Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 6 k. 40-k. 47 isig. 6
  • Singaphila Kanjani Ngokuzwana Nezingane Zakithi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Singaphila Kanjani Ngokuzwana Nezingane Zakithi?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umphumela Noma Imbangela?
  • Funda Ukuxazulula Noma Ukugwema Izingxabano
  • Ngingasebenzelana kanjani nezingane zakithi?
    I-Phaphama!—2010
  • Kuthiwani Uma Ingane Yakithi Izibulele?
    I-Phaphama!—2008
  • Kungani Kunzima Kangaka Ukuhlalisana Ngokuthula Nomfowethu Nodadewethu?
    I-Phaphama!—1987
  • Ngingenze Njani Ukuze Abantu Bangalokhu Bengihlanganisa Nezingane Zakithi?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 6 k. 40-k. 47 isig. 6

Isahluko 6

Singaphila Kanjani Ngokuzwana Nezingane Zakithi?

Buqine kangakanani ubuhlobo bakho nezingane zakini, uma u-1 esho ukuthi “niqhelelene,” u-5 esho ukuthi “nisondelene”? ․․․․․

EZINYE izingane zandawonye zisondelene kakhulu. Ngokwesibonelo, uFelicia oneminyaka engu-19 uthi, “Udadewethu oneminyaka engu-16, u-Irena, ungumngane wami omkhulu.” UCarly oneminyaka engu-17 uthi ngomfowabo oneminyaka engu-20, u-Eric: “Singamathe nolimi. Akwenzeki nakancane sixabane.”

Ngakolunye uhlangothi, abaningi banobuhlobo obunjengobukaLauren noMarla. ULauren uthi, “Sixabana njalo. Sibanga izinto eziwubala.” Noma, ungakuqonda okushiwo u-Alice oneminyaka engu-12 ngomfowabo uDennis oneminyaka engu-14: “Akeve engicasula! Uvele aphonseke ekamelweni lami athathe izinto zami engazicelanga. Angazi ukuthi uyokhula nini!”

Ingabe ikhona ingane yakini ekucasulayo? Yiqiniso ukuthi kungumsebenzi wabazali bakho ukulondoloza ukuthula ekhaya. Kodwa-ke kuzodingeka usheshe ufunde ukuphilisana kahle nabanye abantu. Ungakufunda lokho usesekhaya.

Ake ucabange ngezingxabano oke waba nazo nomfowenu noma udadewenu. Yini evame ukunixabanisa? Bheka uhlu olungezansi, ufake u-✔ eduze kwento ekucasulayo.

□ Izimpahla. Ingane yakithi izithathela izinto zami ingazicelanga.

□ Ukungefani kobuntu. Ingane yakithi inobugovu, ayicabangeli futhi izama ukungilawula.

□ Isikhathi sokuba wedwa. Ingane yakithi ingena ekamelweni lami ingangqongqozile noma ifunde imiyalezo engiyithunyelelwayo ngaphandle kwemvume yami.

□ Okunye ․․․․․

Uma ingane yakini ihlale ikucasula—ikuqinela noma izigaxa ezindabeni zakho—ungase ugcine ungasayithandi. Kodwa isaga seBhayibheli sithi: “Ukucindezela ikhala kukhipha umongozima, nokukhama intukuthelo kuveza ukuxabana.” (IzAga 30:33) Uma ubamba igqubu, umphumela uyoba ukuvutha ngolaka njengoba nje nokucindezela ikhala kukhipha umongozima. Inkinga iyoba yimbi nakakhulu. (IzAga 26:21) Ungakuvimbela kanjani ukucasuka nje okuncane ukuba kungabi ingxabano evuthayo? Isinyathelo sokuqala ukuba uthole ukuthi iyini inkinga yangempela.

Umphumela Noma Imbangela?

Izingxabano phakathi kwezingane zandawonye zifana nezinduna. Lapho zivela ebusweni azithandeki, kodwa imbangela yazo amagciwane angabonakali. Ngokufanayo, izingxabano ezishubile phakathi kwezingane zandawonye zivame ukuba umphumela wenkinga ecashile.

Ungase uzame ukuyiqeda induna ngokuyipitshiza. Kodwa uma uyipitshiza usuke ulwa nomphumela, futhi kungashiya amabala noma kwenze izinduna zivumbuke ebusweni. Indlela engcono ukulwa namagciwane angabonakali ukuze zingabe zisanda. Kuyefana nasendabeni yezingxabano phakathi kwezelamani. Funda ukuthola imbangela yengxabano, khona-ke uyokwazi ukubona ngale komphumela, ulungise umsuka wayo. Uyokwazi nokusebenzisa iseluleko senkosi ehlakaniphile uSolomoni, eyabhala: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.”—IzAga 19:11.

Ngokwesibonelo, u-Alice, okukhulunywe ngaye ngaphambili, wathi ngomfowabo uDennis, “Uvele aphonseke ekamelweni lami athathe izinto zami engazicelanga.” Umphumela lowo. Kodwa ucabanga ukuthi iyini imbangela yangempela? Cishe ihlobene nenhlonipho. U-Alice angazama ukuxazulula le nkinga ngokutshela uDennis ukuba angaphinde angene ekamelweni lakhe noma asebenzise izinto zakhe. Kodwa lokho kuwukulwa nomphumela futhi kungenza ukuba baphinde baxabane. Nokho, uma u-Alice engacela uDennis ukuba ahloniphe izinto zakhe, akungabazeki ukuthi ubuhlobo babo bungaba ngcono.

Funda Ukuxazulula Noma Ukugwema Izingxabano

Akwanele ukuthola imbangela ecashile yokuxabana kwakho nengane yakini. Yini ongayenza ukuze uxazulule izingxabano futhi ningaphinde nilwe? Zama ukuthatha lezi zinyathelo eziyisithupha.

1. Bekani imithetho enivumelana ngayo. Awuphinde ubheke ukuthi uthé yini enixabanisayo nengane yakini. Zamani ukubona ukuthi ningavumelana yini ngemithetho ethile ukuze nilwe nembangela yaleyo ngxabano. Ngokwesibonelo, uma nibanga izinto zothile, uMthetho Wokuqala ungaba ukuthi: “Ungayithathi into yomunye ungayicelile.” UMthetho Wesibili kungaba yilo: “Hlonipha ilungelo lengane yakini uma ithi, ‘Cha, ungayithathi leyo nto.’” Lapho nibeka leyo mithetho, cabangani ngomyalo kaJesu: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Uma nenza kanjalo, niyobeka imithetho eniyokwazi ukuyigcina nobabili. Xoxani nabazali benu ukuze niqiniseke ukuthi bayavumelana nemithetho enibekelene yona.—Efesu 6:1.

2. Yigcine nawe leyo mithetho. Umphostoli uPawulu wabhala: “Nokho, ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena? Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba?” (Roma 2:21) Ungasisebenzisa kanjani leso simiso? Ngokwesibonelo, uma ufuna ingane yakini ihloniphe isikhathi sakho sokuba wedwa, kusho ukuthi nawe kufanele ungqongqoze ngaphambi kokungena ekamelweni layo noma ucele imvume yayo ngaphambi kokufunda imiyalezo ethunyelelwe yona.

3. Ungasheshi ukuthukuthela. Kungani kuyiseluleko esihle lesi? Yingoba, njengoba isaga seBhayibheli sisho, “yiziphukuphuku zodwa ezisheshe zithukuthele futhi zibambe igqubu.” (UmShumayeli 7:9, Contemporary English Version) Uma ushesha ukucasuka, ngeke ujabule ekuphileni. Yebo, izingane zakini ziyokwenza noma zisho izinto ezikunengayo. Kodwa zibuze, ‘Angikaze yini mina ngizenze izinto ezifanayo kuzo?’ (Mathewu 7:1-5) UJenny uthi, “Ngesikhathi ngineminyaka engu-13 ngangicabanga ukuthi bonke abantu bayangithanda nokuthi umbono wami iwona owawubaluleke kakhulu futhi kumelwe ulalelwe. Manje sekungudadewethu ocabanga kanjalo. Ngakho ngizama ukuba zingangicasuli izinto azishoyo.”

4. Thethelela ukhohlwe. Izinkinga ezinkulu kudingeka kuxoxwe ngazo futhi zixazululwe. Kodwa ingabe kumelwe uyiqulise icala ingane yakini ngawo wonke amaphutha ewenzayo? UJehova uNkulunkulu uyajabula uma uzimisele “ukweqa isiphambeko.” (IzAga 19:11) U-Alison oneminyaka engu-19 uthi: “Ngokuvamile mina nodadewethu uRachel siyakwazi ukuxazulula izinkinga zethu. Sobabili siyashesha ukuxolisa bese sichaza ukuthi ibiyini imbangela yokungezwani. Ngezinye izikhathi ngiyacabangisisa kuqala ngaphambi kokukhuluma naye. Ezikhathini eziningi, ngakusasa ngisuke sengiyidlulisile leyo ndaba, kungadingeki nokuba ngiyithinte nokuyithinta.”

5. Celani abazali balamule. Uma wena nengane yakini nehluleka ukuxazulula ingxabano enkulu, hleze abazali benu banganisiza nibuyisane. (Roma 14:19) Kepha khumbula ukuthi ikhono lokuxazulula izinkinga ungacelanga usizo lwabazali libonisa ukuthi usukhule kangakanani—ukuthi usuvuthwe ngempela yini.

6. Zazise izimfanelo ezinhle zengane yakini. Cishe ingane yakini inezimfanelo ozithandayo. Bhala into eyodwa oyithandayo ngezingane zakini.

Igama Engikuthandayo

․․․․․ ․․․․․

Kunokuba ulokhu ucabanga amaphutha ezingane zakini, kunganjani uzitshele izinto ozithandayo ngazo?—IHubo 130:3; IzAga 15:23.

IBhayibheli liyavuma ukuthi kungenzeka ingane yakini ingabi umngane wakho omkhulu. (IzAga 18:24) Kodwa ungabuqinisa ubungane nezingane zakini uma ‘uqhubeka uzibekezelela,’ ngisho noma zikunikeza ‘isizathu sokukhononda.’ (Kolose 3:13) Uma wenza kanjalo, cishe izingane zakini ngeke zikucasule kakhulu. Nawe ungase ungazithukuthelisi kakhulu!

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Wazi kanjani ukuthi usukulungele ngempela ukuhamba ekhaya?

UMBHALO OYINHLOKO

“Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.”—Filipi 4:5.

ICEBISO

Uma kunengane yakini okuthola kunzima ukuzwana nayo, yiba nombono oqondile—ikusiza ukuba ube nezimfanelo eziyokusiza esikhathini esizayo!

UBUWAZI . . . ?

Lapho ungasekho ekhaya, ngezinye izikhathi kuyoba nabantu abakucasulayo—osebenza nabo nabanye abangase babonakale bedelela, bengenamusa futhi bezicabangela bona. Ikhaya yindawo yokufunda ukuphila ngokuthula nabantu abanjalo.

ENGIZOKWENZA!

Imithetho esingavumelana ngayo nengane noma izingane zakithi ․․․․․

Ngingagwema ukucasula ingane noma izingane zakithi uma ngi- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani kubalulekile ukubona umehluko phakathi komphumela nembangela ecashile?

● Kunanzuzoni ukuba nezingane zakini?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 46]

“Ukube bengingenazo izingane zakithi bengingeke ngijabulele izikhathi ezimnandi esibe nazo. Kulabo abanezingane zakubo, ngingathi, ‘Zazise izingane zakini!’’’—UMarilyn

[Ibhokisi ekhasini 42]

Ishadi Lezimpendulo

Thola Ukuthi Iyini Inkinga Ngempela

Ingabe ufuna ukuthuthukisa amakhono akho okuthola imbangela yezingxabano phakathi kwakho nezingane zakini? Uma kunjalo, funda umfanekiso kaJesu wendodana eyashiya ikhaya yayosaphaza ifa layo. (Luka 15:11-32) Bhekisisa indlela umfowabo omdala asabela ngayo lapho isibuya ekhaya. Yibe usuphendula le mibuzo elandelayo.

Isiphi isenzakalo esabangela ukuba indodana endala isabele ngendlela eyasabela ngayo? ․․․․․

Ucabanga ukuthi yayiyini inkinga yangempela? ․․․․․

Uyise wazama kanjani ukuyixazulula? ․․․․․

Yini okwakudingeka indodana endala iyenze ukuze ixazulule le nkinga? ․․․․․

Manje cabanga ngengxabano enisanda kuba nayo nengane yakini. Bhala izimpendulo eceleni kwemibuzo ngezansi.

Yisiphi isenzakalo esibangele leyo ngxabano? ․․․․․

Ucabanga ukuthi bekuyini inkinga yangempela? ․․․․․

Yimiphi imithetho eningavumelana ngayo engaxazulula le nkinga futhi inenze ningabe nisaxabana? ․․․․․

[Isithombe ekhasini 43]

Izingxabano phakathi kwezelamani zifana nezinduna—ukuze ziphele kudingeka ulwe nembangela yazo, ungazipitshizi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela