Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane!
Cishe njengoba uphila uke wazibuza, ‘Kungani kunokuhlupheka okuningi kangaka?’ Sekuyizinkulungwane zeminyaka umkhaya wesintu uhlupheka kakhulu, uhlushwa yizimpi, ubuphofu, izinhlekelele, ubugebengu, ukungabi nabulungisa, ukugula nokufa. Abantu baye bahlupheka kakhulu kule minyaka eyikhulu edlule kunangesinye isikhathi. Ingabe konke lokhu kuyoke kuphele?
Impendulo eduduzayo ithi yebo, futhi kuzophela maduzane impela! IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithi: “Omubi [uyobe] engasekho . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” Kuze kube nini? “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:10, 11, 29.
Ngemva kokuba uNkulunkulu esuse ububi nokuhlupheka, umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi. Ngemva kwalokho abantu bayokwazi ukuphila phakade benempilo ephelele nenjabulo. IZwi likaNkulunkulu liyabikezela: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.
Kulowo mhlaba omusha, ngisho nabafileyo bayobuyiselwa ekuphileni ukuze nabo bazithole lezi zibusiso: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Yingakho uJesu Kristu athi eselelesini esaphenduka sabonisa ukholo kuye: “Uyokuba nami ePharadesi.”—Luka 23:43.
Kungani Kwaqala Ukuhlupheka?
Njengoba uNkulunkulu ayehlose ukuba abantu babe nekusasa elihle kangaka, kungani akuvumela ukuhlupheka kwasekuqaleni? Kungani ekuyeke isikhathi eside kangaka?
Ngenkathi uNkulunkulu edala u-Adamu no-Eva, wabenza baphelela emzimbeni nasengqondweni. Wababeka ensimini eyipharadesi, wabanikeza nomsebenzi owanelisayo. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Ukube babemlalele uNkulunkulu, babeyozala izingane eziphelele, nomhlaba wawuyoba ipharadesi, abantu baphile kulo phakade ngokuthula nangentokozo.
UNkulunkulu wafaka ku-Adamu no-Eva isipho esimangalisayo esiyinkululeko yokuzikhethela. Babengeke babe amarobhothi angahlakaniphile. Noma kunjalo, ukuqhubeka kwabo bejabula kwakuxhomeke ekusebenziseni kwabo le nkululeko yokuzikhethela ngendlela efanele—bayisebenzisele ukulalela imithetho kaNkulunkulu. UNkulunkulu uthi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.” (Isaya 48:17) Ukuyisebenzisa kabi leyo nkululeko yokuzikhethela kwakuyodala inhlekelele ngoba abantu babengadalelwanga ukuba baziphilele ngaphandle kukaNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.
Ngokudabukisayo, abazali bethu bokuqala baba nomuzwa wokuthi bangaziphilela ngaphandle kukaNkulunkulu kodwa kuqhubeke kubahambela kahle. Kepha lapho benqaba ukubusa kukaNkulunkulu, wabephuca ukuphelela kwabo. Ngakho baqala ukuwohloka kwaze kwaba yilapho ekugcineni beguga futhi befa. Ngenxa yemithetho yofuzo, nathi sikuzuzile loko kungapheleli nokufa.—Roma 5:12.
Impikiswano Eyinhloko—Ubukhosi
Kungani uNkulunkulu engambhubhisanga u-Adamu no-Eva abese eqala phansi adale abanye abantu ababili? Kungenxa yokuthi ubukhosi bukaNkulunkulu bendawo yonke, noma igunya lakhe lokubusa, babuphonselwe inselele. Kwaphakama le mibuzo, Ubani onegunya lokubusa, futhi okukabani ukubusa okufanele? Omunye wawuthi, Kwakuyobahambela kahle yini abantu uma bezibusa, bengabuswa uNkulunkulu? Ngokubanikeza isikhathi esanele sokuziphilela ngenkululeko ephelele, uNkulunkulu wayeyokwenza kucace kahle ukuthi babephumelela uma ebabusa noma uma bezibusa bona. Isikhathi salokhu kwakumelwe sibe side ngokwanele ukuze abantu bazame zonke izinhlobo zezimiso zezombusazwe, ezenhlalo, ezentengiselwano nezenkolo bengaqondiswa uNkulunkulu.
Ube yini umphumela? Iminyaka eyizinkulungwane yomlando wabantu isitshela ukuthi ukuhlupheka kuye kwaqhubeka kwanda. Ekhulwini leminyaka elidlule, abantu baye bahlupheka ngendlela abangakaze bahlupheke ngayo. Izigidi zabulawa ngesikhathi sokuQothulwa Kwesizwe ngeMpi Yezwe II. Abangaphezu kwezigidi eziyikhulu baye babulawa ezimpini. Ubugebengu nobudlova bubhidlangile. Ukusebenzisa kabi imilaliso kuthé chithi saka. Izifo ezithathelwana ngobulili ziyaqhubeka zibhebhetheka. Abantu abangamashumi ezigidi babulawa indlala nezifo unyaka nonyaka. Isimilo nokuphila komkhaya kuye kwawohloka yonk’ indawo. Akukho hulumeni wabantu onesixazululo salezi zinkinga. Akekho noyedwa kubo oye waqeda ukuguga, ukugula nokufa.
Isimo sabantu sinjengoba iBhayibheli labikezela ukuthi siyoba njalo esikhathini sethu. IZwi likaNkulunkulu libiza inkathi yethu ngokuthi “izinsuku zokugcina” zalesi simiso sezinto eziyoletha “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Futhi njengoba nje iBhayibheli lasho, ‘abantu ababi nabakhohlisi bayaqhubeka besuka kokubi beya kokubi kakhulu.’—2 Thimothewu 3:1-5, 13.
Ukuhlupheka Sekuzophela
Bonke ubufakazi bubonisa ukuthi sekuseduze kuphele ukuzibusa komuntu okudabukisayo. Sekuyacaca ukuthi ukubusa kwabantu ngaphandle kukaNkulunkulu akusoze kwaphumelela. Ukubusa kukaNkulunkulu kuphela okungaletha ukuthula, injabulo, impilo ephelele nokuphila okuphakade. Ngakho, ukubekezelela kukaJehova ububi nokuhlupheka sekuzophela. Maduzane nje uNkulunkulu uzongenela ezindabeni zabantu ngokuthi asibhubhise sonke lesi simiso sezinto esingagculisi.
Isiprofetho seBhayibheli sithi: “Ezinsukwini zalawo makhosi [imibuso yabantu ekhona manje] uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso [ezulwini] ongeke neze uchithwe. . . . Uyochoboza uqede yonke le mibuso [imibuso yamanje], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) Ukulwelwa kobukhosi bukaJehova, noma igunya lakhe lokubusa, nguMbuso wakhe wasezulwini kuyimfundiso yeBhayibheli ewumgogodla. Ebikezela isici esisemqoka sesibonakaliso ‘sezinsuku zokugcina,’ uJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.
Lapho ukuphela kufika, obani abayosinda? IBhayibheli liyaphendula: “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni.” (IzAga 2:21, 22) Abaqotho yilabo abafunda intando kaJehova bese beyenza. UJesu Kristu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Yebo, “izwe liyadlula . . . , kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.
Ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye indlela, izingcaphuno zemiBhalo zithathwe kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yolimi lwanamuhla.