Isahluko 11
Yini Engingayigqoka?
UThandeka uselungele ukuphuma, kodwa abazali bakhe abayikholwa into abayibonayo.
“Yini le oyigqokile?” kubhoka uyise.
“Inani? Ngisazikhipha nabangane bami,” kuphendula uThandeka emangele.
“Ngeke uhambe ugqoke kanjalo!” kusho unina.
“Kodwa mama zonke izingane zigqoka kanje. Ngaphandle kwalokho ziyangifanela!” ezikhalela uThandeka.
“Asikuthandi lokho ezikushoyo ngawe!” kuthetha ubaba. “Hamba uyoshintsha, ngaphandle kwalokho awuyi ndawo!”
UKUXABANELA izingubo zokugqoka akuyona into entsha. Kungenzeka ukuthi abazali bakho nabo babelwela into efanayo nababo abazali lapho besengangawe. Cishe nabo babezizwa ngendlela ozizwa ngayo nawe namuhla! Kepha manje sebebona izinto ngelinye iso futhi indaba yezinto ongazigqoka seyivele isuse isidumo.
Wena uthi: Ingihlala kahle.
Bona bathi: Iwubudlabha.
Wena uthi: Ayive iyinhle!
Bona bathi: Iveza umzimba.
Wena uthi: Ishibhile.
Bona bathi: Ifanele ukushibha. . . . Angithi ayiqedwanga ukuthungwa!
Ikhona indlela yokuqeda le ngxabano? Yebo! UMegan oneminyaka engu-23 uyitholile imfihlo yokuqeda ingxabano. Uthi, “Akudingeki nixabane. Ningavumelana.” Nivumelane? Ingabe lokho kusho ukuthi kufanele ugqoke njengomuntu oneminyaka engu-40? Cha! Ukuvumelana kumane kusho ukuthi wena nabazali bakho nixoxa ngezinto eniphikisana ngazo bese nithola ukuthi iziphi ezinye izingubo eziyokwamukeleka kubo nakuwe. Ziyoba yini izinzuzo zalokho?
1. Uyobukeka kahle kakhulu, ngisho nakontanga yakho.
2. Cishe abazali bakho ngeke bazigxeke izingubo zakho.
3. Lapho abazali bakho bebona ukuthi usugqoka kahle, bangase bakunike inkululeko nakwezinye izinto.
Ake siqale-ke. Cabanga ngengubo ocabanga ukuthi uyayidinga nakanjani oyibone kuyi-Internet noma esitolo. Into yokuqala okufanele uyenze . . .
Cabangela Izimiso ZeBhayibheli
IBhayibheli alisho lutho olutheni ngezingubo zokugqoka. Empeleni zonke izeluleko eziseBhayibhelini eziphathelene nokugqoka ungazifunda ngemizuzu nje embalwa! Noma kunjalo, kuso leso sikhashana ungathola iziqondiso eziwusizo. Ngokwesibonelo:
● IBhayibheli leluleka abesifazane ukuba bazihlobise “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.”a—1 Thimothewu 2:9, 10.
Igama elithi “isizotha” lingakwenza ukhathazeke. Ungase uzibuze, ‘Ingabe kusho ukuthi kufanele ngigqoke njengesalukazi?’ Akunjalo neze! Kule ndaba, elithi isizotha lisho ukuthi izingubo zakho zibonisa ukuthi uyazihlonipha futhi uyayicabangela nemizwa yabanye. (2 Korinte 6:3) Ziningi izingubo ezinjalo. UDanielle oneminyaka engu-23 uthi, “Kungase kube inselele, kodwa ungayigqoka into esefeshinini ngaphandle kokugqoka izitayela ezixakile.”
● IBhayibheli lithi uma kuziwa endabeni yokubukeka, kufanele unake kakhulu “umuntu osithekile wenhliziyo”—noma njengoba kusho i-Today’s English Version, “lokho oyikho ngempela ngaphakathi.”—1 Petru 3:4.
Izingubo zokugqoka ezingenasizotha zingase zenze abantu bajike nawe okwesikhashana, kepha ngubuhle bangaphakathi obuyokwenza abantu abadala nontanga yakho bahlale bekuhlonipha. Ontanga yakho? Yebo—ngisho kwabona bangase babubone ubuwula bezitayela ezeqisayo. UBrittany oneminyaka engu-16, uthi, “Kuyenyanyisa ukubona indlela abesifazane abazibizela ngayo abantu besilisa ngezingubo abazigqokayo!” UKay uvumelana naye. Lapho echaza intombazane eyayingumngane wakhe, uthi: “Zonke izingubo ayezigqoka zazidonsa amehlo abantu besilisa. Wayefuna bamnake, yingakho ayegqoka izingubo eziveza umzimba ukuzedlula zonke ayengazithola.”
Thola Umbono Wabazali Bakho
Akukona ukuhlakanipha ukufihla izingubo ezingenasizotha esikhwameni bese uzigqoka uma ususesikoleni. Abazali bakho bayokwethemba ngokwengeziwe uma uthembeka futhi ungabafihleli lutho, ngisho nezinto ocabanga ukuthi ngeke bazibone. Eqinisweni kuyoba kuhle ukucela umbono wabo lapho ucabangela ukuthenga ingubo ethile. (IzAga 15:22)—Sebenzisa “Ishadi Lezingubo Engingazigqoka” elisekhasini 82 no-83.
Kodwa kungani ungafuna ukuzwa umbono wabo? Ingani abafuni ugqoke izingubo ezisemfashinini! Akunjalo neze. Yiqiniso, umbono kababa nokamama wakho ungase wehluke kowakho, kodwa ngezinye izikhathi yilokho okudingayo. UNataleine oneminyaka engu-17 uthi, “Ngiyasijabulela iseluleko sabazali bami ngoba angifuni ukuphuma endlini ngiyozihlazisa noma abantu bakhulume kabi ngami ngenxa yezingubo engizigqokile.”
Ngaphandle kwalokho, asibhekane namaqiniso: Uma nje usengaphansi kophahla lwabazali bakho, ungaphansi kwegunya labo. (Kolose 3:20) Noma kunjalo, lapho usuyiqonda imibono yabo—nabo beyiqonda eyakho—uyomangala ukuthi niyovumelana ngezinto eziningi kangakanani. Ngenxa yalokho, ningase ningaphinde nixatshaniswe izingubo ozigqokayo!
Icebiso Ngendlela Yokugqoka: Lapho ulinganisa ingubo, unganeliswa nje yilokho okubona esibukweni. Ingubo engase ibonakale inesizotha ingase ingabi njalo uma usuhlala phansi noma ugoba ucosha okuthile. Uma kungenzeka, thola umbono womzali noma umngane ovuthiwe.
Ingabe isitha sakho esikhulu nguwe ngokwakho? Yini ongayenza uma ungazithandi nje nhlobo?
[Umbhalo waphansi]
a Nakuba izeluleko zeBhayibheli ezinjalo ziqondiswe kwabesimame, ziyasebenza nakwabesilisa.
UMBHALO OYINHLOKO
“Ukuhloba kwenu makungabi . . . okokugqoka izingubo zangaphandle, kodwa makube umuntu osithekile wenhliziyo.”—1 Petru 3:3, 4.
ICEBISO
Gwema izitayela eziveza umzimba. Zikwenza ubonakale ufuna abafana futhi uzicabangela wena.
UBUWAZI . . . ?
Ngokuvamile into ethonya indlela abantu abakubheka ngayo izingubo osuke uzigqokile.
ENGIZOKWENZA!
Ilungu lomkhaya noma umngane ovuthiwe engingaxoxa naye lapho ngifuna ukuthenga okokugqoka ngu- ․․․․․
Lapho ngiphinde ngithenga okokugqoka, ngiyocabangela lezi zici ezilandelayo: ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani abazali nezingane zabo behlale bexabana njalo ngendaba yokugqoka?
● Imaphi amakhono ongawathola ngokuxoxa nabazali bakho ngendaba yokugqoka?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 81]
“Uma ngibona amantombazane egqoke izingubo eziveza umzimba, angibe ngisawahlonipha. Kanti uma ngibona abantu begqoke izingubo ezinesizotha kodwa ezinhle, ngiye ngicabange, ‘Nami ngifuna ukubukeka kanje.’’’—UNataleine
[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 82, 83]
Ishadi Lezimpendulo
Ishadi Lezingubo Engingazigqoka
Iziqondiso: Yenza ikhophi yalawa makhasi. Cela abazali bakho bagcwalise ikhasi elingakwesokudla bese wena ugcwalisa elingakwesobunxele. Uma seniqedile, banikeze ishadi lakho, nabo bakunike elabo, nixoxe ngezimpendulo enizibhalile. Ingabe kukhona okukumangazayo ngazo? Yini eniyifundile ngombono womunye nomunye ebeningayazi ngaphambili?
Ishadi Lakho Cabanga ngengubo ofuna ukuyigqoka noma ukuyithenga.
Kungani uthanda yona? Phawula ngezinombolo ulandelanise izizathu zakho ngokwalokho okuthandayo.
․․․․․ Igama lengubo
․․․․․ Ikhanga abobulili obuhlukile
․․․․․ Iyamukeleka kontanga
․․․․․ Ihlala kahle
․․․․․ Inani layo
․․․․․ Okunye ․․․․․
Lapho abazali bami bebona le ngubo, cishe bayothi
□ “Ayifaneleki!”
□ “Mhlawumbe ikahle.”
□ “Iyafaneleka.”
Uma bengayithandi, isizathu kungaba ukuthi
□ “Iveza umzimba.”
□ “Iwubudlabha.”
□ “Ihambisana kakhulu nemfashini.”
□ “Isimelela kabi njengabazali.”
□ “Ibiza kakhulu.”
□ Okunye ․․․․․
Singaxoxa Ndawonye Ngalokhu?
Umbono wabazali bami muhle ngoba
․․․․․
Uma kukhona okungenziwa ukuze lengubo ifaneleke, kuyini?
․․․․․
Ishadi Labazali Bakho Cabanga ngengubo ingane yakho efuna ukuyigqoka noma ukuyithenga.
Ucabanga ukuthi kungani ingane yakho ithanda le ngubo? Phawula ngezinombolo ulandelanise izizathu zakho ngokwalokho ocabanga ukuthi kuthandwa ingane yakho.
․․․․․ Igama lengubo
․․․․․ Ikhanga abobulili obuhlukile
․․․․․ Iyamukeleka kontanga
․․․․․ Ihlala kahle
․․․․․ Inani layo
․․․․․ Okunye ․․․․․
Indlela engingasabela ngayo ukuthi
□ “Ayifaneleki!”
□ “Mhlawumbe ikahle.”
□ “Iyafaneleka.”
Uma ngenqaba, isizathu kungaba ukuthi
□ “Iveza umzimba.”
□ “Iwubudlabha.”
□ “Ihambisana kakhulu nemfashini.”
□ “Isimelela kabi njengabazali.”
□ “Ibiza kakhulu.”
□ Okunye ․․․․․
Singaxoxa Ndawonye Ngalokhu?
Ingabe asifuni ayigqoke ngoba nje thina singayithandi?
□ Yebo □ Kungenzeka □ Cha
Uma kukhona okungenziwa ukuze lengubo ifaneleke, kuyini?
․․․․․
Isinqumo ․․․․․
[Ibhokisi ekhasini 84]
Abafana Bona?
Izimiso zeBhayibheli okukhulunywe ngazo kulesi sahluko ziyasebenza nakubafana. Gqoka ngesizotha. Akubonakale umuntu osithekile wenhliziyo—lokho oyikho ngaphakathi. Lapho ucabanga ukuthenga izingubo zokugqoka, zibuze: ‘Zibatshelani abanye ngami? Ingabe yilokho ngempela engiyikho?’ Khumbula, esikugqokayo kusho okuthile ngathi. Qiniseka ukuthi izingubo zakho ziveza izimiso ezinhle ozikholelwayo!
[Isithombe ekhasini 80]
Izingubo zakho zifana noqwembe olutshela abantu ngawe. Luthini olwakho “uqwembe” ngawe?