Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 1 k. 3
  • UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungaba Umngane KaJehova
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ingabe Kufanele Ngimcebe Umngane Wami?
    I-Phaphama!—2008
  • Ucabangani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • Lithini IBhayibheli Ngokuba Nabangani?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 1 k. 3

ISIFUNDO 1

UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe

UNkulunkulu ufuna ube umngane wakhe. Wake wacabanga ukuthi ungaba umngane woMuntu omkhulu kunabo bonke ezulwini nasemhlabeni? U-Abrahama, owayephila endulo, wayebizwa ngokuthi ungumngane kaNkulunkulu. (Jakobe 2:23) Nabanye okukhulunywa ngabo eBhayibhelini bajabulela ubungane noNkulunkulu futhi babusiswa kakhulu. Namuhla, kuzo zonke izingxenye zomhlaba abantu baye baba abangane bakaNkulunkulu. Nawe ungaba umngane kaNkulunkulu.

U-Abrahama uyathandaza

Ukuba umngane kaNkulunkulu kungcono kunokuba umngane wanoma yimuphi umuntu. UNkulunkulu akabadumazi nanini abangane bakhe abathembekile. (IHubo 18:25) Ukuba umngane kaNkulunkulu kungcono kunokuba nengcebo. Lapho isigwili sifa, imali yaso iya kwabanye. Kodwa labo abangabangane noNkulunkulu banegugu abangeke baliphucwe muntu.—Mathewu 6:19.

Abanye abantu bangase bazame ukukuyekisa ukufunda ngoNkulunkulu. Ngisho nabanye babangane bakho nabomndeni wakho bangase bakwenze lokhu. (Mathewu 10:36, 37) Uma abanye bekuhleka noma bekwesabisa, zibuze, ‘Ubani engifuna ukumjabulisa—abantu noma uNkulunkulu?’ Cabanga ngalokhu: Uma othile ebengathi kuwe yeka ukudla, ubungamlalela? Ubungeke! Uyakudinga ukudla ukuze uphile. Kodwa uNkulunkulu angakwenza uphile phakade! Ngakho ungavumeli muntu akuyekise ukufunda indlela yokuba umngane kaNkulunkulu.—Johane 17:3.

Abantu bagcona owesifazane ofunda incwadi ekhuluma ngoNkulunkulu
    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela