INgxenye 5
Isipho Esimangalisayo Senkululeko Yokuzinqumela
1, 2. Isiphi isipho esimangalisayo esiyingxenye yendlela esakheke ngayo?
UKUZE siqonde ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka nokuthi yini azoyenza ngakho, sidinga ukuqonda indlela asenze ngayo. Wenza okungaphezu nje kokusidala ukuba sibe nomzimba nengqondo. Wasidala saba nezimfanelo ezikhethekile zengqondo nemizwelo.
2 Ingxenye eyinhloko yendlela esakheke ngayo ngokwengqondo nangokomzwelo inkululeko yokuzinqumela. Yebo, uNkulunkulu wafaka ngaphakathi kithi isici senkululeko yokuzikhethela. Ngempela sasiyisipho esimangalisayo esivela kuye.
Indlela Esenziwe Ngayo
3-5. Kungani siyazisa inkululeko yokuzinqumela?
3 Ake sicabangele indlela inkululeko yokuzinqumela ehileleke ngayo ekuvumeleni kukaNkulunkulu ukuhlupheka. Okokuqala nje, cabanga ngalokhu: Ingabe uyakwazisa ukuba nenkululeko yokuzinqumela kulokho ozokwenza nozokusho, lokho ozokudla nozokugqoka, ukuthi hlobo luni lomsebenzi ozowenza, nokuthi uzohlalaphi futhi kanjani? Noma ubungathanda ukuba ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakho othile akutshele konke ofanele ukusho futhi ukwenze?
4 Akekho umuntu ophile kahle engqondweni ofuna ukuba ukuphila kwakhe kulawulwe abanye ngokuphelele. Ngani? Ngenxa yendlela uNkulunkulu asenze ngayo. IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu wadala umuntu ‘ngomfanekiso wakhe ukuba amfuze,’ futhi esinye sezici uNkulunkulu ngokwakhe anaso inkululeko yokuzinqumela. (Genesise 1:26; Duteronomi 7:6) Lapho edala abantu, wabanika lesosici esifanayo esimangalisayo—isipho senkululeko yokuzinqumela. Leso esinye sezizathu ezenza sikuthole kukhungathekisa ukugqilazwa ababusi abacindezelayo.
5 Ngakho isifiso senkululeko asisiyo into ebe khona ngengozi, ngoba uNkulunkulu unguNkulunkulu wenkululeko. IBhayibheli lithi: ‘Lapho umoya weNkosi ukhona, kukhona inkululeko.’ (2 Korinte 3:17) Ngakho, uNkulunkulu wasinikeza inkululeko yokuzinqumela njengengxenye yokwakheka kwethu. Njengoba ayeyazi indlela izingqondo zethu nemizwelo okwakuyosebenza ngayo, wayazi ukuthi sasiyojabula kakhulu ngokuba nenkululeko yokuzinqumela.
6. UNkulunkulu wabudala kanjani ubuchopho bethu ukuba busebenze ngokuvumelana nenkululeko yokuzinqumela?
6 Kanye nalesipho senkululeko yokuzinqumela, uNkulunkulu wasipha ikhono lokucabanga, ukwahlulela izindaba, ukwenza izinqumo, nokuhlukanisa okuhle kokubi. (Heberu 5:14) Ngaleyondlela, inkululeko yokuzinqumela kwakumelwe isekelwe ekuzikhetheleni okuhlakaniphile. Asenziwanga njengamarobhothi angenangqondo ahlulekayo ukuzinqumela. Futhi asizange sidalwe ukuba senze izinto ngokomzwelo wemvelo njengezilwane. Kunalokho, ubuchopho bethu obumangalisayo baklanyelwa ukuba busebenze ngokuvumelana nenkululeko yethu yokuzikhethela.
Isiqalo Esingcono Kakhulu
7, 8. Yisiphi isiqalo esihle uNkulunkulu asinika abazali bethu bokuqala?
7 Okubonisa ukuthi uNkulunkulu wayengokhathalela kangakanani, ukuthi kanye nesipho senkululeko yokuzinqumela, abazali bethu bokuqala, uAdamu noEva, banikezwa yonke into umuntu ayengayifuna. Babekwa epharadesi elikhulu, elinjengepaki. Babenensada yezinto ezibonakalayo. Babenezingqondo kanye nemizimba okuphelele, ngakho kwakungeke kudingeke baguge noma bagule noma bafe—babeyophila phakade. Babeyoba nezingane eziphelele nazo ezazingaba nekusasa elijabulisayo, laphakade. Futhi inani labantu elandayo laliyoba nomsebenzi owanelisayo wokuba ekugcineni liphendule wonke umhlaba ube ipharadesi.—Genesise 1:26-30; 2:15.
8 Ngokuphathelene nalokho okwalungiselelwa, iBhayibheli liyalandisa: “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) IBhayibheli lithi futhi ngoNkulunkulu: “Umsebenzi wakhe uphelele.” (Duteronomi 32:4) Yebo, uMdali wanika umkhaya wesintu isiqalo esiphelele. Akukho okunye okwakungaba ngcono kunalokhu. Yeka uNkulunkulu okhathalelayo azibonakalisa ewuye!
Inkululeko Enemingcele
9, 10. Kungani inkululeko yokuzinqumela kufanele iqondiswe kahle?
9 Nokho, ingabe uNkulunkulu wayehlose ukuba inkululeko yokuzinqumela ingabi namingcele? Ake ucabange ngedolobha elimatasa elingenayo imithetho yomgwaqo, lapho abantu bengashayela babheke noma kuphi futhi nanganoma iliphi ijubane. Ingabe ubungathanda ukushayela ngaphansi kwalezozimo? Cha, lokho bekungaba isibhicongo sasemgwaqeni futhi ngokuqinisekile bekungabangela izingozi eziningi.
10 Ngakho kungokufanayo nangesipho sikaNkulunkulu senkululeko yokuzinqumela. Inkululeko engenamingcele ibingabangela isibhicongo emphakathini. Kumelwe kube nemithetho yokuqondisa imisebenzi yabantu. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ziphatheni njengabantu abakhululekile, kodwa ningalokothi nisebenzise inkululeko yenu njengezaba zobubi.” (1 Petru 2:16, JB) UNkulunkulu ufuna ukuba inkululeko yokuzinqumela iqondiswe ngokwenzuzo yabo bonke. Wayengahlosile ukuba sibe nenkululeko engenamingcele, kodwa inkululeko elinganiselwe, engaphansi kokubuswa umthetho.
Imithetho Kabani?
11. Imithetho kabani esaklanyelwa ukuba siyilalele?
11 Saklanyelwa ukuba silalele imithetho kabani? Enye ingxenye yombhalo okweyoku-1 Petru 2:16 ( JB) ithi: “Anisizo izigqila zomunye umuntu ngaphandle kukaNkulunkulu.” Lokhu akusho ubugqili bokucindezelwa, kodwa, kunalokho, kusho ukuthi saklanyelwa ukuba sijabule kakhulu lapho sithobela imithetho kaNkulunkulu. (Mathewu 22:35-40) Imithetho yakhe, ngaphezu kwanoma imiphi imithetho eyenziwe abantu, inikeza isiqondiso esingcono kakhulu. “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.
12. Iyiphi inkululeko yokuzikhethela esinayo ngaphakathi kwemingcele yemithetho kaNkulunkulu?
12 Ngesikhathi esifanayo, imithetho kaNkulunkulu inikeza inkululeko enkulu yokuzikhethela ngaphakathi kwemingcele yayo. Lokhu kwenza kube nezinto ezahlukahlukene futhi kwenze umkhaya wesintu uthakazelise. Cabanga ngezinhlobo ezihlukene zokudla, izingubo zokugqoka, umculo, ubuciko, kanye namakhaya okusemhlabeni wonke. Ngokuqinisekile sithanda ukuba sizikhethele ezindabeni ezinjalo kunokuba omunye umuntu asinqumele.
13. Imiphi imithetho yemvelo okufanele siyilalele ngokwenzuzo yethu?
13 Ngaleyondlela sadalelwa ukuba sijabule kakhulu lapho sithobela imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha kwabantu. Kuyefana nokuthobela imithetho kaNkulunkulu yemvelo. Ngokwesibonelo, uma singawunaki umthetho wamandla adonsela phansi futhi sigxume sisuka endaweni ephakeme, sizolimala noma sife. Uma singayinaki imithetho yangaphakathi yemizimba yethu futhi siyeke ukudla, ukuphuza amanzi, noma ukuhogela umoya, sizokufa.
14. Sazi kanjani ukuthi abantu babengadalelwanga ukuba bazibuse ngaphandle kukaNkulunkulu?
14 Njengoba nje ngokuqinisekile sadalwa sinesidingo sokuthobela imithetho kaNkulunkulu yemvelo, sadalwa sinesidingo sokuthobela imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha neyezenhlalo. (Mathewu 4:4) Abantu abazange badalelwe ukuba bazibuse ngaphandle koMenzi wabo futhi baphumelele. Umprofethi uJeremiya uthi: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo. Ngilaye, Jehova.” (Jeremiya 10:23, 24) Ngakho ngazo zonke izindlela abantu badalwa ukuba baphile ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu, hhayi okwabo.
15. Ingabe imithetho kaNkulunkulu yayiyoba umthwalo kuAdamu noEva?
15 Ukulalela imithetho kaNkulunkulu kwakungeke kube umthwalo kubazali bethu bokuqala. Kunalokho, kwakuyothuthukisa inhlalakahle yabo neyomkhaya wonke wesintu. Ukuba abantu ababili bokuqala bahlala ngaphakathi kwemingcele yemithetho kaNkulunkulu, konke kwakuyohamba kahle. Eqinisweni, manje ngabe siphila epharadesi elihle ngokumangalisayo lenjabulo njengomkhaya wesintu onothando nonobunye! Bekungeke kube nobubi, ukuhlupheka, kanye nokufa.
[Isithombe ekhasini 11]
UMdali wanika abantu isiqalo esiphelele
[Isithombe ekhasini 12]
Ubungafuna ukushayela emgwaqweni ominyene uma ibingekho imithetho yomgwaqo?