Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 1 kk. 10-11
  • Indlela Yokwenza Abangani Beqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokwenza Abangani Beqiniso
  • I-Phaphama!—2016
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • OKUFANELE UKWAZI
  • ONGAKWENZA
  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Kubangane?
    I-Phaphama!—2021
  • Ukulondoloza Ubungane Ezweni Elingenalo Uthando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Kungani Ngingakwazi Ukuhlala Nginabangane?
    I-Phaphama!—1996
  • Lithini IBhayibheli Ngokuba Nabangani?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 1 kk. 10-11
Izinsizwa ezimbili ziyaxoxa

USIZO LOMKHAYA | INTSHA

Indlela Yokwenza Abangani Beqiniso

INSELELE

Amabhungu amabili abhekene ebhulohweni

Ngenxa yezobuchwepheshe, ungaxhumana nabantu abaningi—kalula—kunanini ngaphambili. Noma kunjalo, ubuhlobo onabo nabanye bungase bubonakale bungaqinile. Enye insizwa iyibeka ngale ndlela: “Nginomuzwa wokuthi ubungani bami nabanye buyashabalala. Ngakolunye uhlangothi, ubaba unabangani osekuyiminyaka esondelene nabo!”

Kungani kuyinselele kangaka kulezi zinsuku ukujabulela ubungani obuhlala njalo nobunenjongo?

OKUFANELE UKWAZI

Le nkinga ingase ibangelwe ezobuchwepheshe. Ukuthumelelana imiyalezo, izingosi zokuxhumana, nezinye izindlela zokuxhumana, kwenze kwabonakala kungenzeka ukulondoloza ubungani nomuntu engekho eduze. Abantu sebethumelelana imiyalezo ilandelana esikhundleni sokuba nezingxoxo ezizuzisayo. Incwadi ethi Artificial Maturity ithi, “Zimbalwa izikhathi lapho abantu bexoxa khona ubuso nobuso. Abafundi bachitha isikhathi esiningi kwezobuchwepheshe futhi esincane benabanye.”

Kwezinye izimo, ezobuchwepheshe zingenza ubungani bubonakale buqine kakhulu kunalokho obuyikho ngempela. UBriana oneminyaka engu-22 uthi, “Muva-nje ngiye ngaqaphela ukuthi yimina obevame ukuthatha kuqala isinyathelo sokubuza impilo kubangani bami. Ngakho, ngayeka ukubathumelela imiyalezo ukuze ngibone ukuthi bangaki ababezothatha isinyathelo sokuxhumana nami. Eqinisweni, baba mbalwa kakhulu. Kubonakala sengathi abanye babengasondelene nami njengoba ngangicabanga.”

Kodwa ngeke yini ukuthumelelana imiyalezo nezingosi zokuxhumana kukusize uxhumane nabantu futhi ngaleyo ndlela uqinise ubungani bakho? Yebo kungakusiza—ikakhulu uma ubuye uxhumane nabo ngezinye izindlela ngaphandle kokusebenzisa ezobuchwepheshe. Nokho, ngokuvamile izingosi zokuxhumana zimane zikwakhele ibhuloho lokuxhumana nabanye, ngaphandle kokukusondeza kubo.

ONGAKWENZA

Chaza ubungani beqiniso. IBhayibheli lichaza umngani njengomuntu “onamathela ngaphezu komfowenu.” (IzAga 18:24) Ingabe ufuna umngani onjalo? Ingabe wena unjalo? Ukuze uphendule leyo mibuzo, bhala phansi izimfanelo ezintathu ongathanda ukuba umngani abe nazo. Bese ubhala izimfanelo ezintathu ozoba nazo kulobo bungani. Zibuze: ‘Yibaphi abantu engixhumana nabo nge-Internet ababonisa izimfanelo engizazisayo kumngani? Bona bangathi yiziphi izimfanelo mina engizibonisayo?’—Isimiso seBhayibheli: Filipi 2:4.

Hlela izinto eziza kuqala. Ubungani basezingosini zokuxhumana ngokuvamile busekelwe ezintweni enizithandayo, njengokuzilibazisa. Nokho, ukuba nezindinganiso ezifanayo kubaluleke kakhulu kunokuthanda izinto ezifanayo. ULeanne oneminyaka engu-21 uthi, “Kungenzeka ukuthi anginabo abangani abaningi, kodwa labo enginabo bangenza ngifune ukuba umuntu ongcono.”—Isimiso seBhayibheli: IzAga 13:20.

Zihlanganise nabanye. Ayikho into enjengokuxoxa nomuntu ubuso nobuso, lapho wena nomunye ningaphawula khona umehluko omncane esimweni sezwi, sobuso, nokushukuma komzimba.—Isimiso seBhayibheli: 1 Thesalonika 2:17.

Bhala incwadi. Nakuba kungase kubonakale kuyisidala, ukubhala incwadi kunikeza isithombe sokuthi umkhathalela kakhulu umuntu ngokumnaka ngokuphelele. Ukugxila ngaleyo ndlela kumuntu, akuvamile ezweni lanamuhla elenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa. Ngokwesibonelo, encwadini yakhe ethi Alone Together, uSherry Turkle ubhala ngensizwa ethi ayikhumbuli ibhalelwa incwadi ekuphileni kwayo. Ibhekisela ezikhathini lapho abantu babebhala khona izincwadi, ithi: “Ngiyazikhumbula lezo zikhathi, nakuba ngangingakazalwa.” Kungani ungasebenzisi lobo ‘buchwepheshe bakudala’ ukuze wenze abangani?

Iqiniso elingenakuphikwa: Ubungani beqiniso buhlanganisa okungaphezu nje kokuxhumana. Budinga ukuthi wena nomngani wakho nibonisane uthando, uzwela, ukubekezela, nokuthethelela. Lezo zimfanelo zenza ubungani buzuzise. Kodwa kunzima ukuzibonisa uma nixhumana nge-Internet kuphela.

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

IMIBHALO EYISIHLUTHULELO

  • “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.

  • “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”—IzAga 13:20.

  • “Sazama kakhulu impela kunokujwayelekile ukubona ubuso benu.”—1 Thesalonika 2:17.

U-Alisabel

U-ALISABEL

“Sonke siyamdinga umuntu esingakhuluma naye uma sidangele. Abangani ibona abasiqonda ngempela futhi abanendlela yokusenza sizizwe kangcono. Abagcini nje ngokujabula kanye nathi, kodwa bangakwazi nokusisiza lapho sisenkingeni.”

UJordan

UJORDAN

“Lapho ngisemncane ngangingazikhandli ekwenzeni abangani. Kwakuyisikhathi esidabukisa kunazo zonke ekuphileni kwami. Ekugcineni ngakwazi ukuzakhela abangani. Kubalulekile ukuba nabangani abangakusiza ezimweni ezinzima futhi nibe nezikhathi ezimnandi ndawonye.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela