Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 10
  • Uhambo Oluphindaphindiwe Lokuya EJerusalema

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhambo Oluphindaphindiwe Lokuya EJerusalema
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhambo Lokuya EJerusalema
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Umndeni Wakubo KaJesu Uthatha Uhambo Oluya EJerusalema
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Esemusha
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJesu Omncane Ethempelini
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 10

Isahluko 10

Uhambo Oluphindaphindiwe Lokuya EJerusalema

INTWASAHLOBO isifikile. Futhi sekuyisikhathi sokuba umkhaya kaJosefa, kanye nabangane nezihlobo, uthathe uhambo lwawo lwaminyaka yonke entwasahlobo lokuya eJerusalema ukuyogubha iPhasika. Njengoba usuka uthatha uhambo lwamakhilomitha angu-100, kunenjabulo evamile. UJesu manje useneminyaka engu-12 ubudala, futhi ubheke phambili ngesithakazelo esikhethekile kulomkhosi.

KuJesu nasemkhayeni wakubo, iPhasika akuyona indaba yosuku olulodwa. Bahlalela futhi uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo olandelayo wezinsuku eziyisikhombisa, abawubheka njengengxenye yenkathi yePhasika. Ngenxa yalokho, lonke uhambo ukusuka ekhaya labo eNazaretha, kuhlanganise nokuhlala eJerusalema, luthatha cishe amasonto amabili. Kodwa kulonyaka, ngenxa yokuthile okuhlanganisa uJesu, luthatha isikhathi esijana.

Inkinga ibonakala ohambweni lokubuya eJerusalema. UJosefa noMariya bathatha ngokuthi uJesu useqenjini lezihlobo nabangane abahamba nabo. Kodwa akabonakali lapho bema ebusuku ukuba balale, futhi bayamfuna phakathi kwalabo abahamba nabo. Akatholakali ndawo. Ngakho uJosefa noMariya bahamba yonke lendlela bebuyela eJerusalema beyomfuna.

Bamzingela usuku lonke, kodwa abamtholi. Nangosuku lwesibili abamtholi. Ekugcineni, ngosuku lwesithathu, baya ethempelini. Lapho, lwelinye lamahholo alo, babona uJesu ehlezi phakathi kwabafundisi abangamaJuda, ebalalele futhi ebuza imibuzo.

“Mntanami, usenzeleni okunje na?” kubuza uMariya. “Bheka uyihlo nami besikufuna silusizi.”

UJesu kuyammangalisa ukuthi bebengazi lapho bengamthola khona. “Kukanjani beningifunelani na?” ebuza. “Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibe-kokukaBaba na?”

UJesu akaqondi ukuthi kungani abazali bakhe bebengakwazi lokhu. Ngakho-ke, uJesu ubuyela ekhaya nabazali bakhe futhi uyaqhubeka ebathobela. Uyaqhubeka ekhula ngokuhlakanipha nangokomzimba futhi ethandeka kuNkulunkulu nakubantu. Yebo, kusukela ebuntwaneni kuqhubeke, uJesu akabeki isibonelo esihle nje kuphela ekufuneni izithakazelo ezingokomoya kodwa futhi nasekuboniseni inhlonipho kubazali bakhe. Luka 2:40-52; 22:7.

▪ Yiluphi uhambo lwasentwasahlobo uJesu aluthatha njalo nomkhaya wakubo, futhi lude kangakanani?

▪ Kwenzekani phakathi nohambo abaluthathayo lapho uJesu eneminyaka engu-12 ubudala?

▪ Isiphi isibonelo uJesu asibekela intsha namuhla?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela