni esandulele, abantu abadabuki ngendlela efanayo. Ngakho-ke, ungase ungabi nayo yonke le mizwa, futhi ukudabuka kwakho ungase ungakubonisi ngendlela abanye abakubonisa ngayo. Noma kunjalo, uma udinga ukuveza indlela odabuke ngayo, akuyona into embi ukwenza kanjalo.

“Kuvumele Ukudabuka!”

UHeloisa, udokotela oke wacashunwa ngaphambili, wazama ukuyicindezela imizwa yakhe ngemva kokufa kukanina. Uthi, “Ngaqale ngakhala, kodwa ngokushesha ngabe sengiyicindezela imizwa yami—ngendlela engangeza ngayo lapho kushone esinye seziguli zami. Cishe yilokho okwangenza ngagula kakhulu. Iseluleko sami kulabo abashonelwe othandekayo yilesi: Kuvumele ukudabuka! Yiveze imizwa yakho. Uyozizwa ungcono.”

Nokho, njengoba kudlula izinsuku namasonto, ungase uzizwe njengoCecília umyeni wakhe owabulawa umdlavuza. Uthi, “Ngezinye izikhathi ngiyadumala ngoba kubonakala sengathi angikufinyeleli lokho okulindelwe abanye abacabanga ukuthi kufanele ngabe sengixolile.”

Uma kuwukuthi uke ucabange kanjalo, zama ukukhumbula ukuthi ayikho indlela okuyiyona “efanele” yokudabuka. Abanye bayakwazi ukuqhubeka nokuphila kwabo kalula nje. Abanye abakwazi. Ezimweni ezinjalo, le nqubo akufanele isheshiswe, ngakho ungazizwa uphoqekile ukubeka usuku “oluwumnqamulajuqu” okufanele lufike usuzizwa kangcono.a

Kodwa kuthiwani uma ukudabuka kubonakala kungapheli futhi usuphelelwa nayithemba? Mhlawumbe indlela ozizwa ngayo ifana nekaJakobe indoda elungile okwathi lapho itshelwa ukuthi indodana yayo uJosefa ifile, ‘yalokhu inqaba ukududuzeka.’ (Genesise 37:35) Uma uzizwa ngaleyo ndlela, ungathatha ziphi izinyathelo ezingakusiza ukuze ungagajwa usizi?

Zinakekele. UCecília uthi, “Ngezinye izikhathi ngizizwa ngikhathele ngiyingcuba bese ngiyabona ukuthi ngeqisile.” Njengoba amazwi akhe ebonisa, ukudabuka kungakhathaza kakhulu, ngokomzimba nangokomzwelo. Ngakho-ke, uyobe wenza kahle uma uyinaka impilo yakho. Phumula ngokwanele, futhi udle ukudla okunomsoco.

Kuyavunywa ukuthi ungase ungakuthandi kahle ukudla, ingasaphathwa eyokuya ezitolo noma ukupheka. Noma kunjalo, ukungadli ngendlela efanele kungakwenza usheshe ungenwe izifo, futhi lokho kuyonezela osizini lwakho. Zama okungenani ukudla ukudla okuncane izikhawu eziningana ukuze uhlale uphilile.b

Uma kungenzeka, vivinya umzimba ngandlela-thile, ngisho nangokuhamba nje. Ukuvivinya umzimba kungakwenza uphume endlini. Ngaphezu kwalokho, ukuvivinya umzimba ngokulinganisela kungawenza ukhiphe ama-endorphin, ikhemikhali esengqondweni engakwenza uzizwe ungcono.

Lwamukele usizo lwabanye. Lokhu kubaluleke kakhulu uma ushonelwe obushade naye. Mhlawumbe kunemisebenzi eminingi abeyinakekela, kodwa manje akasekho umuntu oyinakekelayo. Ngokwesibonelo, uma obushade naye ebenakekela izimali noma imisebenzi yasendlini, ungaqale ukuthole kunzima ukuzenzela leyo misebenzi. Ezimweni ezinjalo, iseluleko sabangane abacabangelayo singakusiza kakhulu.—IzAga 25:11.

IBhayibheli lichaza umngane weqiniso ‘njengozalelwe isikhathi sosizi.’ (IzAga 17:17) Ngakho ungabi ngunkom’ idla yodwa, uzitshele ukuthi uzoba umthwalo kwabanye. Kunalokho, ukuzihlanganisa nabanye kungaba indlela engcono yokukusiza udlule enkathini yokudabuka. Ngemva kokushonelwa unina, owesifazane ogama lakhe linguSally wakuthola kumkhuthaza kakhulu ukuzihlanganisa nabanye. Uthi, “Abangane bami abaningi babengimema emibuthanweni yabo. Lokho kwangisiza ngabhekana nomzwangedwa ojule kakhulu enganginawo. Ngangijabula kakhulu uma abantu bengibuza imibuzo elula enjengokuthi, ‘Ubhekana kanjani nokushona kukamama wakho?’ Ngathola ukuthi ukukhuluma ngomama kwangisiza ngalulama.”

Ungazigwemi izinkumbulo. Zama ukukhumbula izinto ezijabulisayo owawuzenza nothandekayo wakho, mhlawumbe ngokubuka izithombe. Kuyiqiniso ukuthi ukukhumbula lezi zikhathi kungase kube buhlungu ekuqaleni. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, lezo zinkumbulo zingakusiza ukuba ululame kunokuba zikulimaze.

Ungase uzame ngisho nokuba nencwadi obhala kuyo izinto ezenzeka. Ungabhala izinto ezijabulisayo ozikhumbulayo, ungaze ubhale ngisho nezinto ofisa sengathi ngabe wazisho komthandayo ngesikhathi esaphila. Kungase kube lula ukuyiqonda kahle imizwa yakho uma uyibona ephepheni. Ukubhala kungase kukusize nokuba uveze imizwelo yakho.

Kuthiwani ngokugcina izinto eziyisikhumbuzo? Imibono iyahluka kulokhu, futhi-ke lokho akumangazi ngoba abantu abadabuki ngendlela efanayo. Abanye banomuzwa wokuthi ukugcina izinto ezizobakhumbuza kuyisithiyo ekululameni. Abanye bakuthola kuwusizo. USally oke wacashunwa ngaphambili uthi, “Ziningi izinto zikamama engiye ngazigcina. Kuyindlela enhle yokubhekana nokushona kwakhe!”c

Thembela “kuNkulunkulu wenduduzo yonke.” IBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHubo 55:22) Ukuthandaza kuJehova akuyona nje indlela yokudambisa ukudabuka. Kuyindlela engokoqobo nesemqoka yokukhuluma “noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.”—2 Korinte 1:3, 4.

IZwi likaNkulunkulu iBhayibheli, linikeza induduzo enkulu kunayo yonke. Umphostoli uPawulu ongumKristu wathi: ‘Nginethemba kuNkulunkulu, lokuthi luyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.’ (IzEnzo 24:15) Ukucabanga ngethemba lovuko elisekelwe eBhayibhelini, kungaba induduzo enkulu lapho usosizini lokufelwa othandekayo.d Leli yiqiniso elifakazelwa uLauren, owesifazane owashonelwa umfowabo omncane engozini. Uthi, “Kungakhathaliseki ukuthi ngangizizwa kabuhlungu kangakanani, ngangithatha iBhayibheli ngilifunde, ngisho noma kuyivesi elilodwa nje. Ngangikhetha amavesi ayengikhuthaza kakhudlwana, futhi ngangiwafunda ngokuphindaphindiwe. Ngokwesibonelo, angiduduza amazwi kaJesu ayewabhekise kuMartha ngemva kokufa kukaLazaru. Wathi: ‘Umfowenu uzovuka.’”—Johane 11:23.

“Ungakuvumeli Kukubuse”

Nakuba kuyinselele, ukubhekana nokudabuka kuyokusiza uqhubeke nokuphila. Ungazizwa unecala njengokungathi uma uqhubeka nempilo uyobe awuthembekile kothandekayo wakho noma uyamkhohlwa. Iqiniso liwukuthi awusoze wamkhohlwa umuntu omthandayo. Ngezinye izikhathi izinkumbulo zingase zibuye ngamandla, kodwa kancane kancane izimpawu zokucindezeleka ziyodamba.

Ungase ukwazi nokukhumbula izinto ezibuhlungu nezidabukisayo ngokwazisa. Ngokwesibonelo, u-Ashley, ocashunwe esihlokweni esandulele uthi: “Ngiyalukhumbula usuku olwandulela olokushona kukamama. Wayebonakala engcono, futhi kwakungokokuqala evuka embhedeni ngemva kwezinsuku eziningi. Njengoba udadewethu ayemkama izinwele, sobathathu sahleka okuthile, futhi ngambona emamatheka ngemva kwesikhathi eside agcina. Wayeneliseke kakhulu ngokuba namadodakazi akhe.”

Uyokwazi nokukhumbula izifundo ezibalulekile owazifunda ngesikhathi esaphila lowo omthandayo. Ngokwesibonelo, uSally uthi: “Umama wayefundisa ngendlela emangalisayo. Wayenikeza iseluleko esihle ngaphandle kokusenza sizwakale siyiseluleko, futhi wangifundisa indlela enhle yokuzenzela izinqumo hhayi nje lokho okushiwo nguye noma ubaba.”

Ukukhumbula umuntu omthandayo kungaba yikona kanye okudingayo ukuze uqhubeke nempilo. Yilokho insizwa okuthiwa u-Alex eyakuthola. Uthi: “Ngemva kokushona kukababa, ngazitshela ukuthi ngizophila ngendlela angifundisa ngayo—ngingakhohlwa ukujabulela ukuphila. Kulabo abaye bashonelwa abazali babo, ngingathi: Awusoze wakudlulisa ngokuphelele ukufa komzali, kodwa akufanele ukuvumele kukubuse. Khala futhi udabuke njengoba kumelwe kube njalo, kodwa ungakhohlwa ukuthi kusafanele ukusebenzise ngokugcwele ukuphila kwakho.”

[Imibhalo yaphansi]

a Kulesi simo, kuyoba ngcono ukugwema ukwenza izinqumo ngokuxhamazela, njengokuthuthela emzini omusha noma ukuthandana nothile. Ushintsho olunjalo kufanele lwenziwe kuphela uma usuzinike isikhathi esanele sokuzivumelanisa nesimo esisha ekuphileni kwakho.

b Nakuba utshwala bungabunciphisa ubuhlungu bokufelwa, kodwa usizo lwabo olwesikhashana. Ngokuhamba kwesikhathi, utshwala ngeke bukusize ekubhekaneni nokudabuka, futhi ungagcina usuyisidakwa.

c Njengoba umuntu ngamunye edabuka ngendlela engafani neyabanye, abangane nezihlobo akufanele bazame ukuphoqelela imibono yabo kule ndaba kumuntu oshonelwe.—Galathiya 6:2, 5.

d Ukuze uthole okwengeziwe ngesimo sabafileyo nesithembiso sikaNkulunkulu sovuko, bheka izahluko 6 no-7 kwethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

“Kungakhathaliseki ukuthi ngangizizwa kabuhlungu kangakanani, ngangithatha iBhayibheli ngilifunde, ngisho noma kuyivesi elilodwa nje”—ULauren

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

UKUBHEKANA NOMUZWA WOKUBA NECALA

Mhlawumbe unomuzwa wokuthi ukuyekelela kwakho okuthile kube nengxenye ekufeni komuntu omthandayo. Ukuqaphela ukuthi ukuba nomuzwa wecala—kungakhathaliseki ukuthi umuzwa ofanele noma umcabango nje—kuyindlela evamile yokusabela osizini engaba usizo ngokwayo. Nalapha futhi, ungabi nomuzwa wokuthi kufanele uyigcine kuwe imizwa enjalo. Ukukhuluma ngokuthi uzizwa unecala kanjani kungaba yindlela edingeka kakhulu yokukhipha usizi.

Nokho, qaphela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi simthanda kangakanani omunye umuntu, ngeke sikwazi ukulawula ukuphila kwakhe, singeke sikwazi nokuvimbela “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile,” ukuba kwehlele esibathandayo. (UmShumayeli 9:11) Ngaphandle kwalokho, akungabazeki ukuthi wawungenazo izisusa ezimbi. Ngokwesibonelo, ngokungamphuthumisi kudokotela, ingabe wawuhlose ukuba umuntu omthandayo agule futhi afe? Akunjalo neze! Ingabe-ke unecala ngempela ngokufa kwakhe? Cha.

Omunye umama wafunda indlela yokubhekana nomuzwa wokuba necala ngemva kokufa kwendodakazi yakhe engozini yemoto. Uyachaza: “Ngazizwa nginecala lokuthi yimina engangithe akahambe. Kodwa ngaqaphela ukuthi kwakungenangqondo ukuzizwa ngaleyo ndlela. Kwakungekho lutho olungalungile ngokuthi akahambe noyise ukuze benze okuthile. Kwakumane nje kuyingozi embi kakhulu.”

Ungase uthi, ‘Kodwa kunezinto eziningi engifisa sengathi ngabe ngazisho noma ngazenza.’ Yiqiniso, kodwa ubani kithi ongathi bengilokhu ngingubaba, umama noma ingane ephelele? IBhayibheli liyasikhumbuza: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo.” (Jakobe 3:2; Roma 5:12) Ngakho-ke, lamukele iqiniso lokuthi awuphelele. Ukulokhu ucabanga ngezinto ezinjengokuthi “ukube nje,” ngeke kushintshe lutho, kodwa kungase kukwenze wephuze ukululama.e

[Umbhalo waphansi]

e Okukuleli bhokisi kuthathwe encwajaneni ethi Lapho Ufelwa Othandekayo, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 6]

Ngezinye izikhathi, umzali osekhulile oshonelwe kufanele aduduze ingane yakhe esikhulile

[Izithombe ekhasini 9]

Ukubhala phansi, ukubuka izithombe nokwamukela usizo kuyizindlela zokubhekana nokufelwa umuntu omthandayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela