Intsha Iyabuza
Yini Okufanele Ngiyazi Ngezingosi Zokuxhumana Nabantu?—Ingxenye 2
Faka izinombolo kulokhu okungezansi uqale ngokubaluleke kakhulu kuwe.
․․․․․ imininingwane yami eyimfihlo
․․․․․ isikhathi sami
․․․․․ idumela lami
․․․․․ ubungane bami nabanye
YIKUPHI kulokhu okungenhla okubeke kwaba ngokokuqala—okuyikhona okubaluleke kakhulu kuwe? Leso sici sokuphila kwakho kuhlanganise nalezi ezinye ezintathu, singaba sengozini uma usebenzisa ingosi yokuxhumana nabantu.
Ingabe kufanele ube yilungu lale ngosi? Uma kuwukuthi uhlala nabazali bakho, yibo okufanele banqume.a (IzAga 6:20) Njenganoma yikuphi ukusetshenziswa kwe-Internet, ingosi yokuxhumana nabantu ingaba nezinzuzo zayo kanye nezingibe. Uma abazali bakho bengafuni ukuba ube yilungu lengosi ethile, kufanele uhambisane nezifiso zabo.—Efesu 6:1.
Ngakolunye uhlangothi, uma kuwukuthi abazali bakho bayakuvumela ukuba usebenzise ingosi yokuxhumana nabantu, ungazigwema kanjani izingozi zayo? Isihloko esithi “Intsha Iyabuza” esivele kuyi-Phaphama! ka-July 2011 saxoxa ngezici ezimbili ezidinga ukuqashelwa—imininingwane yakho eyimfihlo nesikhathi sakho. Kulesi sihloko, sizokhuluma ngedumela lakho nobungane bakho nabanye.
IDUMELA LAKHO
Ukulondoloza idumela lakho kusho ukuqikelela ukuthi awenzi abanye babe nesizathu esizwakalayo sokuba nombono ongemuhle ngawe. Ngokwesibonelo, ake sithi unemoto entsha ceke; ayinawo nowodwa umhuzuko noma isici. Ubungeke yini uthande ukuyigcina ikuleso simo? Ubungazizwa kanjani uma ubungayishayisa iphele leyo moto ngenxa yokuba budedengu?
Kungenzeka okufanayo ngedumela lakho lapho usebenzisa ingosi yokuxhumana nabantu. Intombazane okuthiwa uCara ithi, “Isithombe noma into eyodwa nje ewubuwula oyibhalile ngawe, ingalonakalisa idumela lakho.” Ngokwesibonelo, cabangela indlela idumela lakho elingathinteka ngayo kulokhu . . .
● Izithombe zakho. Umphostoli uPetru wabhala: “Ziphathe ngendlela efanele phambi kwabanye ngaso sonke isikhathi.” (1 Petru 2:12, Contemporary English Version) Yini oyiphawulile uma uke wazibheka izithombe engosini yokuxhumana nabantu?
“Ngezinye izikhathi umuntu ebengimhlonipha ufaka izithombe zakhe abonakala kuzo edakiwe.”—U-Ana, oneminyaka engu-19.
“Kunamantombazane engiwaziyo anezithombe ezikhangisa ngemizimba yawo. Indlela abukeka ngayo engosini yokuxhumana nabantu ihluke ngokuphawulekayo kulokho ayikho uma uwabona ngokoqobo.”—UCara, oneminyaka engu-19.
Ungathini ngobuntu bomuntu ofaka isithombe sakhe engosini yokuxhumana nabantu (1) egqoke ngendlela evusa inkanuko noma (2) ebonakala sengathi udakiwe?
1 ․․․․․
2 ․․․․․
● Izinto ozishoyo. “Makungaphumi lizwi elibolile [“inkulumo engcolile,” International Standard Version] emilonyeni yenu,” kusho eyabase-Efesu 4:29. Abanye baye baqaphela ukuthi inhlamba, inhlebo noma izingxoxo zokuziphatha okubi kungena isinyenyela kulezi zingosi.
“Abantu ababi namahloni ezingosini zokuxhumana nabantu. Okushiwoyo akuzwakali kukubi kangako uma ukubhala phansi njengoba kunjalo uma ukusho ngomlomo. Kungenzeka awuthuki nhlamba kodwa amazwi akho angabonisa ukudlala ngothando, isibindi sokwenza noma yini ngisho nokungcola imbala.”—UDanielle, oneminyaka engu-19.
Ucabanga ukuthi kungani abaningi bengenamahloni kangako uma besebenzisa i-Internet?
․․․․․
Ingabe kunendaba ngempela ukuthi zinjani izithombe ozifakayo nokuthi ubhala ukuthini? Yebo! “Leyo indaba enkulu esikoleni. Sike sixoxe ngendlela abaqashi ababheka ngayo ingosi yomuntu ofake isicelo somsebenzi ukuze babone ukuthi ungumuntu onjani,” kusho osemusha okuthiwa uJane.
Encwadini ethi Facebook for Parents, uDkt. B. J. Fogg uthi wenza lokho kanye lapho eqasha abantu. Uthi, “Ngiyikhuthalele kakhulu le ngxenye yomsebenzi wami. Uma ngikwazile ukuthola ingosi enemininingwane yomuntu ofake isicelo somsebenzi futhi ngathola ukuthi kunezinto ezingasile, angibe ngisagculiseka ngaye. Angimqashi lowo muntu. Ngani? Ngoba mina ngisebenza nabantu abahluzekile.”
Uma ungumKristu, kunokunye okubaluleke nakakhulu okumelwe ukucabangele—indlela ezingabathinta ngayo abanye izinto ozifake engosini, kungaba okholwa nabo noma abanye nje. Umphostoli uPawulu wabhala: “Asinikezi sizathu sokukhubeka nangayiphi indlela.”—2 Korinte 6:3; 1 Petru 3:16.
Ongakwenza
Uma abazali bakho bekuvumela ukuba usebenzise ingosi yokuxhumana nabantu, bheka izithombe ozifake kuyo bese uyazibuza: ‘Lezi zithombe zembulani ngami? Ingabe yile ndlela ngempela engifuna ukwaziwa ngayo? Ngingaba namahloni yini uma abazali bami, umdala ongumKristu noma lowo ongaba umqashi wami ngolunye usuku engabona lezi zithombe?’ Uma impendulo yakho embuzweni wokugcina inguyebo, khona-ke yenza izinguquko. Yilokho uKate oneminyaka engu-21 akwenza. Uthi, “Umdala ongumKristu wakhuluma nami ngesithombe sami esasisengosini, futhi ngakwazisa kakhulu lokho. Ngangazi ukuthi wayefuna ukuvikela idumela lami.”
Okunye futhi, hlolisisa izinkulumo ozibhalile—kuhlanganise nalezo abanye abazibhale ngaphansi kwegama lakho engosini. Ungayibekezeleli “inkulumo yobuwula” noma “ukuntela okuyichilo.” (Efesu 5:3, 4) “Ngezinye izikhathi abantu babhala izinkulumo ezinamazwi angemahle noma anencazelo embaxambili. Ngisho noma kungewena osho leyo nto, ishiya isithombe esingesihle ngawe ngoba ingaphansi kwegama lakho.”
Lapho ufaka izithombe noma uphawula ngokuthile, imiphi imingcele ozoyibeka ukuze uvikele idumela lakho?
․․․․․
UBUNGANE BAKHO NABANYE
Uma ubungaba nemoto entsha, ingabe ubungavele ugibelise noma ubani nje? Uma abazali bakho bekuvumele ukuba ubhalise engosini yokuxhumana nabantu, ubhekene nesinqumo esifanayo mayelana nokuthi ubani ozommema noma ozokwamukela isicelo sakhe sobungane. Uyokhetha kahle kangakanani?
“Abanye abantu banomgomo wokuba nabangane abaningi nje kuphela—bezitshela ukuthi kungcono ukuba nabangane abaningi. Bangase bafake nabantu abangabazi ngempela ohlwini lwabo lwabangane.”—UNayisha, oneminyaka engu-16.
“Ingosi yokuxhumana nabantu yenza ukwazi ukuxhumana nabantu owawazana nabo esikhathini esidlule. Kodwa ngesinye isikhathi kungcono ukukhohlwa yilabo bantu.”—U-Ellen, oneminyaka engu-25.
Yini Ongayenza
Ukusikisela: Hlola bese ulungisa. Bukeza uhlu lwabangane bakho bese wenza izinguquko uma kudingeka. Esimweni ngasinye, zibuze:
1. ‘Kungakanani ngempela engikwaziyo ngalo muntu ngaphandle kwalokho okusengosini?’
2. ‘Zinjani izithombe nezinkulumo zakhe?’
3. ‘Ingabe lo mngane uyithonya elihle ekuphileni kwami?’
“Ngivame ukuhlola uhlu ‘lwabangane’ bami inyanga ngayinye. Uma kunothile engingakhululeki ngaye noma engingamazi kahle, ngiyalesula igama lakhe ohlwini.”—U-Ivana, oneminyaka engu-17.
Ukusikisela: Zenzele ‘isimiso sokwakha ubungane.’ Beka imingcele mayelana nokuthi ngumuntu onjani ozommema noma ozovuma ukuba umngane wakhe, njengoba ubungenza esimweni esivamile. (1 Korinte 15:33) Ngokwesibonelo, owesifazane osemusha okuthiwa nguLeanne uthi: “Isimiso sami yilesi: Uma ngingakwazi, angivumi ukuba umngane wakho. Uma ngibona okuthile engosini yakho okungenza ngingakhululeki, ngizokwesula ohlwini ‘lwabangane’ bami futhi ngeke ngisavuma ukuba umngane wakho.” Nabanye baye babeka imingcele efana nale.
“Angibi umngane wanoma ubani nje. Kungaba yingozi lokho.”—U-Erin, oneminyaka engu-21.
“Ngike ngacelwa abathile engangifunda nabo isikole kudala ukuba ngibe umngane wabo engosini yokuxhumana nabantu. Kodwa ngangenze konke okusemandleni ami ukubagwema ngenkathi sisafunda; kungani ngingafuna ukuba babe abangane bami manje?”—U-Alex, oneminyaka engu-21.
Ngezansi, bhala lokho okuzoba ‘yisimiso sakho sokwakha ubungane.’
․․․․․
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” ziyatholakala engosini ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a I-Phaphama! ayitusi noma igxeke ukusetshenziswa kwanoma iyiphi ingosi yokuxhumana nabantu. AmaKristu kufanele aqiniseke ukuthi ukusebenzisa kwawo i-Internet akwephuli izimiso zeBhayibheli.—1 Thimothewu 1:5, 19.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
Isaga seBhayibheli sithi: “Uma kufanele ukhethe phakathi kokuba nedumela elihle nokuba nengcebo enkulu, khetha idumela elihle.”—IzAga 22:1, Today’s English Version.
[Ibhokisi ekhasini 12]
KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?
Cabangela lesi sihloko nabazali bakho kanye nesihloko se-Phaphama! ka-July 2011 esithi “Intsha Iyabuza.” Xoxani ngokuthi ukusebenzisa kwakho i-Internet kuyithinta kanjani (1) imininingwane yakho eyimfihlo, (2) isikhathi sakho, (3) idumela lakho kanye (4) nobungane bakho nabanye.
[Ibhokisi ekhasini 13]
OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI
Izingane zakho zingase zazi okuningi nge-Internet kunawe. Kodwa azinakho ukwahlulela okuhle njengawe. (IzAga 1:4; 2:1-6) Kunjengoba uchwepheshe wokusebenzisa i-Internet ngokuphephile asho: “Izingane zazi kakhulu ngezinto zobuchwepheshe. Abazali bazi kabanzi ngokuphila.”
Izingosi zokuxhumana nabantu sezithandwa kakhulu kule minyaka. Ingabe ingane yakho eyevile eshumini nambili ivuthwe ngokwanele ukuba ingayisebenzisa? Nguwe okufanele unqume lokho. Njengoba nje kunjalo ngokushayela imoto, ukuba ne-akhawunti yasebhange noma ukusebenzisa ikhadi lokuthenga ngesikweleti, nengosi yokuxhumana nabantu inezingozi zayo. Yiziphi ezinye zazo?
IMINININGWANE EYIMFIHLO. Intsha eningi ayiqondi ukuthi ingaba yini imiphumela yokufaka imininingwane eminingi kuyi-Internet. Ukusho ukuthi ihlala kuphi, ifunda kuphi noma ukuthi iba khona nini ekhaya noma kunini lapho isuke ingekho khona, kungabeka ukulondeka komkhaya engozini.
Ongase ukwenze. Ngenkathi izingane zakho zisencane, wazifundisa ukubheka nhlangothi zombili ngaphambi kokuba zeqe umgwaqo. Manje njengoba sezikhulile, zifundise ukuthi zingayisebenzisa kanjani i-Internet ngokuphephile. Funda izinto eziphathelene nemininingwane eyimfihlo esihlokweni senyanga eyandulele esithi “Intsha Iyabuza.” Bheka futhi ne-Phaphama! ka-October 2008, amakhasi 3-9. Xoxa nengane yakho ngalezo zinto. Zama ukugxilisa “ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga” endabeni yokusebenzisa i-Internet ngokuphephile.—IzAga 3:21.
ISIKHATHI. Ingosi yokuxhumana nabantu ingenza umuntu abe isigqila sayo. URick oneminyaka engu-23 uthi, “Ngemva nje kwezinsuku ezimbalwa ngibhalisile engosini, ngangihlale ngiyigqolozele. Kwakuphela amahora ngibuka izithombe nezinto ezibhalwe abathile.”
Ongase ukwenze. Funda futhi uxoxe nezingane zakho ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngiyisigqila Sezinto Zobuchwepheshe?” esikuyi-Phaphama! ka-January 2011. Gxilani ngokukhethekile ebhokisini elisekhasini 26 elithi “Ngangiyisigqila Sengosi Yengevu.” Siza ingane yakho ibe “elinganiselayo” futhi ingeqi esikhathini esibekele ukusebenzisa i-Internet. (1 Thimothewu 3:2) Ikhumbuze ukuthi kuningi engakwenza ekuphileni kunokugxila ekuxhumaneni nabantu nge-Internet!
IDUMELA. “Okuhle noma okubi okwenziwa izingane kwembula ukuthi zinjani,” kusho isaga seBhayibheli. (IzAga 20:11, Contemporary English Version) Lokho kuyiqiniso ngempela nge-Internet! Ngaphezu kwalokho, njengoba ingosi yokuxhumana nabantu iyinto yomphakathi, okufakwa yizingane zakho kuyo ngeke kuthinte idumela lazo kuphela kepha nelomkhaya.
Ongase ukwenze. Intsha kufanele yazi ukuthi izinto ezifaka engosini ye-Internet zembula lokho eyikho. Kudingeka yazi nokuthi izinto ezenza kuyi-Internet azibe zisacimeka. “Umqondo wokuthi izinto ozifaka kuyi-Internet zihlala unomphela ungase ungaqondakali kalula ezinganeni kodwa kubaluleke kakhulu ukuba zikwazi lokho ukuze zifunde,” kubhala uDkt. Gwenn Schurgin O’Keeffe encwadini ethi CyberSafe. “Enye indlela yokuchazela izingane ngokuziphatha okufanele lapho zisebenzisa i-Internet, ukuzikhumbuza ukuthi zingasho into ezingeke zayisho kumuntu lapho zibonana naye ubuso nobuso.”
UBUNGANE NABANYE. “Intsha eningi ifuna ukubhekwa njengedumile, ngakho ihlale ikulungele ukwakha ‘ubungane’ nabantu engabazi nhlobo noma abantu abangenazo izimiso.”
Ongase ukwenze. Siza indodana noma indodakazi yakho yenze ‘isimiso sokwakha ubungane.’ Ngokwesibonelo, u-Alicia oneminyaka engu-22 akavamile ukufaka abangane babangane bakhe ohlwini lwakhe lwabangane. Uthi: “Uma ngingakwazi noma singakaze sibonane ubuso nobuso, ngeke ngikufake ohlwini lwabangane bami ngenxa nje yokuthi ngingumngane womngane wakho.”
Umbhangqwana okuthiwa uTim noJulia wabhalisa engosini yokuxhumana nabantu ukuze ukwazi ukuhlola ukuthi obani abangabangane bendodakazi yawo nokuthi yini esengosini yayo. UJulia uthi, “Sayitshela ukuthi sifuna isifake ohlwini lwayo lwabangane. Abantu exhumana nabo kuyefana nokuthi bakhona lapha endlini. Sifuna ukwazi ukuthi bangobani.”
[Isithombe ekhasini 11]
Njengoba nje imoto ingalimala iphele uma ishayelwa budedengu, nedumela lakho lingonakala uma ufaka izithombe ezingafaneleki noma usho izinto eziyihlazo kuyi-Internet
[Isithombe ekhasini 12]
Ungamgibelisa yini umuntu ongamazi nhlobo ngenxa nje yokuthi ucela ukugibela? Khona-ke, kungani uvuma ukuba umngane womuntu ongamazi engosini ye-Internet?