Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 3 kk. 6-13
  • Ukubhekana Nosizi Lokushonelwa​—Ongakwenza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhekana Nosizi Lokushonelwa​—Ongakwenza
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 1: YAMUKELA USIZO LOMNDENI NABANGANE
  • 2: Gada Indlela Odla Ngayo Futhi Ube Nesikhathi Sokujima
  • 3: LALA NGOKWANELE
  • 4: ZIVUMELANISE NEZIMO
  • 5: GWEMA IMIKHUBA ELIMAZAYO
  • 6: SISEBENZISE KAHLE ISIKHATHI SAKHO
  • 7: QHUBEKA NEZINTO OBUVAME UKUZENZA
  • 8: GWEMA UKWENZA IZINQUMO EZINKULU NGOKUSHESHA
  • 9: MKHUMBULE UMUNTU OMTHANDAYO OSHONILE
  • 10: SHAYWA UMOYA
  • 11: SIZA ABANYE
  • 12: HLELA KABUSHA IZINTO EZIBALULEKILE KUWE
  • Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • “Ngingaphila Kanjani Nosizi Lwami?”
    I-Phaphama!—1987
  • Kulo Magazini: Usizo Kwabasosizini Lokushonelwa
    I-Phaphama!—2018
  • Usizo Kwabasosizini
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 3 kk. 6-13
Abantu bandizisa ikhayithi ebhishi, bathatha nezithombe

USIZO KWABASOSIZINI LOKUSHONELWA

Ukubhekana Nosizi Lokushonelwa Ongakwenza

Uma ufuna ukuthola ukuthi ungabhekana kanjani nosizi lokushonelwa, ziningi izeluleko ongazithola, ezinye zingakusiza ezinye zingakusizi. Lokho kubangelwa ukuthi ayifani indlela abantu ababhekana ngayo nosizi lokufelwa. Okungase kusebenze komunye, kungase kungasebenzi komunye.

Noma kunjalo, zikhona izeluleko ezisize abanye ababhekene nosizi lokufelwa. Abeluleki baye bazisebenzisa ukuze basize abashonelwe, futhi zibonakala zithembekile ngoba zitholakala encwadini endala nenokuhlakanipha, iBhayibheli.

1: YAMUKELA USIZO LOMNDENI NABANGANE

  • Abantu bandizisa ikhayithi ebhishi, bathatha nezithombe

    Abanye ochwepheshe bathi lokhu kubaluleke kakhulu ekubhekaneni nosizi lokufelwa. Nokho, ngezinye izikhathi ungase ungakuthandi ukuba nabanye abantu. Ungase ucasuke ngisho nalapho bezama ukukusiza. Kuyinto evamile ukuzizwa kanjalo.

  • Ungabi nomuzwa wokuthi kufanele uhlale unabantu ngaso sonke isikhathi, kodwa futhi ungazihlukanisi nabo ngokuphelele. Esikhathini esizayo ungase uludinge usizo lwabo. Bachazele ngomusa ukuthi yini oyidingayo nongayidingi.

  • Linganisela esikhathini osichitha nabanye nesikhathi osichitha uwedwa.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ababili bangcono kunoyedwa . . . Ngoba uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe.”—UmShumayeli 4:9, 10.

2: Gada Indlela Odla Ngayo Futhi Ube Nesikhathi Sokujima

  • Ukudla okunempilo kungakusiza ubhekane nokucindezeleka okubangelwa usizi lokufelwa. Zama ukudla izinhlobo ezihlukahlukene zezithelo, amaveji nokudla okunamaprotheni.

  • Phuza amanzi amaningi nezinye iziphuzo ezinempilo.

  • Uma uzizwa ungakuthandi ukudla, yidla kancane kodwa izikhathi eziningi. Ungacela nodokotela wakho akweluleke ngokuthi yimaphi amaphilisi noma okunye okungakusiza uthole umsoco owengeziwe.a

  • Izindlela ezahlukahlukene zokujima, njengokuhamba usheshe, zinganciphisa imizwa engafanele. Ukujima kungakunikeza isikhathi sokucabanga ngesimo obhekene naso, noma kukwenze ungacabangi ngaso okwesikhashana.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele.”—Efesu 5:29.

3: LALA NGOKWANELE

  • Umbhede

    Ukulala kubalulekile, ikakhulukazi kulabo ababhekene nosizi lokufelwa, ngoba usizi lwabo lungabenza bakhathale ngendlela engavamile.

  • Gada izinga ophuza ngalo izinto ezine-caffeine notshwala, ngoba zingakwenza ungalali kahle.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” —UmShumayeli 4:6.

4: ZIVUMELANISE NEZIMO

  • Owesifazane oshonelwe uxoxa nomngane wakhe

    Khumbula ukuthi ayifani indlela abantu ababhekana ngayo nosizi lokushonelwa. Ngakho kuzodingeka uthole ukuthi yini ekusebenzela kangcono wena.

  • Abanye bathola ukuthi ukuxoxa ngosizi lwabo kuyabasiza bakwazi ukubhekana nalo, kanti abanye bakhetha ukungaxoxi nhlobo ngalo. Ochwepheshe banemibono engafani ngokuthi ukukhuluma ngendlela umuntu azizwa ngayo kuyasiza yini ekubhekaneni nosizi lokufelwa. Uma udinga ukuthulula isifuba kodwa kunzima ukwenza kanjalo, kungase kube lula ukuqala ngokukhuluma nomngane oseduze.

  • Ukukhala kuyabasiza abanye bakwazi ukubhekana nosizi lokufelwa, kodwa abanye bayakwazi ukubhekana nalo ngisho noma bengakhalanga kakhulu.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Yilowo nalowo uyayazi inhlupho yakhe nobuhlungu bakhe.”—2 IziKronike 6:29.

5: GWEMA IMIKHUBA ELIMAZAYO

  • Indoda iphuza utshwala

    Abanye abantu abashonelwe bazama ukudambisa usizi lwabo ngokuphuza kakhulu nangokusebenzisa izidakamizwa. Ukuzama ukudambisa ubuhlungu ngalezi zindlela kuyalimaza. Ungase uzizwe ungcono okwesikhashana, kodwa imikhuba enjalo ingaba nemiphumela engemihle. Zama izindlela ezingeyona ingozi zokunciphisa ukukhathazeka.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Masizihlanze kukho konke ukungcola.”—2 Korinte 7:1.

6: SISEBENZISE KAHLE ISIKHATHI SAKHO

  • Abanye kuyabasiza ukuchitha isikhathi sabo ezintweni ezibenza bangacabangi kakhulu ngobuhlungu ababuzwayo.

  • Ukwenza abangane abasha, ukuqinisa ubungane osunabo nabanye, ukufunda amakhono amasha, nokuzijabulisa, kungabunciphisa okwesikhashana ubuhlungu.

  • Ngokuhamba kwesikhathi singashintsha isikhathi osichitha kwezinye zalezi zinto. Ungase uqaphele ukuthi siyancipha isikhathi osichitha ucabanga ngosizi lokushonelwa—okubonisa ukuthi usuyalulama.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into, . . . isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokubangalasa nesikhathi sokutshakadula.” —UmShumayeli 3:1, 4.

7: QHUBEKA NEZINTO OBUVAME UKUZENZA

  • Owesifazane ubhala azokwenza ekhalendeni

    Zama ukusheshe uqhubeke nezinto obuvame ukuzenza.

  • Uma unamathela esikhathini obukade ulala ngaso, usebenza ngaso, nobuwenza ngaso ezinye izinto, ungase ubuyele esimweni osijwayele.

  • Ukuba matasa ngezinto ezakhayo kungakusiza unciphise imizwa ebuhlungu.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Akukaningi eyozikhumbula izinsuku zokuphila kwakhe, ngoba uNkulunkulu weqiniso umgcina ematasa ngokujabula kwenhliziyo yakhe.”—UmShumayeli 5:20.

8: GWEMA UKWENZA IZINQUMO EZINKULU NGOKUSHESHA

  • Abaningi abasheshe benze izinqumo ezinkulu ngemva nje kokushonelwa, babuye bazisole kamuva.

  • Uma kungenzeka, linda isikhathi ngaphambi kokuba uthuthe, ushintshe umsebenzi, noma uphisane ngezinto zomuntu omthandayo oshonile.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.”—IzAga 21:5.

9: MKHUMBULE UMUNTU OMTHANDAYO OSHONILE

  • Indoda ibonisa abangane bayo isithombe somkayo osewashona

    Abantu abaningi abake bashonelwa umuntu abamthandayo bathi kuyasiza ukwenza izinto ezibenza bamkhumbule.

  • Ungase ukuthole kududuza ukuba nezithombe noma izinto ezithile ezikwenza umkhumbule, noma ukubhala phansi izenzakalo ezithile ofisa ukuzikhumbula ngaye.

  • Gcina izinto ezikukhumbuza izikhathi ezimnandi enaniba nazo naye, ongazibuka lapho usukulungele kangcono ukwenza kanjalo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Khumbula izinsuku zakudala.”—Duteronomi 32:7.

10: SHAYWA UMOYA

  • Kungase kukusize ukuya eholidini.

  • Uma ungeke ukwazi ukuthatha iholidi elide, ungase ucabangele ukwenza okuthile okungakujabulisa usuku noma izinsuku ezimbili, njengokuqwala intaba, ukuya emyuziyamu noma ukuthatha uhambo oluya eduze ngemoto.

  • Ngisho nokwenza into ethile ehlukile kulokho ovame ukukwenza, kungakusiza ubhekane nosizi lokufelwa.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Wozani, nina nodwa, ngasese endaweni engenabantu niphumule kancane.”—Marku 6:31.

11: SIZA ABANYE

  • Owesifazane osemusha usiza osekhulile ekuthengeni igrosa yakhe

    Khumbula ukuthi isikhathi osisebenzisela ukusiza abanye singakusiza nawe uzizwe ungcono.

  • Ungaqala ngokusiza izihlobo zakho nabangane, nabo okubaphathe kabi ukushona komuntu omthandayo.

  • Ukusekela nokududuza abanye kungakunikeza injabulo, kukwenze ube nesizathu sokuqhubeka uphila.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” —IzEnzo 20:35.

12: HLELA KABUSHA IZINTO EZIBALULEKILE KUWE

  • Ukushonelwa umuntu omthandayo kungakwenza ucabangisise ngezinto ezibalulekile ekuphileni.

  • Sebenzisa leso sikhathi ukuze ucabangisise kahle ngokuphila kwakho.

  • Uma kufanele, hlela kabusha izinto eziza kuqala ekuphileni kwakho.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngoba lokho kuwukuphela kwaso sonke isintu; futhi ophilayo kufanele akufake enhliziyweni.” —UmShumayeli 7:2.

UKUBHEKANA NOSIZI LOKUSHONELWA | ESIKUFUNDILE

  • 1: YAMUKELA USIZO LOMNDENI NABANGANE

    Linganisela esikhathini osichitha nabanye nesikhathi osichitha uwedwa.

  • 2: GADA INDLELA ODLA NGAYO FUTHI UBE NESIKHATHI SOKUJIMA

    Yidla ukudla okunempilo, uphuze amanzi amaningi futhi ujime.

  • 3: LALA NGOKWANELE

    Ukulala kubalulekile ukuze ukwazi ukubhekana nokukhathala okungavamile okubangelwa usizi lokushonelwa.

  • 4: ZIVUMELANISE NEZIMO

    Ayifani indlela abantu ababhekana ngayo nosizi lokushonelwa, ngakho thola ukuthi yini ekusebenzela kangcono wena.

  • 5: GWEMA IMIKHUBA ELIMAZAYO

    Gwema izidakamizwa nokuphuza ngokweqile, okungabangela ezinye izinkinga kunokuba kuzinciphise.

  • 6: SISEBENZISE KAHLE ISIKHATHI SAKHO

    Zinike isikhathi sokubhekana nosizi lwakho, kodwa ube naso nesikhathi sokuba nabanye nesokuzijabulisa.

  • 7: QHUBEKA NEZINTO OBUVAME UKUZENZA

    Zama ukubuyela ekuphileni okuvamile ngokuqhubeka wenza izinto obuvame ukuzenza.

  • 8: GWEMA UKWENZA IZINQUMO EZINKULU NGOKUSHESHA

    Uma kungenzeka, linda isikhathi esingaphezu konyaka ngaphambi kokwenza izinqumo ezinkulu, ongazisola ngazo ngemva kwesikhathi.

  • 9: MKHUMBULE UMUNTU OMTHANDAYO OSHONILE

    Gcina izithombe noma izinto ezithile ezikwenza umkhumbule, noma ubhale phansi izenzakalo ofisa ukuzikhumbula ngaye.

  • 10: SHAYWA UMOYA

    Yenza okuthile okuhlukile njengokuvakasha, ngisho noma kungaba usuku noma ingxenye yosuku.

  • 11: SIZA ABANYE

    Ukududuza abanye, okuhlanganisa nalabo okubaphathe kabi ukushona komuntu omthandayo, kungakunikeza isizathu sokuqhubeka uphila.

  • 12: HLELA KABUSHA IZINTO EZIBALULEKILE KUWE

    Sebenzisa lesi sikhathi ukuze uhlole ukuthi yini ebaluleke ngempela kuwe, uma kudingeka ukuba wenze ushintsho, lwenze.

Iqiniso liwukuthi ayikho into engabuqeda ngokuphelele ubuhlungu bokushonelwa. Noma kunjalo, abaningi abaye bashonelwa abantu ababathandayo bangakufakazela ukuthi ukuthatha izinyathelo ezifanele, njengalezi esikhulume ngazo kulesi sihloko, kwabasiza bathola induduzo. Kuyiqiniso ukuthi izeluleko ezikulesi sihloko akuzona zodwa ezingakusiza unciphise ubuhlungu bokushonelwa. Kodwa uma uzisebenzisa, zingakusiza udambise ubuhlungu obuzwayo.

a I-Phaphama! ayikhuthazi izindlela ezithile zokwelapha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela