Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/15 k. 3
  • UKUBUKA OKWEZWE

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UKUBUKA OKWEZWE
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imfundo Ivikela Izingane
  • Abantu Abafa Ngemva Kwesiphepho
  • Ukuzibulala Kwasebekhulile ENingizimu Korea
  • Ukuphila Ngenkathi Yezinguquko Ezinkulu EKorea
    I-Phaphama!—2008
  • Ukunakekela Asebegugile—Inkinga Ekhulayo
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuhlanganiswa Kwemikhaya YaseKorea—Ingabe Kuyisiqalo Esisha?
    I-Phaphama!—2001
  • Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 5/15 k. 3

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa I-Asia

I-Asia iyizwekazi elinabantu abaningi kunawo wonke emhlabeni. Ezweni laseChina nelaseNdiya, kunabantu abangamaphesenti angaphezu kuka-33 abo bonke abantu emhlabeni. Iziphi izinselele amazwe ase-Asia abhekana nazo uma kuziwa ekufundiseni nasekuvikeleni izakhamuzi zawo?

Imfundo Ivikela Izingane

Izazi zomthetho zaseChina zibonisa ukuthi maningi amathuba okuba izingane ezinabazali abangazifundisi ngocansi zisencane, zibe izisulu zokuhlukunyezwa. Kule minyaka emine edlule, abashushisi baseChina basingathe amacala angu-8 000 okuhlukunyezwa kwezingane ngokocansi. Uprofesa wezomthetho eBeijing Normal University uthi, izingane “ziyizisulu ezilula nezingavikelekile. Imfundo iyisixazululo esiyinhloko sokugwema ukuhlukunyezwa ngokocansi.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: Abazali abahlakaniphile bafundisa izingane zabo indlela yokuzivikela “kumuntu okhuluma izinto ezonakele.”—IzAga 2:1, 10-12.

Abantu Abafa Ngemva Kwesiphepho

Ngokusho kolunye ucwaningo, isilinganiso senani lezinsana ezingamantombazane ezifayo ePhilippines ngonyaka olandela isiphepho esikhulu, siliphinda izikhathi ezingu-15 inani labantu okubikwa ukuthi babulawa isiphepho ngokwaso. Umthelela walokhu kungaba ukulahlekelwa imisebenzi ngemva kwesiphepho, izindleko zokwakha kabusha, nendlela izinsana ezingamantombazane ezabelwa ngayo izinto ezifana nokudla okunomsoco kanye nokunakekelwa kwempilo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: ‘Hlephulela olambile isinkwa sakho, ungenise abantu abahluphekile, abangenamakhaya endlini yakho. Uma kwenzeka ubona umuntu ehamba-ze, umembese.’—Isaya 58:7.

Ukuzibulala Kwasebekhulile ENingizimu Korea

Phakathi no-2011, ingxenye engaphezu kweyodwa kwezine yabantu abazibulala eNingizimu Korea yayakhiwa abantu abaneminyaka engu-65 nangaphezulu. Abanye abacwaningi bathi lokhu kwabangelwa ukushintsha kwesimo sengqondo mayelana nokunakekelwa kwabantu abadala kanye nesimo sezomnotho. Cishe bangamaphesenti angu-50 abantu asebekhulile baseNingizimu Korea abampofu. Sebengaphansi kwengxenye abantu baseNingizimu Korea abanombono wokuthi izingane kufanele zinakekele abazali bazo asebekhulile.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Hlonipha uyihlo nonyoko.”—Efesu 6:2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela