UMBONO WEBHAYIBHELI
Imali
Ingabe imali iyimpande yesono?
“Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.” —1 Thimothewu 6:10.
OKUSHIWO ABANYE ABANTU
Imali iyimpande yesono.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
“Uthando lwemali” oluyimbangela ‘yezinto ezilimazayo’—hhayi imali ngokwayo. EBhayibhelini, inkosi ecebile uSolomoni yaveza izinhlobo ezintathu zezinto ezilimazayo ezivame ukwehlela abantu abathanda imali. Ukukhathazeka: “Inala yocebileyo ayimvumeli ukuba alale.” (UmShumayeli 5:12) Ukunganeliseki: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.” (UmShumayeli 5:10) Isilingo sokwephula umthetho: “Ojaha ukuzuza ingcebo ngeke ahlale emsulwa.” —IzAga 28:20.
Ifeza yiphi injongo imali?
‘Imali iyisivikelo.’ —UmShumayeli 7:12.
OKUSHIWO ABANYE ABANTU
Imali ikwenza uvikeleke futhi ujabule.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
Insumansumane yokuthi imali yenza umuntu ajabule futhi iyamvikela, iyingxenye ‘yamandla engcebo okukhohlisa.’ (Marku 4:19) Noma kunjalo, “imali iyimpendulo yakho konke.” (UmShumayeli 10:19, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Ngokwesibonelo, ngemali ungathenga izinto ozidingayo ukuze uqhubeke uphila—njengokudla nemithi.—2 Thesalonika 3:12.
Imali iyakusiza nasekunakekeleni umndeni wakho. Eqinisweni iBhayibheli lithi: “Uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo.” —1 Thimothewu 5:8.
Ungayisebenzisa kanjani imali ngokuhlakanipha?
‘Hlala phansi kuqala ubale izindleko.’—Luka 14:28.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
Sebenzisa imali ngendlela eyamukelwa uNkulunkulu. (Luka 16:9) Kuwukuhlakanipha ukusebenzisa imali ngokonga nangokwethembeka. (Hebheru 13:18) Ukuze ugweme umthwalo osindayo wokuphila ngezikweletu, ‘indlela yakho yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali.’—Hebheru 13:5.
Nakuba iBhayibheli lingakulahli ukuba nesikweletu, liyaxwayisa: “Obolekayo uyinceku yomuntu obolekisayo.” (IzAga 22:7) Gwema ukuthenga ungacabanganga, ngoba “noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Kunalokho, ‘zibekele okuthile eceleni, kuye ngokuchuma kwakho’ futhi ulondoloze imali yokwenza into ebalulekile kuwe. —1 Korinte 16:2.
IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sikwenze umkhuba ukupha.’ (Luka 6:38) Abantu abafuna ukujabulisa uNkulunkulu banezizathu ezinhle zokupha, ngoba “uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Ngakho-ke, “ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.”—Hebheru 13:16.