Isahluko 13
“INkosi Yokuthula” Iphendukela Kwabangaphandle Kwesivumelwano Esisha
1. Kungani amaJuda anamuhla engenakukuphika ukuthi sasiyophela isivumelwano sikaMose esenziwa nokhokho bawo?
AMAJUDA emvelo namuhla, lawo ayinzalo engokwenyama yenzalamizi uAbrahama, awanakuphika ukuthi isivumelwano esisha nesingcono kwakumelwe sithathe isikhundla sesivumelwano soMthetho kaMose esidala. Awanakuwasusa amazwi kaNkulunkulu akuJeremiya 31:31 emibhalweni yawo elotshwe ngesandla yemiBhalo yesiHeberu: “Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu kaIsrayeli nendlu kaJuda.”
2. Ekugcineni yaxazululwa kanjani inkinga yokuthi ubani owayeyoba uMlamuleli wesivumelwano esisha?
2 UJeremiya akazange abikezele ukuthi ubani owayezoba umlamuleli walesosivumelwano esisha. Kodwa ngobusuku bukaNisan 14, 33 C.E., lapho uJesu Kristu enikeza abafundi bakhe indebe yewayini lePhasika, wabonisa ukuthi wayezoba uMlamuleli. (Luka 22:20) KumaHeberu 7:22 sitshelwa ukuthi ‘uyisiboniso,’ ummeli, noma isiqinisekiso, ‘salesosivumelwano esingcono’ nesisha.
3. Isiphi esinye isikhundla ngakuNkulunkulu uJesu Kristu akuso, futhi ingabe safika kuye ngohlu lozalo?
3 Ngomhlatshelo wakhe ngenxa yesivumelwano esisha, uJesu waba umPristi oMkhulu kaJehova. Akazange abe nguye ngohlu lozalo olungokwemvelo luka-Aroni, umpristi omkhulu wokuqala kwaIsrayeli. Wafungelwa isikhundla sokuba umPristi oMkhulu ngesifungo sikaNkulunkulu oPhezukonke, uJehova, uMenzi wabaPristi. Amazwi eHubo 110:4 asebenza kuJesu: “UJehova ufungile engayikuguquka, wathi: Wena ungumpristi kuze kube-phakade ngendlela kaMelkisedeki.”—Heberu 7:20, 21.
4. (a) UJehova wasenza naluphi uhlobo ‘lukaIsrayeli’ isivumelwano esisha esithenjisiwe, futhi ngani? (b) Labo abangeniswa esivumelwaneni esisha baba amadodana abaphi abazali?
4 Ngaphandle kwensali encane, isizwe sakwaIsrayeli wemvelo samenqaba uJesu Kristu njengoMlamuleli wesivumelwano esisha. Kanjalo ‘indlu kaIsrayeli’ uJehova enza nayo isivumelwano esisha esasibikezelwe yabonakala inguIsrayeli ongokomoya, “uIsrayeli kaNkulunkulu.” (Galathiya 6:16) LowoIsrayeli ongokomoya wazalwa ngosuku lwePentekoste, lika-33 C.E. Njengoba engokomoya, wayengabanikeza amalungelo akhe obuzwe abangewona amaJuda, noma abeZizwe. (IzEnzo 15:14) UPetru wambiza ngokuthi “uhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo.” (1 Petru 2:9) “Isizwe esingcwele” sakhiwa amadodana angokomoya ka-Abrahama oMkhulu, uJehova, uMenzi noMphelelisi wesivumelwano sika-Abrahama. Ngakho-ke, ngesikhathi esifanayo ‘angamadodana’ enhlangano kaJehova yasezulwini enjengomfazi, eyafanekiselwa uSara, umka-Abrahama. Ngokungenakugwenywa, isivumelwano esisha sika-Abrahama oMkhulu sihlanganisa leyonhlangano yasezulwini njengonina ‘wenzalo’ ethenjisiwe, eyafanekiselwa uIsaka.
“Ezinye Izimvu” Zihlanganisiwe Emhlambini Munye
5. Yini eyayidingwa isivumelwano esisha lapha emhlabeni?
5 Lesosivumelwano esisha sasidinga izikhonzi ezikhuthele lapha emhlabeni, futhi amalungu ensali egcotshiwe aye akhonza ‘njengezikhonzi zesivumelwano esisha’ ezifaneleka kahle esiye sathatha isikhundla sesivumelwano soMthetho kaMose esidala. (2 Korinte 3:6) Awazona izikhonzi ezingabefundisi phakathi kwamakhulu amahlelo eLobukholwa enkolo, ingxenye evelele yeBabiloni Elikhulu lanamuhla. Aye alalela ubizo lwesAmbulo 18:4 futhi aphuma kulowombuso wezwe wenkolo yamanga.
6. (a) Silinganiselwe kwabangaki isibalo sezikhonzi zesivumelwano esisha? (b) Sazi kanjani ukuthi uMalusi oMuhle wayezophendulela ukunakekela kwakhe kulabo abangaphandle kwesivumelwano esisha?
6 Isibalo sezikhonzi zalesosivumelwano esisha kwakumelwe sigcine ezi-144 000. (IsAmbulo 7:1-8; 14:1-5) Ngakho nakanjani kwakumelwe sifike isikhathi sokuba uMalusi oMuhle aphendulele ukunakekela kwakhe ngalé kwezikhonzi zesivumelwano esisha. UNdunankulu kaJehova wakubona kusengaphambili lokhu futhi wabhekisela kukho kuJohane 10:16, uma ethi ‘wayenezinye izimvu,’ ezazingezona ‘ezomhlambi omncane’ wezi-144 000.—Luka 12:32.
7. (a) Kungani amalungu esigaba ‘sezinye izimvu’ engezona izikhonzi zesivumelwano esisha? (b) Insali yalabo abasesivumelwaneni esisha iye yaba kanjani kakade isibusiso emindenini nasezizweni zomhlaba?
7 Nakuba “ezinye izimvu” zazingenakuba ‘ezomhlambi omncane,’ nazo, zaziyokuba izikhonzi zikaNkulunkulu, kodwa hhayi izikhonzi zesivumelwano esisha. Futhi iqiniso lokuthi lezo “ezinye izimvu” zaziyoba “mhlambi munye” nensali yalezo “zikhonzi zesivumelwano esisha” laliyobonisa okuthile okukhazimulayo. Kuyini? Yilokhu: Ngaphambi kokuba ikhazinyuliswe eMbusweni wasezulwini, insali ngokwayo yayiyohlanganyela “nezinye izimvu” emhlabeni. Ngalendlela insali yenzalo ka-Abrahama engokomoya yayiyoqala ukuba isibusiso kuyo yonke imindeni nezizwe ngaphambi ‘kwempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eHarmagedoni nangaphambi kokuqala kweMinyaka Eyinkulungwane.—Galathiya 3:29; IsAmbulo 16:14, 16.
8. UMalusi oMuhle wakuphendulela nini ukunakekela kwakhe kulabo abangaphandle kwesivumelwano esisha, futhi isiphi isinyathelo esiyisandulelo “ezinye izimvu” eziye zasithatha?
8 Lokhu kuye kwaba njalo ngempela, ikakhulukazi kusukela ngo-1935. Kusukela lapho, izigidi zalezo “ezinye izimvu” ziye zahlanganyela namashumi ezinkulungwane amabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke futhi ziye zazinikezela kuMalusi oPhakeme, uJehova uNkulunkulu. Ngaleyondlela ziye zangeniswa ‘emhlambini munye’ kaMalusi oMuhle, uJesu Kristu.
9. Ingabe ukwelulwa kokunakekela koMlamuleli wesivumelwano esisha kwakusho ukuthi inkonzo yesivumelwano esisha yayisiphelile emhlabeni?
9 Ingabe iqiniso lokuthi, kusukela lapho kuqhubeke, uMlamuleli wesivumelwano esisha wayelula ukunakekela kwakhe ukuze ahlanganise futhi “nezinye izimvu” lisho ukuthi inkonzo yesivumelwano esisha yaphela ngo-1935? Cha, ngoba kusekhona insali yezikhonzi zesivumelwano esisha esesemhlabeni, futhi kusamelwe iqede leyonkonzo.
10. Obani namuhla abazuzayo enkonzweni yesivumelwano esisha njengoba yenziwa abalobi abayisishiyagalombili bemiBhalo yamaKristu yesiGreki?
10 Namuhla, kokubili insali ‘yomhlambi omncane’ ‘nesixuku esikhulu’ esandayo ‘sezinye izimvu’ zikaMalusi oMuhle kuyazuza enkonzweni yabanye ababandulela, njengomphostoli uPawulu. Ekufezeni inkonzo yakhe yesivumelwano esisha ngokwethembeka kuze kube sekufeni kwakhe eRoma esikhathini esithile ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E., uPawulu waphefumlelwa ukuba alobe izincwadi eziyi-14 kwezingama-27 zemiBhalo yamaKristu yesiGreki. Yeka indlela insali egcotshiwe ‘nesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ ababonga ngayo ngokuthi amadoda athembekile ekhulu lokuqala leminyaka, njengomphostoli uPawulu nabanye abalobi abayisikhombisa bemiBhalo yamaKristu yesiGreki, afeza inkonzo yawo yesivumelwano esisha kwaze kwaba sekupheleni kokuphila kwawo kwasemhlabeni! Futhi esikhathini sethu, izigidi ‘zezinye izimvu’ seziyazuza kakade enkonzweni yesivumelwano esisha, njengoba yenziwa insali egcotshiwe ngaphansi koMlamuleli, uJesu Kristu. Manje “iNkosi yokuthula” iye yaphendulela ukunakekela kwayo kulezi “ezinye izimvu” ezithandekayo, ezisibalo sazo siye sakhula ngokushesha.
11. (a) Sesinesikhathi esingakanani isivumelwano esisha sisebenza, futhi lokhu kubonisani? (b) Insali yezikhonzi zesivumelwano esisha ikhonza kuphi namuhla?
11 Nokho, kumelwe ukuba manje isikhathi sesiyaphela! Kakade isivumelwano esisha sesineminyaka eyi-1953 sisebenza, okuyisikhathi eside ngeminyaka engama-407 kunesivumelwano soMthetho kaMose esathatha isikhundla saso, futhi isibalo sezikhonzi zesivumelwano esisha siyancipha njengoba amalungu efa edlula emhlabeni. Kodwa insali yanamuhla yalezozikhonzi iyaqhubeka ikhonza ‘njengenceku ethembekileyo neqondayo’ iNkosi yayo, uJesu Kristu, ayimise “phezu kwakho konke enakho.”—Mathewu 24:45-47.
Ukudlulisela Isimemo Esithi: “Woza!”
12. NgokwesAmbulo 22:17, isiphi isimemo isigaba ‘somlobokazi’ esisidluliselayo, futhi kobani?
12 Yeka inkonzo yothando eyenziwa yilezozikhonzi zesivumelwano esisha! Ngokwesibonelo, kusAmbulo 22:17 siyafunda: “UMoya nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.” Isigaba ‘somlobokazi,’ kanye namandla kaJehova ayisiphekupheku, noma umoya, sidlulisela lesosimemo kulabo abangaphandle kwesivumelwano esisha. Lesimemo asidluliselwa kulabo abafile abasemathuneni okukhunjulwa abayobusiswa ngokuvuswa kwabafileyo, kodwa kubantu abaphila manje, abasengozini yokubhujiswa eHarmagedoni kodwa abanezindlebe ezizwayo.
13. (a) Ingabe siye saba yize isimemo esiye sadluliselwa isigaba ‘somlobokazi’? Chaza. (b) Yini labo asebeye basemukela isimemo abayenzayo ngokulalela isAmbulo 22:17? (c) Kumelwe sibe yini isimo ngokuqondene nesikhathi esisele sokudlulisela isimemo?
13 Lesimemo sothando asidluliselwanga ize emhlabeni wonke ikakhulukazi kusukela ngo-1935. Kakade abangaphezu kwezigidi ezintathu sebeye basabela esimemweni somusa sokuba beze baphuze. Njengalabo abaye bezwa ngokwazisa, ngokulalela basasho kwezinye izigidi eziningi ezomele ukuphila okungapheli emhlabeni oyipharadesi ukuthi, “Woza!” Kodwa isikhathi sokudlulisela lesimemo somusa ‘kwezinye izimvu’ silinganiselwe. Ngemva kokuba sesidluliselwe iminyaka engaphezu kwengamashumi ayisihlanu, kumelwe ukuba sesisifushane kakhulu manje isikhathi esisele, njengoba impi kaNkulunkulu eHarmagedoni ilunguza ngokwesabisayo ‘kulesizukulwane’ sesintu.—Mathewu 24:34.
14. Kumelwe simbonge futhi simdumise ngenxa yani uJehova?
14 Ngakho-ke, siyambonga uJehova ngokuthi uye walungiselela uMlamuleli ofanelekayo oyifeza ngokuphumelelayo injongo yesivumelwano esisha ngokuveza abantu begama laKhe, abayizi-144 000! Udumo, futhi, kuJehova ngokuthi uMlamuleli wakhe njengoMalusi oMuhle kakade useletha izigidi ezandayo ‘zezinye izimvu’ ‘emhlambini munye,’ lapho seziye zangena kakade ezinzuzweni zokuqala ezigobhozela esintwini zivela esivumelwaneni esisha!
[Isithombe ekhasini 111]
Izigidi ‘zezinye izimvu’ ziye zangena enhlanganweni kaJehova ebonakalayo kulezinsuku zokugcina