Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/15 kk. 14-15
  • UMBONO WEBHAYIBHELI

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMBONO WEBHAYIBHELI
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu babeyombona kanjani uMesiya?
  • UMesiya uyowuqedela kanjani umsebenzi wakhe?
  • Ingabe Iziprofetho Ezabikezelwa NgoMesiya Zifakazela Ukuthi UJesu WayenguMesiya?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukubikezela NgoMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UMesiya—Indlela KaNkulunkulu Yokusisindisa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Balinda Ukufika KukaMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 2/15 kk. 14-15
[Isithombe ekhasini 15]

UMBONO WEBHAYIBHELI

UMesiya

IBhayibheli labikezela ukuthi uMesiya wayeyokuza emhlabeni futhi akhulule abantu ekuguleni, ekuhluphekeni nasekufeni. Ingabe uJesu Kristu wayenguye lowo Mesiya?

Abantu babeyombona kanjani uMesiya?

Ngokweziprofetho zeBhayibheli, uMesiya noma uKristu wayeyokuza ngezindlela ezimbili ezingefani ezihlukaniswe inkathi ende yesikhathi.a Okokuqala, wayeyokuza engumuntu. Ukuze abonakale ngokucacile, abalobi beBhayibheli babikezela izici eziningi zokuphila kwakhe nenkonzo yakhe. Eqinisweni, umgomo oyinhloko weziprofetho zeBhayibheli ‘uwukufakaza ngoJesu.’​—IsAmbulo 19:10.

Ngesikhathi engumuntu, uJesu wakwenza ngezinga elincane lokho azokwenza emhlabeni wonke njengesidalwa somoya esinamandla

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UMesiya . . .

  • Wayezoba owozalo lweNkosi uDavide.​—Isaya 9:7; Luka 3:​23-31.b

  • Wayezozalelwa eBhetlehema.​—Mika 5:2; Luka 2:​4-7.

  • Wayezoba ummemezeli othobekile ‘wezindaba ezinhle.’​—Isaya 61:1; Luka 4:43.

  • Wayezodelelwa futhi aboshwe ngaphandle kwesizathu.​—Isaya 53:3; Mathewu 26:​67, 68.

  • Wayezokhashelwa ngezinhlamvu zesiliva ezingu-30.​—Zakariya 11:​12, 13; Mathewu 26:​14, 15.

  • Wayezothula phambi kwabamangaleli bakhe njengoba bemgwebela ukufa ngokungafanele.​—Isaya 53:​6, 7; Mathewu 27:​12-14.

  • Wayezoba “iwundlu” lomhlatshelo elaliyosusa isono futhi lenze abantu bakwazi ukuba nokuma okuhle phambi kukaNkulunkulu.​—Isaya 53:7; Johane 1:​29, 34, 36.

  • Wayezobulawa kodwa kungaphulwa nelilodwa lamathambo akhe.​—IHubo 34:20; Johane 19:​33, 36.

  • Wayezongcwatshwa kanye nezicebi.​—Isaya 53:9; Mathewu 27:​57-60.

  • Wayezovuswa ekufeni ngosuku lwesithathu.​—Mathewu 16:21; 28:​5-7.

UJesu wazigcwalisa zonke lezo ziprofetho kanye nezinye eziningi. Waphinde welapha abagulayo, wavusa nabafileyo. Ngakho akagcinanga ngokusinikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi unguMesiya, kodwa wasinika nesisekelo esiqinile sokuba nokholo ezithembisweni zeBhayibheli zezinto ayozenza emhlabeni wonke esikhathini esizayo. (Luka 7:​21-23; IsAmbulo 21:​3, 4) Ngemva kokuvuswa kwakhe, wahlala “ngakwesokunene” sikaNkulunkulu, elinde isikhathi sokuqedela umsebenzi wakhe njengoMesiya.​—IHubo 110:​1-6.

“Lapho uKristu efika, ngeke enze izibonakaliso ezingaphezu kwalezi ezenziwe yilo muntu, akunjalo?”​—Johane 7:31.

UMesiya uyowuqedela kanjani umsebenzi wakhe?

AmaJuda angosuku lukaJesu ayelindele ukuba uMesiya awakhulule ngaphansi koMbuso wamaRoma nokuba abuse embusweni ka-Israyeli obuyiselwe. (IzEnzo 1:6) Abalandeli bakaJesu abangamaJuda baze bakuqonda kamuva ukuthi wayeyoqedela indima yakhe esezulwini njengesidalwa esinamandla somoya esinikezwe igunya elikhulu.​—Mathewu 28:18.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Endimeni yakhe yesibili, uMesiya . . .

  • Uyobusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, onguhulumeni womhlaba wonke.​—Daniyeli 7:​13, 14; IsAmbulo 11:15.

  • Uyoba isibusiso kubo bonke abantu ababonisa ukholo kuye.​—Genesise 22:​17, 18; IHubo 72:​7, 8.

  • ‘Uyokwethusa izizwe eziningi’ nababusi bazo lapho ebachoboza ngenxa yokumelana naye.​—Isaya 52:15; IsAmbulo 19:​19, 20.

  • Uyosindisa “isixuku esikhulu” esiphuma kuzo zonke izizwe, sabantu abalungile, siphile emhlabeni omusha onokuthula.​—IsAmbulo 7:​9, 10, 13-17.

  • Ekanye noJehova uNkulunkulu, uyovusa abafileyo abavusele emhlabeni oyiPharadesi.​—Luka 23:43; Johane 5:​21, 28, 29.

  • Uyofundisa izikhonzi zakhe izindlela zokuthula kweqiniso.​—Isaya 11:​1, 2, 9, 10.

  • Uyoqeda isono, imbangela eyinhloko yokugula nokufa.​—Johane 1:29; Roma 5:12.

  • Ekugcineni, uyobhidliza yonke imisebenzi kaSathane abese ehlanganisa umkhaya wesintu ngaphansi kokubusa kukaJehova uNkulunkulu.​—1 Korinte 15:​25-28; 1 Johane 3:8.

UJesu wayifeza indima yakhe yokuqala njengoMesiya. Uyoyifeza neyesibili. Ngakho, abahlakaniphileyo bayafundisisa ngaye ngoba wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila.”​—Johane 14:6.

“Ezinsukwini zayo olungile uyohluma, kanye nokuchichima kokuthula ize ingabe isaba khona inyanga. Iyoba nezikhonzi . . . kuze kube semikhawulweni yomhlaba.”​—IHubo 72:​7, 8.

a Igama elithi, “Mesiya” livela olimini lwesiHebheru. Elithi, “Kristu” nalo kuseyigama elifanayo kodwa livela olimini lwesiGreki.​—Johane 1:41.

b UmBhalo wokuqala kulolu hlu ubhekisela esiprofethweni; owesibili ubhekisela ekugcwalisekeni kwaso.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela