INgxenye 7
Injongo KaNkulunkulu Izofezeka Ngokushesha
1, 2. Kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyothatha isinyathelo sokuqeda ububi nokuhlupheka?
1 Nakuba uNkulunkulu eye wavumela ukungapheleli nokuhlupheka isikhathi eside ngokombono womuntu, akayikuvumela izimo ezimbi ziqhubeke ngokungenamkhawulo. IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu unenkathi yesikhathi eqondile yokuvumela lezinto ukuba zenzeke.
2 “Konke kunesikhathi sakho.” (UmShumayeli 3:1) Lapho isikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe sokuvumela ububi nokuhlupheka sifika esiphelweni saso, khona-ke uyongenela ezindabeni zesintu. Uyoqeda ububi nokuhlupheka futhi uyofeza injongo yakhe yokuqala yokuba umhlaba ugcwaliswe umkhaya wesintu esiphelele, esijabulayo ojabulela ukuthula okuphelele nokulondeka ngokwezomnotho phakathi kwezimo zePharadesi.
Izahlulelo ZikaNkulunkulu
3, 4. Incwadi yezAga iyichaza kanjani imiphumela yokungenela kukaNkulunkulu?
3 Phawula ezimbalwa zeziprofetho zeBhayibheli ezibonisa lokho ukungenela kukaNkulunkulu, okungukuthi, imiphumela yezahlulelo zakhe, okuzokusho ngokushesha ngomkhaya wesintu:
4 “Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”—IzAga 2:21, 22.
5, 6. IHubo 37 likubonisa kanjani lokho okuyokwenzeka lapho uNkulunkulu engenela?
5 “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho . . . Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:9-11.
6 “Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona. Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle. Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke; isikhathi sababi siyakunqunywa.”—IHubo 37:34, 37, 38.
7. Isiphi iseluleko esinengqondo iZwi likaNkulunkulu elisinikeza sona?
7 Ngakho-ke, njengoba sinombono wekusasa elimangalisayo abayoba nalo labo abaqaphela igunya loMdali ongumninimandla onke lokusibusa, siyanxuswa: “Inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.” Eqinisweni, kuyokwenezelwa ukuphila okuphakade kulabo abakhetha ukwenza intando kaNkulunkulu! Ngakho, iZwi likaNkulunkulu liyaseluleka: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”—IzAga 3:1, 2, 5, 6.
Ukubusa KukaNkulunkulu Esezulwini
8, 9. UNkulunkulu uyosebenzisani ukuze ahlanze lomhlaba?
8 UNkulunkulu uyofeza lokhu kuhlanzwa komhlaba ngohulumeni ongcono kakhulu umuntu ake waba nawo. Unguhulumeni obonisa ukuhlakanipha kwasezulwini ngoba ubusa usezulwini ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu. Futhi lowoMbuso wasezulwini uyosusa zonke izinhlobo zokubusa komuntu emhlabeni. Abantu ngeke baphinde babe nethuba lokuzikhethela ukuzama ukubusa bekhululekile kuNkulunkulu.
9 Ngokuqondene nalokhu isiprofetho esikuDaniyeli 2:44 sithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi [ohulumeni bosuku lwanamuhla] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso [ezulwini] ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu [abantu ngeke baphinde bavunyelwe ukuba babuse bekhululekile kuNkulunkulu], kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [ekhona manje], wona uqobo ume phakade.”—Bheka nesAmbulo 19:11-21; 20:4-6.
10. Kungani singaqiniseka ukuthi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, ngeke kuphinde kube nokonakala ekubuseni?
10 Ngakho, umuntu akasoze aphinde abe nezinhlobo ezonakele zokubusa, ngoba ngemva kokuba uNkulunkulu ephelise lesisimiso, ukubusa komuntu ekhululekile kuye ngeke kuphinde kube khona. Futhi uMbuso oyobusa usezulwini awuyikonakaliswa, njengoba uNkulunkulu ewuMsunguli noMlondolozi wawo. Esikhundleni salokho, uyosebenza ngendlela eyozizuzisa kakhulu izikhonzi zawo ezingabantu. Ngalesosikhathi intando kaNkulunkulu iyokwenziwa kuwo wonke umhlaba njengasezulwini. Kungakho uJesu ayengafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
Sisondele Kangakanani?
11. Kukuphi eBhayibhelini lapho sithola khona iziprofetho ezizosisiza ukuba sithole ukuthi siseduze kangakanani nokuphela kwalesimiso?
11 Sisondele kangakanani ekupheleni kwalesisimiso sezinto esinganelisi nasekuqaleni kwezwe elisha likaNkulunkulu? Isiprofetho seBhayibheli sisinikeza impendulo ngokucacile. Ngokwesibonelo, uJesu uqobo wabikezela lokho okwakumelwe sikubheke ukuze sithole ukuthi simi kuphi ngokuphathelene ‘nokuphela kwezwe’ njengoba iBhayibheli likubeka kanjalo. Lokhu kulotshwe kuMathewu isahluko 24 no-25, Marku 13, noLuka 21. Futhi, njengoba kulotshwe kweyesi-2 Thimothewu isahluko 3, umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi kwakuyoba nenkathi yesikhathi ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina’ lapho izenzakalo ezihlukahlukene zaziyoqinisekisa ngokwengeziwe ukuthi sikuphi nohlelo lwesikhathi.
12, 13. Yini uJesu noPawulu abayisho ngesikhathi sokuphela?
12 UJesu wathi lenkathi yesikhathi yayiyoqala ngalezizenzakalo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube-khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.” (Mathewu 24:7) ULuka 21:11 ubonisa ukuthi waphawula “nobici [izifo eziwumshayabhuqe] . . . izindawo ngezindawo.” Futhi, waxwayisa ‘nangokwanda kobubi.’—Mathewu 24:12.
13 Umphostoli uPawulu wabikezela: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika . . . Abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.”—2 Thimothewu 3:1-5, 13.
14, 15. Izenzakalo zalelikhulu lama-20 zikuqinisekisa kanjani ukuthi ngempela besilokhu sisezinsukwini zokugcina?
14 Ingabe lezozinto ezabikezelwa uJesu noPawulu zenzekile esikhathini sethu? Yebo, ngokuqinisekile. IMpi Yezwe I ngokuyinhloko yayiyimpi embi kakhulu kunazo zonke kuze kube yilesosikhathi. Yayiyimpi yezwe yokuqala futhi yayiyinkathi yenguquko emlandweni wanamuhla. Leyompi yahambisana nokuntuleka kokudla, ubhadane lwezifo, nezinye izinhlekelele. Lezozenzakalo ezisukela ku-1914 kuqhubeke, njengoba uJesu akubeka, ‘zaziwukuqala kwemihelo.’ (Mathewu 24:8) Zaqalisa inkathi yesikhathi eyayibikezelwe ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ ukuqala kwesizukulwane sokugcina uNkulunkulu ayeyovumela kuso ububi nokuhlupheka.
15 Cishe ujwayelene nezenzakalo zekhulu lama-20. Uyazazi izinhlekelele eziye zavela. Abantu abangaba izigidi eziyikhulu baye bafa ezimpini. Amakhulu ezinye izigidi aye abulawa indlala nezifo. Ukuzamazama komhlaba kuye kwabulala abantu abangenakubalwa. Ukungahloniphi ukuphila nempahla yabanye kuyanda. Ukwesaba ubugebengu sekuyinsakavukela. Izindinganiso zokuziphatha ziye zachilizelwa eceleni. Ukwanda kwenani lomphakathi kubangela izinkinga ezingaxazululeki. Ukungcola konakalisa izinga lokuphila futhi kuze kukufake ngisho nasengozini. Ngempela, besilokhu sisezinsukwini zokugcina kusukela ngo-1914 futhi sisondela emvuthwandaba weziprofetho zeBhayibheli ezihilela isikhathi sethu.
16. Izinsuku zokugcina ziyothatha inkathi yesikhathi ende kangakanani?
16 Lezizinsuku zokugcina ziyothatha inkathi yesikhathi ende kangakanani? UJesu wathi ngokuphathelene nenkathi ‘okwakuyoqala ngayo imihelo’ kusukela ngo-1914 kuqhubeke: “Lesisizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.” (Mathewu 24:8, 34-36) Ngakho, zonke izenzakalo zezinsuku zokugcina kumelwe zenzeke phakathi nesikhathi sokuphila sesizukulwane esisodwa, isizukulwane sika-1914. Ngakho abanye abantu ababephila ngo-1914 bayobe besaphila lapho lesisimiso sifika ekupheleni kwaso. Lesosizukulwane sabantu manje sesiguge kakhulu, okubonisa ukuthi asisiningi isikhathi esisasele ngaphambi kokuba uNkulunkulu aphelise lesimiso sezinto.
17, 18. Isiphi isiprofetho esibonisa ukuthi sisondele kakhulu ekupheleni kwalelizwe?
17 Esinye isiprofetho esibonisa ukuthi isiphelo salesimiso sezinto siseduze kakhulu, sanikezwa ngumphostoli uPawulu, owabikezela: “Usuku [lukaJehova] luza njengesela ebusuku. Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle, khona ukubhujiswa kuyabazuma . . . , abasoze baphunyuka.”—1 Thesalonika 5:2, 3; bheka noLuka 21:34, 35.
18 Namuhla iMpi Yomshoshaphansi iphelile, futhi impi yezizwe zonke kungenzeka ingabe isaba usongo olukhulu. Ngakho izizwe zingase zibe nomuzwa wokuthi zisondele kakhulu ohlelweni lwezwe elisha. Kodwa lapho ziba nomuzwa wokuthi imizamo yazo iyaphumelela, kuyosho okuphambene nalokho ezikucabangayo, ngoba lokho kuyoba uphawu lokugcina lokuthi ukubhujiswa kwalesisimiso uNkulunkulu kuseduze. Khumbula, izingxoxo nezivumelwano zezombangazwe azenzi zinguquko ezingokoqobo kubantu. Azenzi abantu bathandane. Futhi abaholi bezwe ababuqedi ubugebengu, futhi abaziqedi izifo nokufa. Ngakho ungalibeki ithemba lakho kunoma isiphi isenzakalo sokuthula nokulondeka kwabantu futhi ucabange ukuthi lelizwe liseduze nokuxazulula izinkinga zalo. (IHubo 146:3) Lokho isimemezelo esinjalo empeleni esiyokusho kuwukuthi lelizwe lisondele kakhulu ekupheleni kwalo.
Ukushumayela Izindaba Ezinhle
19, 20. Isiphi isiprofetho esihilela ukushumayela ezinsukwini zokugcina esisibona sigcwaliseka?
19 Esinye isiprofetho esibonisa ukuthi besilokhu sisezinsukwini zokugcina kusukela ngo-1914 yileso uJesu asinikeza: “Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Noma njengoba uMathewu 24:14 ekubeka: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke‚ kube-ngubufakazi ezizweni zonke‚ andukuba kufike ukuphela.”
20 Namuhla kunanini ngaphambili emlandweni, izindaba ezinhle zokuphela kwalelizwe nezezwe elisha eliyiPharadesi elizayo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu zishunyayelwa kuwo wonke umhlaba. Obani? Izigidi zoFakazi BakaJehova. Bashumayela kuwo wonke amazwe emhlabeni.
21, 22. Yini, ngokukhethekile, ebonakalisa oFakazi BakaJehova njengamaKristu eqiniso?
21 Ngaphezu kokushumayela kwabo ngoMbuso kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova baziphatha ngendlela ebabonakalisa njengabalandeli bakaKristu beqiniso, ngoba wathi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami‚ uma nithandana.” Ngakho, oFakazi BakaJehova bahlanganiswe ebuzalwaneni bembulunga yonke yisibopho esingenakugqashuka sothando.—Johane 13:35; bheka no-Isaya 2:2-4; Kolose 3:14; Johane 15:12-14; 1 Johane 3:10-12; 4:20, 21; IsAmbulo 7:9, 10.
22 OFakazi BakaJehova bakholelwa lokho iBhayibheli elikushoyo: “UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Babheka oFakazi abakanye nabo kuwo wonke amazwe njengabafowabo nodadewabo abangokomoya, kungakhathaliseki uhlanga noma ibala. (Mathewu 23:8) Futhi iqiniso lokuthi ubuzalwane obunjalo bukhona emhlabeni namuhla linezela ebufakazini bokuthi injongo kaNkulunkulu izofezeka ngokushesha.
[Isithombe ekhasini 26]
UMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ophelele uyoba ukuphela kobubusi besintu emhlabeni omusha