Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 70
  • UJona Nenhlanzi Enkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJona Nenhlanzi Enkulu
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Wambekezelela UJona
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Wafunda Emaphutheni Akhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wafunda Emaphutheni Akhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • UJona Ufunda Ngesihe SikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 70
UJona usezogwinywa inhlanzi enkulu

INdaba 70

UJona Nenhlanzi Enkulu

BHEKA le ndoda esemanzini. Isenkathazweni, akunjalo? Leya nhlanzi isizoyigwinya! Uyazi ukuthi le ndoda ingubani? Igama layo uJona. Ake sibone ukuthi yangena kanjani kule nkathazo.

UJona ungumprofethi kaJehova. Esikhathini esingeside ngemva kokufa komprofethi u-Elisha uJehova utshela uJona: ‘Yiya emzini omkhulu waseNineve. Ububi babantu khona bukhulu kakhulu. Ngifuna ukhulume nabo ngabo.’

Kodwa uJona akafuni ukuya. Ngakho ugibela umkhumbi oya kude naseNineve. UJehova akajabuli ngokubaleka kukaJona. Ngakho ubangela isiphepho esikhulu. Sibi kangangokuthi umkhumbi uba sengozini yokucwila. Amatilosi esaba kakhulu, acele usizo konkulunkulu bawo.

Amatilosi abuka eceleni komkhumbi ngemva kokuba uJona ephonswe olwandle

Ekugcineni uJona uyawatshela: ‘Ngikhulekela uJehova, owenza izulu nomhlaba. Ngibalekela ukwenza lokho angitshele ukuba ngikwenze.’ Amatilosi ayabuza: ‘Kufanele sikwenze njani ukuze sinqande isiphepho?’

UJona athi: ‘Ngiphonseni olwandle, ulwandle luzothula futhi.’ Amatilosi awafuni ukwenza lokho; kodwa njengoba isiphepho siya phambili ekugcineni aphonsa uJona olwandle. Isiphepho siphele khona lapho, ulwandle luthule futhi.

Njengoba uJona eshona phansi emanzini, inhlanzi enkulu iyamgwinya. Akafi. Izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu usesiswini senhlanzi. UJona udabuke kakhulu ngokungalaleli uJehova aye eNineve. Uyazi ukuthi wenzani?

UJona uthandazela usizo kuJehova. UJehova enze ukuba inhlanzi imhlanze ezweni elomile. Ngemva kwalokho uJona uya eNineve. Ingabe lokhu akufundisi ukuthi kubaluleke kangakanani ukwenza noma yini uJehova ayishoyo?

Incwadi yeBhayibheli kaJona.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela