Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/14 k. 3
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ESpain
  • EChina
  • EJapane
  • EMauritania
  • Amazwe Omhlaba
  • Ikusasa Lezokuvakasha
    I-Phaphama!—2005
  • “Umqashi Ophuma Phambili Emhlabeni”
    I-Phaphama!—2005
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2011
  • Kusenokuzamazama Okukhulu Okuningi Okulindelekile
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 3/14 k. 3

UKUBUKA OKWEZWE

ESpain

Isisebenzi esizotakula sibukela izakhiwo ezibhidlizwe ukuzamazama komhlaba

Iqembu lososayensi likholelwa ukuthi kungenzeka ukuthi izenzo zabantu zaba nomthelela ekuzamazameni komhlaba kwango-2011 edolobheni laseLorca eningizimu yeSpain, okwabulala abantu abangu-9 futhi kwalimaza abaningi. Izazi zokuma komhlaba zithole ukuthi ukudonswa kwamanzi amaningi ngaphansi komhlaba ngenxa yezolimo kuvame ukubangela ukuzamazama komhlaba okubulalayo kulezo zindawo.

EChina

Izivakashi zaseChina

Izivakashi ezivela eChina zachitha imali engamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-918 ngo-2012 ekuvakasheleni amanye amazwe. Umbiko we-UN World Tourism Organization ubonisa ukuthi kwakuqala ngqa ukuba iChina ihambe phambili ekuchitheni imali engaka ngokuvakashela amanye amazwe​—idlule iJalimane ne-United States. Izivakashi zezwe ngalinye kulawa amabili zachitha imali engaba yizigidi eziyizinkulungwane ezingu-756 zamaRandi.

EJapane

Owesifazane ebhema ugwayi

Umagazini wezokwelapha waseNgilandi i-BMJ wabika ngocwaningo olwenziwa kubantu baseJapane abangaba ngu-68 000 phakathi neminyaka elinganiselwa kwengu-23. Abacwaningi bathola ukuthi abesifazane abazalwa phakathi kuka-1920 no-1945 abaqala ukubhema bengakayihlanganisi iminyaka engu-20 baphila iminyaka engaphansi ngeyishumi kunaleyo eyaphilwa yilabo abangakaze babheme nhlobo; abesilisa baphila iminyaka engaphansi ngengu-8.

EMauritania

Upulasitiki untanta olwandle

Ukungeniswa kwezikhwama zepulasitiki ezivela kwamanye amazwe, ukwenziwa kanye nokusetshenziswa kwazo akusavunyelwe kuleli zwe, ukuze kuvikelwe izilwane ezihlala emanzini neziphila ezweni ezingabulawa ukugwinya ipulasitiki. Uhulumeni wakulelo zwe ukhuthaza ukuba kusetshenziswe izikhwama ezingeyona ipulasitiki.

Amazwe Omhlaba

Izinkampani zomshuwalense zilahlekelwa imali elinganiselwa ezigidini eziyizinkulungwane ezingu-450 zamaRandi ngonyaka, zikhokhela umonakalo obangelwa izinhlekelele zemvelo. Kusukela ngawo-1980, leyo mali iye yaphindeka kabili njalo ngemva kweminyaka eyishumi ngenxa yokwenyuka kwamanani ezinto.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela