Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lr isahl. 48 kk. 250-256
  • Ungaphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu Elinokuthula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu Elinokuthula
  • Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila Phakade Akulona Nje Iphupho
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Yini Ongayenza Ukuze Uphile Phakade?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula
    Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula
  • Umhlaba Omusha OyiPharadesi Oseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
Bheka Okunye
Funda KuMfundisi Omkhulu
lr isahl. 48 kk. 250-256

ISAHLUKO 48

Ungaphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu Elinokuthula

UNKULUNKULU wabeka u-Adamu no-Eva ensimini yase-Edene. Nakuba bafa ngoba bengalalelanga, uNkulunkulu wenze ukuba izingane zabo, kanye nathi esiphila namuhla, sikwazi ukuphila phakade ePharadesi. IBhayibheli liyathembisa: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.

IBhayibheli likhuluma ‘ngamazulu amasha nomhlaba omusha.’ (Isaya 65:17; 2 Petru 3:13) “Amazulu” amanje angohulumeni babantu abakhona namuhla, kodwa “amazulu amasha” kuyoba uJesu Kristu nalabo abayobusa naye ezulwini. Akuve kuyoba mnandi uma la mazulu amasha, anguhulumeni kaNkulunkulu olungileyo oyoletha ukuthula, esebusa emhlabeni wonke!

Pho uyini “umhlaba omusha”?— Umhlaba omusha kuyoba abantu abalungileyo abathanda uJehova. Uyabona, uma iBhayibheli likhuluma ‘ngomhlaba,’ ngezinye izikhathi lisuke lisho abantu abahlala emhlabeni, hhayi indawo abahlala kuyo. (Genesise 11:1; IHubo 66:4; 96:1) Ngakho abantu abangumhlaba omusha bayohlala khona lapha kulo mhlaba.

Ngaleso sikhathi izwe lamanje elingabantu ababi liyobe lingasekho. Khumbula ukuthi uZamcolo ngesikhathi sikaNowa wabhubhisa izwe elalingabantu ababi. Futhi njengoba sifundile, leli zwe elibi elikhona manje lizobhujiswa e-Armagedoni. Manje ake sibone ukuthi kuyoba njani ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu ngemva kwe-Armagedoni.

Uyafuna ukuphila phakade ePharadesi ezweni elisha likaNkulunkulu elinokuthula?— Akukho dokotela ongasenza siphile phakade. Akukho philisi elingavimbela ukuba sife. Into okuyiyo yodwa engasenza siphile phakade ukusondela kuNkulunkulu. Futhi uMfundisi Omkhulu uyasitshela ukuthi singasondela kanjani kuNkulunkulu.

Masithathe amaBhayibheli ethu sivule uJohane isahluko 17, ivesi 3. Kulo mbhalo sithola amazwi oMfundisi Omkhulu athi: ‘Bazothola ukuphila okuphakade uma befunda ngawe, wena wedwa onguNkulunkulu weqiniso, futhi befunda nangalowo omthumile, uJesu Kristu.’

UJesu wathi yini-ke okumelwe siyenze ukuze siphile phakade?— Okokuqala, kumelwe sifunde ngoBaba wethu wasezulwini, uJehova, sifunde nangeNdodana yakhe eyasifela. Lokhu kusho ukuthi kudingeka sifunde iBhayibheli. Le ncwadi, ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, iyasisiza ukuba sifunde iBhayibheli.

Kodwa ukufunda ngoJehova kuyosenza kanjani siphile phakade?— Phela, njengoba kudingeka sidle ukudla zonke izinsuku, kudingeka sifunde ngoJehova zonke izinsuku. IBhayibheli lithi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.”—Mathewu 4:4.

Kudingeka futhi sifunde ngoJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu wamthuma ukuze asuse izono zethu. IBhayibheli lithi: ‘Akekho omunye umuntu esingasindiswa ngaye.’ IBhayibheli lithi futhi: “Obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okuphakade.” (IzEnzo 4:12; Johane 3:36) Kodwa kusho ukuthini ‘ukubonisa ukholo’ kuJesu?— Kusho ukuthi siyakholelwa ngempela kuJesu futhi siyazi ukuthi ngeke siphile phakade ngaphandle kwakhe. Siyakukholwa yini thina lokho?— Uma sikukholwa, siyoqhubeka sifunda kuMfundisi Omkhulu zonke izinsuku, futhi siyozenza izinto athi asizenze.

Enye indlela enhle yokufunda kuMfundisi Omkhulu ukufunda le ncwadi ulokhu uyiphindaphinda futhi ubuke zonke izithombe bese uyacabanga ngazo. Zama ukubona ukuthi ungayiphendula yini imibuzo ehambisana nalezo zithombe. Futhi yifunde nomama noma nobaba wakho le ncwadi. Uma ungahlali nabazali bakho, yifunde nabanye abantu abadala nanezinye izingane. Ngeke yini kube mnandi uma ungasiza abanye bafunde kuMfundisi Omkhulu ukuthi kudingeka benzeni ukuze baphile phakade ezweni elisha likaNkulunkulu?—

IBhayibheli lithi: “Izwe liyadlula.” Kodwa futhi iBhayibheli liyachaza ukuthi singaphila kanjani phakade ezweni elisha likaNkulunkulu. Lithi: “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Singaphila kanjani-ke phakade ezweni elisha likaNkulunkulu?— Ngokufunda ngoJehova nangeNdodana yakhe ayithandayo, uJesu. Kodwa futhi kufanele sizenze izinto esizifundayo. Kwangathi ukufunda kwakho le ncwadi kungakusiza wenze lezi zinto.

Abantu abadala nezingane bajabulela ukuhlala ngokuthula kanye nezilwane ePharadesi

Uma ufunda u-Isaya 11:6-9 no-Isaya 65:25, uzozwa kukhulunywa ngezilwane ezihlala ndawonye zingadlani. Awubheke lezi zithombe. Uyalibona iwundlu, izinyane lembuzi, ingwe, inkonyane, ibhubesi elikhulu nezingane ezihleli nalezi zilwane? Uyawazi amagama alezi ezinye izilwane ezilapha iBhayibheli elikhuluma ngazo?— Awubheke lowa mfana odlala nenyoka! Akekho umuntu oyobe esaba ezweni elisha. (Hoseya 2:18) Ucabangani ngalokho?—

Abantu bohlanga olungafani bajabulela ukuhlala ngokuthula kanye nezilwane ePharadesi

Awubheke nje ukuthi abantu bazo zonke izizwe bahleli ngokuthula kanjani! Bonke bayathandana, njengoba nje uJesu athi abalandeli bakhe kufanele bathandane. (Johane 13:34, 35) Izikhali zokulwa zenziwa amathuluzi okulima umhlaba. IBhayibheli lisitshela ukuthi abantu bayojabula ngoba bayobe bephila ngokuthula futhi bengesabi lutho ezweni elisha likaNku-lunkulu. Singafunda ngalokhu kule mibhalo: IHubo 72:7; Isaya 2:4; 32:16-18; noHezekeli 34:25.

Abantu abasePharadesi bakha izindlu, banakekela umhlaba ngokuthula nokulondeka ezweni elisha

Awubuke abantu abakuleli khasi. Balungisa umhlaba, bawenza ube muhle. Awubheke ukuthi bakha indlu enhle kanjani, futhi buka nje nemifino nezithelo ezimnandi ezilapha. Umhlaba usuyipharadesi njengensimu yase-Edene. Singafunda ngalezi zinto ezinhle kumaHubo 67:6; 72:16; Isaya 25:6; 65:21-24; noHezekeli 36:35.

Abantu abanempilo enhle bayajabula ePharadesi

Njengoba ubona lapha, bonke abantu banempilo futhi bajabule. Abantu bakwazi ukugxuma njengezinyamazane. Akekho ongakwazi ukuhamba, akekho ongaboni noma ogulayo. Awubheke labaya bantu abavuswe kwabafile! IBhayibheli liyakhuluma ngalezi zinto ku-Isaya 25:8; 33:24; 35:5, 6; IzEnzo 24:15; nesAmbulo 21:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela