INgoma 103
Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova
1. Yizwa umkhuleko wami;
Nkosi ungazifihli.
Nginake ungiphendule,
’Ze ngingakhathazeki.
(Chorus)
2. Uma nganginamaphiko,
Ngangondizela kude
Endawen’ engenababi,
Abangathembekile.
(Chorus)
3. Ngizobiza uJehova,
Ohlel’ esihlalweni.
Unikeza ukuthula,
Ahleng’uk’phila kwami.
(CHORUS)
Phons’ umthwalo kuJehova;
Yen’ uzokusekela.
Ngeke akuyek’ uyenda
Wokunika amandla.