Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/12 kk. 18-20
  • Ngingakujabulela Kanjani Ukutadisha IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingakujabulela Kanjani Ukutadisha IBhayibheli?
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthola Injabulo Ezwini LikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Okungakusiza Utadishe Njalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Ukufunda IBhayibheli Nabantu Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Thuthukisa Indlela Otadisha Ngayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 2/12 kk. 18-20

Intsha Iyabuza

Ngingakujabulela Kanjani Ukutadisha IBhayibheli?

Kungani vele kufanele ngitadishe iBhayibheli? Cabanga ngalokhu:

IBhayibheli lingakusiza uthole okuthile okuyigugu. Le ncwadi edayisa kakhulu kunazo zonke

● Ingakubonisa indlela yokulungiselela ukuphila okungcono kakhulu

● Ingakutshela ngezinto zesikhathi esizayo nezesikhathi esidlule—obungeke uzazi ngenye indlela

● Ingakusiza uzazi kangcono futhi ube umuntu ongconoa

UKUTADISHA iBhayibheli kudinga umzamo, kodwa kunomvuzo omkhulu! Uyafuna yini ukwazi ukuthi enye intsha ikwenza kanjani? Sika futhi usonge leli khasi elilandelayo. Uzoba nepheshana elisebenziseka kalula elinamakhasi amane elizokubonisa ukuthi ontanga yakho bazinqoba kanjani izithiyo futhi bazuze kakhulu ekutadisheni kwabo iBhayibheli.

“Wonke umuntu angazuza eBhayibhelini. Ngeke uziswele izinto ongafunda ngazo!”—UValerie.b

Izihloko ezengeziwe zesithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ethi www.watchtower.org/ype

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole okwengeziwe mayelana nokuthi iBhayibheli lingakwenzela kanjani zonke lezo zinto, xhumana noFakazi BakaJehova bangakini noma ubhalele ekhelini elifanele kwasekhasini 5.

b Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 19, 20]

INDLELA YOKUTADISHA IBHAYIBHELI

Inkinga: UKUNGABI NAMDLANDLA

“Ukuhlala phansi ngitadishe ihora lonke, akuyona into okubonakala ngingahlale ngifuna ukuyenza.”—ULena.

Okudingayo: ISISUSA

Ukuze ukujabulele ukutadisha iBhayibheli kudingeka wazi impendulo yalo mbuzo, Lizongizuzisa ngani? Ungathanda yini ukuba umngane kaNkulunkulu? ukujulisa ukuqonda kwakho ngezenzakalo ezisemhlabeni? ukuthuthukisa ubuntu bakho? IBhayibheli lingakusiza wenze lezo zinto—nezinye eziningi!

“Ungakubheki njengomsebenzi noma njengokufunda umsebenzi wesikole. Kunalokho, bheka ukutadisha iBhayibheli njengendlela yokusondelana noMngane omkhulu kunabo bonke ongase ube nabo—uJehova uNkulunkulu.”—UBethany.

“Isikhathi sokutadisha, isikhathi sakho osichitha noJehova uNkulunkulu. Uma uchitha isikhathi nothile uma kukhona abazali bakho kuphela, ingabe lowo muntu ungumngane wakho ngempela noma umane nje ungumngane wabazali bakho? Uma uzitadishela wedwa, uJehova angaba umngane wakho.”—UBianca.

Khumbula: “Konke okusemiBhalweni kuyiZwi likaNkulunkulu. Konke kuyasebenziseka ekufundiseni abantu, ekubasizeni, ekubayaleni, ekubaqondiseni kokufanele nasekubaboniseni indlela okufanele baphile ngayo.” (2 Thimothewu 3:16, Contemporary English Version) IBhayibheli lingakusiza nangalezi zindlela futhi!

“Ngizama ukugxila emvuzweni. Uma kunesici engingenzi kahle kuso, ukutadisha kunginika ithuba lokuba ngisibone leso sici bese ngilungisa.”—UMax.

Ongacabanga ngakho:

Yini engaba isisusa sakho sokutadisha?

Inkinga: ISITHUKUTHEZI

“Ngemva kwemizuzu eyishumi ngiqale ukutadisha, ngivele ngikhathale; ngemva kwengu-20 ngisuke sengilungele ukwenza enye into; ngemva kwengu-30 ngisuke sengifa isithukuthezi!”—U-Allison.

Okudingayo: IKHONO LOKUCABANGA

Zibone ngeso lengqondo izinto, kungaba into ofunda ngayo, indlela ofunda ngayo noma indawo okhetha ukufundela kuyo.

“Zinike isikhathi sokucwaninga ngemibuzo onayo. Uma ufunda ngento ebikade isengqondweni yakho, uthi uqeda ube unokwaneliseka—ngisho nenjabulo imbala.”—URichard.

“Njengoba ufunda ngesigameko esithile, zicabange uyingxenye yalokho okwenzekayo. Yenza sengathi ungumlingiswa oyinhloko noma uyisibukeli esibheke lokho okwenzekayo. Zama ukukubona ngeso lengqondo lokho okwenzekayo.”—USteven.

“Senze sijabulise isifundo sakho. Thola indawo yokuhlala ngemva kwendlu futhi ulokhu uqhabula isiphuzo sikanemanayidi. Ngiyathanda ukulokhu ngihlafuhlafuna okuthile njengoba ngitadisha. Ubani ongethande?”—U-Alexandra.

Khumbula: Isithukuthezi simane siyinto esengqondweni hhayi engokoqobo ngaso sonke isikhathi. Ngakho-ke, kunokuthi “ukutadisha kubanga isithukuthezi,” yithi “nginesithukuthezi.” Yikhathalele indlela obheka ngayo izinto. Lokho kuyokwenza ukwazi ukuzithiba futhi kuyokunika amandla okwenza okuthile ngakho.—IzAga 2:10, 11.

“Asikho isidingo sokuba isifundo somuntu siqu sikubangele isithukuthezi. Singaba yinoma yini oyifunayo.”—UVanessa.

Ongacabanga ngakho:

Ungakwenza kanjani ukutadisha kuthakazelise?

Inkinga: ASIKHO ISIKHATHI

“Ngingathanda ukufunda iBhayibheli ngokwengeziwe, kodwa njengoba ngimatasa kanje, inkinga yami enkulu ukuzama ukuthola isikhathi sokuhlala phansi ngilifunde!”—UMaria.

Okudingayo: IZINTO EZIBALULEKILE

Ingxenye yokuba umuntu omdala, ukufunda ukuthi ‘ungaqiniseka kanjani ngezinto ezibaluleke kakhulu.’—Filipi 1:10.

“Umama wangisiza ngabona ukuthi akunakwenzeka ukuba ngibe nesikhathi esingaphezu kwenginaso. Kwakudingeka ngizenzele isikhathi. Ngemva kokuhlakulela isifiso sokutadisha, ngasihlela isikhathi sokufunda.”—UNatanya.

“Njengoba sengikhulile, sengifundile ukuthi kufanele ngihlele isikhathi sokutadisha, futhi ngifunda ngaleso sikhathi, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani.”—UYolanda.

“Uma ukutadisha kuza ngaphambi kokuzijabulisa, ngiyakuqinisekisa ukuthi uyokujabulela nangokwengeziwe ukutadisha—ngeke ulahlwe unembeza lapho uzijabulisa.”—UDiana.

Khumbula: Uma izinto ezibalulekile zingezi kuqala, uyohluleka ukulawula isikhathi sakho futhi ube yisigqila. Kungcono kakhulu ukuthatha isinyathelo kuqala, uhlele isikhathi sokutadisha.—Efesu 5:15, 16.

“Njengoba ngifunda esikoleni esiphakeme, kulula ukuba matasa ngezinye izinto! Kodwa, ukuzama ngobuqotho ukuhlela isikhathi sokutadisha iBhayibheli esimisweni sami kuyinto ebaluleke kakhulu kimi.”—UJordan.

Ongacabanga ngakho:

Isiphi isimiso sokufunda ongazihlelela sona?

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 19]

AMACEBISO AVELA KONTANGA YAKHO

UZachary—Ungafundi nje lokho okufundwa abazali bakho noma abanye abantu. Kuba yisifundo somuntu siqu uma kuyinto wena ofuna ukufunda ngayo.

UKaley—Qala kancane. Uma kudingeka, thatha imizuzu emihlanu nje kuphela kodwa ukwenze nsuku zonke. Khona-ke, ungabe sewusandisa kancane kancane isikhathi sakho sibe imizuzu eyishumi, kube engu-15 . . . Ngokuhamba kwesikhathi uyokujabulela!

UDaniella—Izinto ezincane nazo zingenza umehluko omkhulu. Thola amapeni anemibala ehlukahlukene nencwadi enhle yokubhala amaphuzu noma uzakhele ifayela kuyi-computer ethi ‘Isifundo Somuntu Siqu.’

UJordan—Uma ngikhethe isihloko engisijabulelayo, ngiyakwazi ukutadisha isikhathi eside. Ngidinga nendawo ethulile. Angikwazi ukutadisha uma kunomsindo omkhulu.

[Umdwebo ekhasini 18]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Sika

Songa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela