Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • pe isahl. 5 kk. 47-56
  • Ingabe IBhayibheli Ngempela Livela KuNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe IBhayibheli Ngempela Livela KuNkulunkulu?
  • Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AYIKHO ENYE INCWADI ENJENGEBHAYIBHELI
  • INDLELA IBHAYIBHELI ELALOTSHWA NGAYO
  • UKWENZA IBHAYIBHELI LITHOLAKALE KUBO BONKE
  • INGABE IBHAYIBHELI LIYE LASHINTSHWA?
  • INGABE IBHAYIBHELI NGEMPELA LIQINISILE?
  • Liyini IBhayibheli?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • UJehova, UNkulunkulu Okhulumisanayo Nezidalwa Zakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • IBhayibheli—Kungani Kunezinguqulo Eziningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
Bheka Okunye
Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
pe isahl. 5 kk. 47-56

Isahluko 5

Ingabe IBhayibheli Ngempela Livela KuNkulunkulu?

1. Kungani kunengqondo ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu wayefanele ukusinikeza ukwaziswa ngaye ngokwakhe?

INGABE uJehova uNkulunkulu uye wasinikeza ukwaziswa ngaye ngokwakhe? Ingabe uye wasitshela ukuthi yini aseyenzile nokuthi yini asajonge ukuyenza? Ubaba obathandayo abantwana bakhe ubatshela izinto eziningi. Futhi ngalokho esesikubonile, uJehova ngempela ungubaba onothando.

2. (a) Iyiphi indlela engcono kakhulu ngoJehova yokusitshela ngaye ngokwakhe? (b) Lokhu kuphakamisa miphi imibuzo?

2 UJehova wayengabanikeza kanjani ukwaziswa abantu abahlala ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba nangezinkathi ezihlukahlukene zezikhathi? Indlela engcono kakhulu kwakungaba ukuba abe nencwadi ebhaliwe abese enza ukuba itholakale kubo bonke. Ingabe iBhayibheli liyiNcwadi enjalo evela kuNkulunkulu? Singazi kanjani ukuthi liyiyo?

AYIKHO ENYE INCWADI ENJENGEBHAYIBHELI

3. Iyiphi enye indlela iBhayibheli eliyincwadi evelele ngayo?

3 Uma iBhayibheli ngempela livela kuNkulunkulu, kumelwe silindele ukuba libe incwadi evelele kunazo zonke ezake zalotshwa. Ingabe linjalo? Yebo, ngezizathu eziningi. Okokuqala, lidala kakhulu; awunakulindela ukuba iZwi likaNkulunkulu eliya kuso sonke isintu libe ngelabhalwa esikhathini esifushane nje esidlule, akunjalo? Ukubhalwa kwalo kwaqala eminyakeni eyizi-3 500 edlule ngolimi lwesiHeberu. Khona-ke, eminyakeni eyizi-2 200 edlule, laqala ukuhunyushelwa kwezinye izilimi. Namuhla cishe wonke umuntu emhlabeni angalifunda iBhayibheli ngolimi lwakhe.

4. Inani lamaBhayibheli aye akhiqizwa liqhathaniseka kanjani nelezinye izincwadi?

4 Futhi, ayikho enye incwadi esondela nokusondela nje eBhayibhelini ngobuningi bokunyatheliswa kwalo. Incwadi ingase ibizwe ngokuthi “ithengwa kakhulu” uma kuyizinkulungwane nje zayo eziye zanyatheliswa. Kodwa minyaka yonke izigidi eziningi zamaBhayibheli ziyanyatheliswa. Futhi emakhulwini eminyaka izinkulungwane zezigidi ziye zanyatheliswa! Cishe ayikho indawo emhlabeni, kungakhathaliseki ukuthi isehlane kangakanani, lapho ungenakuthola khona iBhayibheli. Ingabe akukhona lokho ongakulindela ngencwadi evela kuNkulunkulu ngempela?

5. Imiphi imizamo eye yenziwa yokubhubhisa iBhayibheli?

5 Okwenza lokhu kusakazwa okukhulu kweBhayibheli kube ngokuvelele ngokwengeziwe yiqiniso lokuthi izitha ziye zazama ukulibhubhisa. Kodwa ingabe besingenakulindela yini ukuba incwadi evela kuNkulunkulu ibe ngaphansi kokuhlaselwa ngamanxusa kaDeveli? Lokhu kuye kwenzeka. Kunesikhathi lapho ukushiswa kweBhayibheli kwakuyinto evamile, futhi labo ababebanjwa befunda iBhayibheli babejeziswa ngokubulawa.

6. (a) Imiphi imibuzo ebalulekile iBhayibheli eliyiphendulayo? (b) Abalobi beBhayibheli bathi bakwamukela kuvelaphi ukwaziswa kwabo?

6 Ubuyolindela incwadi evela kuNkulunkulu ukuba ikhulumele izinto ezibalulekile sonke okumelwe sifune ukuzazi. ‘Kwavelaphi ukuphila?’ ‘Kungani silapha?’ ‘Ikusasa liyosilethelani?’ lena ngeminye yemibuzo eliyiphendulayo. Futhi lisho ngokusobala ukuthi ukwaziswa elikuqukethe kuvela kuJehova uNkulunkulu. Omunye umlobi weBhayibheli wathi: “UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.” (2 Samuweli 23:2) Omunye waloba: “Yonke imibhalo iphefumlelwe nguNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Njengoba iBhayibheli lisho ngokuqondile ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu, akunakuba yini ukuhlakanipha ukulihlola ukuze sibone noma liyilo?

INDLELA IBHAYIBHELI ELALOTSHWA NGAYO

7. (a) Ubani owaloba iBhayibheli? (b) Khona-ke kungashiwo kanjani ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu?

7 Ungase ubuze: ‘Nokho, kungashiwo kanjani ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu kanti lalotshwa abantu?’ Kuyiqiniso, cishe abantu abangama-40 bahlanganyela ekulobeni iBhayibheli. Labantu yibona abalibhala ngokoqobo iBhayibheli ngaphandle kweMiyalo Eyishumi, eyabhalwa uNkulunkulu ngokwakhe ezibhebheni zamatshe ngokusebenza okuqondile komoya wakhe ongcwele. (Eksodusi 31:18) Nokho, lokhu akukwenzi lokho abakulobayo kungabi yiZwi likaNkulunkulu. IBhayibheli liyachaza: “Abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.” (2 Petru 1:21) Yebo, njengoba nje uNkulunkulu asebenzisa umoya ongcwele onamandla ukuba adale amazulu, umhlaba nazo zonke izinto eziphilayo, wawusebenzisa futhi ekuqondiseni ukulotshwa kweBhayibheli.

8, 9. Yiziphi izibonelo namuhla ezingasisiza ukuba siqonde ukuthi uNkulunkulu wenza kanjani ukuba kulotshwe iBhayibheli?

8 Lokhu kusho ukuthi iBhayibheli linomlobi oyedwa kuphela, uJehova uNkulunkulu. Wasebenzisa abantu ekubeni babhale lokho kwaziswa phansi, njengoba nje nosomabhizinisi esebenzisa unobhala wakhe ekubhaleni incwadi. Unobhala uyayibhala incwadi, kodwa leyoncwadi iphethe imiqondo nemibono kasomabhizinisi. Ngakho-ke leyoncwadi ingeyakhe, akuyona ekanobhala, njengoba nje neBhayibheli liyiNcwadi kaNkulunkulu, aliyona incwadi yabantu abasetshenziswa ekubeni bayibhale.

9 Njengoba ingqondo yadalwa uNkulunkulu, ngokuqinisekile akazange akuthole kunzima ukuthintana nezingqondo zezinceku zakhe ukuze azinikeze ukwaziswa kokukubhala. Ngisho nanamuhla umuntu angahlala ekhaya lakhe athole imiyalezo evela endaweni ekude ngomsakazo noma ngethelevishini. Amazwi noma imifanekiso kuhamba amabanga amade ngokusetshenziswa kwemithetho yendalo kaNkulunkulu. Ngakho-ke kulula ukuqonda ukuthi uJehova, esendaweni yakhe ekude emazulwini, wayengase akwazi ukuqondisa abantu ukuba babhale ukwaziswa ayefuna ukuba umkhaya wesintu ukwazi.

10. (a) Zingaki izincwadi ezihlanganisa iBhayibheli, futhi zalotshwa phakathi nesikhathi eside kangakanani? (b) Isiphi isihloko esiyinhloko esikulo lonke iBhayibheli?

10 Umphumela uye waba iNcwadi emangalisayo. Eqinisweni, iBhayibheli lenziwe yizincwadi ezincane ezingama-66. Igama lesiGreki elithi biblia, lapho igama elithi “iBhayibheli” livela khona, lisho ukuthi “izincwadi ezincane.” Lezincwadi, zalotshwa esikhathini esingaba iminyaka eyi-1 600 kusukela ku-1513 B.C.E. kuya ku-98 C.E. Nokho, ngenxa yokuba noMlobi oyedwa, zonke lezincwadi zeBhayibheli ziyavumelana. Kutholakala umqondo ofanayo kuzo zonke, okungukuthi, uJehova uNkulunkulu uyobuyisela izimo zokulunga ngombuso wakhe. Incwadi yokuqala kaGenesise, isitshela ngendlela ikhaya eliyipharadesi elalahleka ngayo ngenxa yokuhlubuka ngakuNkulunkulu, kanti incwadi yokugcina, isAmbulo, ichaza indlela umhlaba oyokwenziwa ngayo ube ipharadesi futhi wenziwa ukubusa kukaNkulunkulu.—Genesise 3:19, 23; IsAmbulo 12:10; 21:3, 4.

11. (a) Iziphi izilimi ezasetshenziswa ekulobeni iBhayibheli? (b) IBhayibheli lihlukaniswe ngaziphi izigaba ezimbili eziyinhloko, kodwa yini ebonisa ubunye bazo?

11 Izincwadi zokuqala ezingama-39 zeBhayibheli zabhalwa ngokuyinhloko ngolimi lwesiHeberu, kanye nezingxenye ezincane kakhulu ngesiAramu. Izincwadi zokugcina ezingama-27 zalotshwa ngesiGreki, okuwulimi olwaluvamile lwabantu ngesikhathi uJesu nabalandeli bakhe abangamaKristu besemhlabeni. Lezingxenye ezimbili eziyinhloko zeBhayibheli zibizwa ngokufanele ngokuthi “ImiBhalo YesiHeberu” nokuthi “ImiBhalo YesiGreki.” Ekuboniseni ukuvumelana phakathi kwazo, imiBhalo yesiGreki icaphuna emiBhalweni yesiHeberu izikhathi ezingaphezu kwama-365, iphinde futhi ibe nezikhombo cishe ezingama-375 ezibhekisela kuyo.

UKWENZA IBHAYIBHELI LITHOLAKALE KUBO BONKE

12. Kungani uJehova enza ukuba kube namakhophi enziwayo eBhayibheli?

12 Ukuba kwakukhona imibhalo yokuqala kuphela, babengalifunda kanjani bonke abantu iZwi likaNkulunkulu? Babengenakukwazi. Ngakho uJehova wahlela ukuba kwenziwe amakhophi emibhalo yokuqala yesiHeberu. (Duteronomi 17:18) Ngokwesibonelo, indoda okuthiwa uEzra, kuthiwa “wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.” (Ezra 7:6) Futhi, izinkulungwane eziningi zamakhophi emiBhalo yesiGreki zenziwa.

13. (a) Yini eyayidingeka ukuze abantu abaningi bakwazi ukufunda iBhayibheli? (b) Inguqulo yokuqala yeBhayibheli yenziwa nini?

13 Ingabe uyasifunda isiHeberu noma isiGreki? Uma kungenjalo, awunakuyifunda imibhalo yasekuqaleni eyayilotshwe ngesandla yeBhayibheli, eminye yayo esekhona namanje. Ngakho-ke, ukuze ukwazi ukufunda iBhayibheli, othile kwadinga abeke amazwi alo ngolimi olwaziyo. Lokhu kuguqula kusuka kolunye ulimi kuya kolunye kuye kwenza kwaba nokwenzeka ngabantu abengeziwe ukuba bafunde iZwi likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, eminyakeni ecishe ibe ngama-300 ngaphambi kokuba uJesu aphile emhlabeni, isiGreki saba ulimi abantu abaningi abaqala ukulukhuluma. Ngakho imibhalo yesiHeberu yayiswa esiGrekini, kusukela ngo-280 B.C.E. Lenguqulo yokuqala yayibizwa ngokuthi i“Septuagint.”

14. (a) Kungani abanye abaholi benkolo babelwela ukuba iBhayibheli lingahunyushwa? (b) Yini ebonisa ukuthi laba bahlulwa kulowomzamo?

14 Kamuva, isiLatini saba ulimi lwabantu abaningi, ngakho iBhayibheli lahunyushelwa esiLatinini. Kepha njengoba amakhulu eminyaka ayedlula, babencipha abantu ababekhuluma isiLatini. Abantu abaningi bakhuluma ezinye izilimi, njengesiArabhu, isiFulentshi, isiPanishi, isiPutukezi, isiNtaliyane, isiJalimane nesiNgisi. Esikhathini eside abaholi benkolo bamaKatolika balwela ukuba iBhayibheli lingahunyushelwa olimini lwabantu abavamile. Babebashisa nokubashisa esigxotsheni abantu ababeneBhayibheli. Lokhu babekwenza ngenxa yokuthi iBhayibheli lalidalula izimfundiso zabo zamanga nemikhuba emibi. Kodwa, ngemva kwesikhathi, labaholi benkolo bahlulwa kuleyompi, futhi iBhayibheli laqala ukuhunyushelwa ezilimini eziningi futhi lasakazwa ngamanani amakhulu. Namuhla iBhayibheli lingafundwa, lilonke, noma izingxenye zalo, ngezilimi ezingaphezu kwe-1 700!

15. Kungani kukuhle ukuba nezinguqulo zamuva zeBhayibheli?

15 Njengoba iminyaka iqhubeka, izinguqulo eziningi ezihlukahlukene zeBhayibheli ziye zakhishwa ngolimi olufanayo. Ngokwesibonelo, ngesiNgisi nje kuphela kunezinqwabanqwaba zezinguqulo zeBhayibheli. Kungani? Ingabe eyodwa nje beyingeke yanele? Nokho, ekuhambeni kweminyaka ulimi lushintsha kakhulu. Ngakho uma ubungaqhathanisa izinguqulo zeBhayibheli ezindala nezintsha, ubungakubona ukushintsha olimini. Nakuba zonke zinomqondo ofanayo, uzophawula ukuthi izinguqulo eziye zanyatheliswa eminyakeni yamuva ngokuvamile kulula ukuziqonda. Ngakho-ke sibonga kakhulu ngezinguqulo zamuva zeBhayibheli, ngoba zibeka iZwi likaNkulunkulu ngolimi lwanamuhla oluvamile nokulula ukuluqonda.

INGABE IBHAYIBHELI LIYE LASHINTSHWA?

16. Kungani abanye abantu bekholelwa ukuthi iBhayibheli liye lashintshwa?

16 Kodwa ungase ubuze: ‘Singaqiniseka kanjani ukuthi amaBhayibheli ethu namuhla asenokwaziswa okufanayo nalokho abalobi beBhayibheli abakwamukela kuNkulunkulu?’ Ekukopishweni kwezincwadi zeBhayibheli okuphindaphindiwe emakhulwini eminyaka ngisho nezinkulungwane zeminyaka, ingabe amaphutha awazange angene? Yebo, kodwa lamaphutha aye atholakala futhi alungiswa ezinguqulweni zeBhayibheli zanamuhla. Namuhla ukwaziswa kungokufanayo nalokho uNkulunkulu akunikeza abalibhala okokuqala. Yibuphi ubufakazi obukhona balokhu?

17. Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi iBhayibheli alizange litshintshwe?

17 Nokho, phakathi kuka-1947 no-1955 kwatholakala lokho okwaziwa ngokuthi imiQulu YasoLwandle Olufile. Lemiqulu yakudala ihlanganisa amakhophi ezincwadi zemiBhalo yesiHeberu. Ihlehlela emuva eminyakeni eyi-100 kuya kwengama-200 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Omunye walemiqulu uyikhophi yencwadi kaIsaya. Ngaphambi kokuba kutholakale lona, ikhophi endala kakhulu yencwadi kaIsaya eyayikhona ngesiHeberu kwakuyileyo eyayenziwe cishe eminyakeni eyi-1 000 ngemva kokuzalwa kukaJesu. Lapho lamakhophi amabili kaIsaya eqhathaniswa kwakukhona umehluko omncane kakhulu kuwona, omningi wawo kwakuwukwehlukana okuncane kokulotshwa kwamagama! Lokhu kusho ukuthi eminyakeni engaphezu kweyi-1 000 yokukopisha aluzange ngempela lube khona ushintsho!

18. (a) Amaphutha abakopishi aye alungiswa kanjani? (b) Yini engashiwo ngokuqondene nokungabi naphutha kwemiBhalo yesiGreki?

18 Kukhona amakhophi asendulo angaphezu kwe-1 700 ayizingxenye ezihlukahlukene zemiBhalo yesiHeberu. Ngokuqhathanisa ngokunakekela lamakhophi amaningi amadala kangaka, ngisho namaphutha ambalwa ayenziwe abakopishi angatholakala futhi alungiswe. Futhi, kunezinkulungwane zamakhophi amadala emiBhalo yesiGreki, amanye alamakhophi aze afinyelele ngisho nasesikhathini sikaJesu nabaphostoli bakhe ngobudala. Ngakho-ke, njengoba uMnu. Frederic Kenyon asho: “Isisekelo sokugcina sanoma ikuphi ukungabaza ukuthi imiBhalo iye yafinyelela kithi injengoba yayilotshiwe manje sesisusiwe.”—The Bible and Archaeology, amakhasi 288, 289.

19. (a) Isiphi isibonelo somzamo wokunezela eBhayibhelini? (b) Kungani eyoku-1 Johane 5:7 njengoba ivela kwezinye izinguqulo zeBhayibheli ingeyona ingxenye yeBhayibheli?

19 Lokhu akusho ukuthi ayizange ibe khona imizamo yokushintsha iZwi likaNkulunkulu. Iye yaba khona. Isibonelo esiphawulekayo esika-1 Johane 5:7. KuyiKing James Version ka-1611 ufundeka kanje: “Ngoba bathathu abafakazayo ezulwini, uYise, uLizwi, noMoya oNgcwele. Futhi laba abathathu bamunye.” Kodwa lamazwi awaveli kunoma iyiphi yamakhophi akudala eBhayibheli. Anezelwa ngothile owayezama ukusekela imfundiso kaZiqu-zintathu. Njengoba kusobala ukuthi lamazwi awayona ngempela ingxenye yeZwi likaNkulunkulu, kuye kwaba khona ukulungiswa futhi lamazwi awasaveli emaBhayibhelini amasha.

20. Singaqiniseka kanjani ukuthi iBhayibheli liye lagcinwa lisesimweni esimsulwa?

20 Ngakho-ke noma ubani othi iBhayibheli alinakho ukwaziswa okufanayo njengoba lalinjalo ekulotshweni kwalo kokuqala umane nje akawazi amaqiniso. UJehova uNkulunkulu uye wanakekela ukuba iZwi lakhe livikeleke hhayi kuphela emaphutheni enziwa ngabakopishi kodwa futhi nasemizamweni yabanye yokunezela kulo. IBhayibheli ngokwalo liqukethe isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi iZwi lakhe liyohlala lisesimweni esiyiso ngenxa yethu namuhla.—AmaHubo 12:6; Daniyeli 12:4; 1 Petru 1:24, 25; IsAmbulo 22:18, 19.

INGABE IBHAYIBHELI NGEMPELA LIQINISILE?

21. UJesu walibheka kanjani iZwi likaNkulunkulu?

21 UJesu Kristu wathi lapho ethandaza kuNkulunkulu: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Kodwa ingabe amaqiniso ayakusekela lokhu? Uma iBhayibheli lihlolisiswa, ingabe sithola ukuthi ngempela liyiqiniso? Izazi zomlando eziye zatadisha iBhayibheli ngokuvamile ziyamangala ngokuqonda kwalo. IBhayibheli liqukethe amagama aqondile nemininingwane engase ifakazelwe. Cabangela ezinye izibonelo.

22-25. Yiziphi izibonelo ezimbalwa ezibonisa ukuthi iBhayibheli liqukethe umlando weqiniso?

22 Bheka imifanekiso nemibhalo ekuloludonga lwethempeli eKarnak, eGibithe. Isitshela ngokunqoba, cishe eminyakeni eyizi-3 000 edlule, kukaFaro Shishaki enqoba umbuso wakwaJuda ngesikhathi sokubusa kwendodana kaSolomoni uRehobowamu. IBhayibheli lisitshela ngesehlakalo esifanayo.—1 AmaKhosi 14:25, 26.

23 Bheka futhi iDwala lakwaMowabi. Okuyilona lona lingabonakala eLouvre Museum eParis, eFrance. Umbhalo usitshela ngokuhlubuka kweNkosi yakwaMowabi uMesha kuIsrayeli. Lesisenzakalo siyabikwa naso eBhayibhelini.—2 AmaKhosi 1:1; 3:4-27.

24 IChibi laseSilowama nomlomo womhume ongamamitha angama-533 wamanzi eJerusalema kuyabonakala lapha ngakwesokudla. Abaningi abaye bavakashela eJerusalema namuhla baye badavuza emanzini alomhume. Ukuba khona kwawo kuwubufakazi obengeziwe bokuthi iBhayibheli liyiqiniso. Kanjani? Ngoba iBhayibheli liyachaza ukuthi iNkosi uHezekiya yenza ukuba kwakhiwe lomhume eminyakeni engaphezu kwezi-2 500 edlule ukuze kuvikelwe amanzi emabuthweni ayebahlasela.—2 AmaKhosi 20:20; 2 IziKronike 32:2-4, 30.

25 EBritish Museum isivakashi singase sibone uMlando kaNabonidasi, okhophi yawo ibonakala ngakwesokudla. Uchaza ukuwa kweBabiloni lasendulo, njengoba neBhayibheli lichaza. (Daniyeli 5:30, 31) Kodwa iBhayibheli lithi uBelishasari wayeyinkosi yaseBabiloni ngalesosikhathi. Kanti uMlando kaNabonidasi awumthinti uBelishasari. Eqinisweni, kunesikhathi lapho yonke imibhalo yasendulo eyaziwayo yayithi uNabonidasi wayeyinkosi yokugcina yaseBabiloni. Ngakho labo abathi iBhayibheli alilona iqiniso babethi uBelishasari akakaze abe khona futhi iBhayibheli liphambukile. Kodwa eminyakeni yamuva imibhalo yasendulo iye yatholakala ichaza uBelishasari njengendodana kaNabonidasi nowayehlanganyela noyise ekubuseni iBabiloni ngalesosikhathi! Yebo, iBhayibheli liyiqiniso ngempela, njengoba izibonelo eziningi zibonisa.

26. Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi iBhayibheli alinaphutha ngokwesayensi?

26 Nokho iBhayibheli aliqukethe nje kuphela umlando oyiqiniso. Konke elikushoyo kuyiqiniso. Ngisho nalapho lithinta izindaba zesayensi, linemba ngokumangalisayo. Nazi izibonelo ezimbili nje kuphela: Ezikhathini zasendulo kwakunenkolelo yokuthi umhlaba wawunesisekelo esithile esibonakalayo, weyame kokuthile, njengokuthile okukhulukazi. Nokho ngokuvumelana ngokuphelele nobufakazi besayensi, iBhayibheli libika ukuthi uNkulunkulu “uphanyeka umhlaba phezu kweze.” (Jobe 26:7) Futhi kunokuba lithi umhlaba uyisicaba, njengoba abaningi babekholelwa esikhathini esidlule, iBhayibheli lithi uNkulunkulu “ohlezi esiyingelezini somhlaba.”—Isaya 40:22.

27. (a) Ibuphi ubufakazi obunamandla kunabo bonke bokuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu? (b) Iziphi izinto imiBhalo yesiHeberu eye yazibikezela ngokuyiqiniso ngeNdodana kaNkulunkulu?

27 Kodwa ubufakazi obukhulu kakhulu bokuthi iBhayibheli ngempela livela kuNkulunkulu buwumbhalo walo ophelele obikezela ngesikhathi esizayo. Akukho-ncwadi elotshwe umuntu ebika ngokuqondile ngomlando ngaphambi kokuba wenzeke; kodwa iBhayibheli liyakwenza. Ligcwele iziprofetho eziqondile, yebo, zomlando owalotshwa ngaphambi kokuba wenzeke. Ezinye eziphawuleka kakhulu zalezi zingeziqondene nokufika kweNdodana kaNkulunkulu emhlabeni. ImiBhalo yesiHeberu yabikezela ngokuqondile emakhulwini eminyaka ngaphambili ukuthi lona oThenjisiwe wayeyozalwa eBetlehema, nokuthi wayeyozalwa incasakazi, akhashelwe ngezinhlamvu ezingama-30 zesiliva, nokuthi wayeyobalwa kanye nezoni, nokuthi alikho ithambo lomzimba wakhe elaliyophulwa, nokuthi kwakuyokwenziwa inkatho ngezambatho zakhe, neminingi eminye imininingwane.—Mika 5:2; Mathewu 2:3-9; Isaya 7:14; Mathewu 1:22, 23; Zakariya 11:12, 13; Mathewu 27:3-5; Isaya 53:12; Luka 22:37, 52; 23:32, 33; AmaHubo 34:20; Johane 19:36; AmaHubo 22:18; Mathewu 27:35.

28. (a) Kungani slngaqiniseka ukuthi ngisho nalezoziprofetho zeBhayibheli ezingakagcwaliseki zizogcwaliseka? (b) Ukuqhubeka utadisha iBhayibheli kuyokuqinisekisa ngani?

28 Njengoba kuye kwashiwo esahlukweni sokuqala salencwadi, iBhayibheli futhi libikezela ukuthi lesimiso esidala sezinto ngokushesha sizophela endaweni yaso kungene esisha sokulunga. (Mathewu 24:3-14; 2 Petru 3:7, 13) Singathembela yini eziprofethweni ezinjalo ezisazogcwaliseka? Nokho, uma othile ekutshela iqiniso izikhathi eziyikhulu, ingabe ubungamngabaza ngokushesha nje uma ekutshela okuthile okusha? Uma ungakaze umthole enephutha, ingabe manje ubusungaqala ukumngabaza? Yeka ukuthi lokhu bekungaba ukungabi nangqondo kanjani! Ngokufanayo, akukho sizathu ngathi sokuba singabaze noma yini uNkulunkulu ayithembisayo eBhayibhelini. IZwi lakhe lingathenjelwa! (Thithu 1:2) Ngokuqhubeka utadisha iBhayibheli, nawe futhi uyoqiniseka ngokwengeziwe ngeqiniso lokuthi iBhayibheli ngempela livela kuNkulunkulu.

[Isithombe ekhasini 49]

UNkulunkulu wasebenzisa abantu ekulobeni iBhayibheli njengoba nje nosomabhizinisi esebenzisa unobhala ekulobeni incwadi

[Isithombe ekhasini 50]

Abanye abaholi benkolo babelwa ukuze abantu abavamile bangalitholi iBhayibheli, bebashisa nokubashisa esigxotsheni abanalo

[Isithombe ekhasini 52, 53]

Umqulu kaIsaya WasoLwandle Olufile

[Isithombe ekhasini 54, 55]

Udonga lwethempeli eKarnak, eGibithe

[Isithombe ekhasini 55]

IDwala LakwaMowabi

[Isithombe ekhasini 55]

Umlando kaNobonidasi

[Isithombe ekhasini 55]

Umlomo woMhume kaHezekiya neChibi LaseSilowama

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela