Isahluko 21
Ngingasisebenzisa Kanjani Ngokuhlakanipha Isikhathi Sami?
Mangaki amahora ongathanda ukwenezelelwa wona ngosuku? ․․․․․
Ungenzani ngaleso sikhathi esengeziwe?
□ Ngingasichitha nabangane bami
□ Ngingalala
□ Ngingatadisha
□ Okunye ․․․․․
ISIKHATHI sifana nehhashi eligabavulayo—ukuze sikusize, kumelwe ufunde ukusilawula. Uma usilawula, cishe kuyoncipha ukucindezeleka, wenze kangcono esikoleni nabazali bakho bakwethembe ngokwengeziwe. Kungenzeka uthi: “Kuzwakala kukuhle, kodwa kulula ukukusho kunokukwenza!” Yiqiniso, uzobhekana nezinselele. Kodwa ungazinqoba. Ake sifunde ngezibonelo ezimbalwa.
Inselele Yokuqala: Ukwenza Isimiso
Okungase kukuvimbe. Ukucabanga nje ukuthi kufanele wenze isimiso kukwenza uzizwe ungakhululekile ukwenza okuthandayo! Wena uthanda ukwenza izinto ngesikhathi osithandayo, ungaboshwa isimiso.
Isizathu sokuba usenze noma kunjalo. INkosi uSolomoni yabhala: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa.” (IzAga 21:5) USolomoni wayengumuntu omatasa. Wayengumyeni, engubaba futhi eyinkosi. Futhi cishe ukuphila kwakhe kwaba matasa nakakhulu lapho ekhula. Ngokufanayo, nawe umatasa manje. Kodwa cishe uyoba matasa nakakhulu njengoba ukhula. Kungcono ube umuntu ohlelekile manje kunokuba uthi uyohleleka usumdala!
Okushiwo ontanga yakho. “Cishe ezinyangeni eziyisithupha ezedlule ngaqala ukwenza isimiso sasikhathi sonke. Ngangizama ukwenza izinto zibe lula, futhi ukuba nesimiso kwabonakala kusiza!”—UJoey.
“Ukuba nohlu lwezinto engizozenza kuyangisiza. Lapho nginezinto eziningi okumelwe ngizenze, mina nomama sizibhala phansi ukuze sibone ukuthi singasizana kanjani ekuzenzeni.”—UMallory.
Okuyokusiza. Kubheke kanje: Ake sithi nithatha uhambo ngemoto. Ilungu ngalinye lomkhaya liphonsa izikhwama zalo ebhuthini yemoto. Kubonakala sengathi ngeke zingene zonke izimpahla. Yini ongayenza? Ungaqala phansi, ufake izikhwama ezinkulu kuqala bese ufaka ezincane ezikhaleni ezisele.
Ungasebenzisa indlela efanayo nasekuhleleni ukuphila kwakho. Uma uqala ngokwenza izinto ezincane, uzifaka engozini yokungabi nesikhathi sezinto ezibalulekile. Yenza isikhathi sezinto ezinkulu kuqala, uyomangala ukuthi siyoba siningi kangakanani isikhathi sezinye izinto!—Filipi 1:10.
Yiziphi izinto ezibaluleke kakhulu okudingeka uzenze?
․․․․․
Manje phindela emuva, ubhale izinombolo ngokulandelana kwezinto ezibalulekile. Uma wenza izinto ezinkulu kuqala, uzomangala ukuthi unesikhathi esingakanani esisalele izinto ezincane.
Ongakwenza. Thola incwajana ongabhala kuyo isimiso sakho, bese ubhala izinto ezibalulekile okudingeka uzenze. Mhlawumbe okunye kwalokhu okungezansi kungakusiza.
□ Ikhalenda elikumakhalekhukhwini
□ Incwajana yokubhala izenzakalo
□ Ikhalenda elikuyi-computer
□ Ikhalenda elihlala edeskini
Inselele Yesibili: Ukunamathela Esimisweni
Okungase kukuvimbe. Ngemva kwesikole ufuna ukuphumula ubukele i-TV kancane. Noma, uhlele ukuba utadishele isivivinyo esithile, bese uthola umyalezo okumemela ebhayisikobho. Ibhayisikobho ngeke ikulinde, kodwa ungakwazi ukutadisha ebusuku. Uyacabanga, ‘Ngaphandle kwalokho, ngitadisha kahle uma isikhathi sesisincane.’
Isizathu sokuba ukwenze noma kunjalo. Ungase uthole amamaki amahle uma utadisha ingqondo yakho isaphapheme. Ngaphandle kwalokho, aziziningi yini kakade izinto ezikucindezele? Kungani ufuna ukwenezela kuzo ngokulinda uze utadishe ebusuku usujahile? Uyobe unjani ngakusasa ekuseni? Ungase uselwe, uzizwe ucindezelekile, kudingeke uphume usugijima, mhlawumbe ungafiki ngesikhathi esikoleni.—IzAga 6:10, 11.
Okushiwo ontanga yakho. “Ngiyathanda ukubukela i-TV, ukudlala isiginci nokuba nabangane bami. Azizimbi lezi zinto; kodwa ngezinye izikhathi zenza ngihlehlise izinto ezibalulekile, ngigcine sengizenza ngokubhuduzela.”—UJulian.
Okuzokusiza. Ungamane nje wenze isimiso sezinto okumelwe uzenze—yenza isimiso sezinto ojabulela ukuzenza. UJulian uthi: “Kulula ukwenza izinto okumelwe ngizenze ngoba ngisuke ngazi ukuthi ngihlele ukwenza izinto ezimnandi kamuva.” Nakhu okunye ukusikisela: Yiba nomgomo omkhulu, bese ubeka imigomo emincanyana ezokusiza ufinyelele omkhulu.
Ongakwenza. Yimuphi umgomo owodwa noma emibili ongakwazi ukuyifinyelela phakathi nezinyanga eziyisithupha?
․․․․․
Yimuphi umgomo ongawufinyelela kule minyaka emibili ezayo, futhi yini okudingeka uqale ukuyenza manje ukuze uwufinyelele?a
․․․․․
Inselele Yesithathu: Ukuba Ohlanzekile Nohlelekile
Okungase kukuvimbe. Awuqiniseki ukuthi ukuba ohlanzekile nohlelekile kuhlangana kanjani nokusebenzisa kahle isikhathi sakho. Ngaphandle kwalokho, kubonakala kulula ukuba yidlabha. Ikamelo lakho ungalihlanza nakusasa—noma ungalihlanzi nje nhlobo! Awunandaba nokungcola, ngakho akuyona inkinga. Noma ingabe kuyiyona?
Isizathu sokuba ukwenze noma kunjalo. Uma zonke izinto zakho zihlanzekile futhi zihlelekile, isikhathi siyokongeka lapho usufuna izinto ezithile. Kuyokunikeza nokuthula kwengqondo nje futhi.—1 Korinte 14:40.
Okushiwo ontanga yakho. “Ngezinye izikhathi uma ngingenaso isikhathi sokuqoqa izingubo zami, izinto engizidingayo zivele zilahleke ngoba kusuke kumapeketwane!”—UMandy.
“Kwaphela isonto lonke ngilahlekelwe isikhwama sami semali. Ngakhathazeka kakhulu. Ekugcineni ngasithola lapho ngiqoqa ekamelweni lami.”—UFrank.
Okuyokusiza. Zama ukuphindisela izinto endaweni yazo ngokushesha ngangokunokwenzeka. Kwenze ngaso sonke isikhathi lokhu kunokuba ulinde kuze kube mafuhlufuhlu.
Ongakwenza. Zama ukuba inono. Gcina zonke izinto zicocekile, ubone ukuthi kuyazenza yini izinto zibe lula.
Isikhathi iyona nto wena, ontanga yakho nabazali bakho eninayo ngokulinganayo ngosuku. Uma usisebenzisa kabi, uzozisola. Uma usisebenzisa ngokuhlakanipha, uyothola imivuzo. Ikuphi ozokukhetha?
Ingabe uzalwa abazali abathuthele kwelinye izwe? Ingabe unomuzwa wokuthi awamukeleki esikoleni noma ekhaya? Funda indlela ongashintsha ngayo isimo sikuzuzise.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka iSahluko 39 sale ncwadi.
UMBHALO OYINHLOKO
“Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.
ICEBISO
Ungazami ukusebenzisa konke ukusikisela okwenziwe kulesi sahluko ngesikhathi esisodwa. Kunalokho, ngenyanga ezayo sebenzisa okukodwa kukho. Uma usukusebenzisile, khetha okunye usebenzele kukho.
UBUWAZI . . . ?
Ukuhlela ukwenza imisebenzi eminingi ngosuku kuyokucindezela. Uma uhlela ukuba izinto ezibalulekile zize kuqala, uzokwazi ukuthi iziphi okumelwe uzenze nokumelwe ungazenzi.
ENGIZOKWENZA
Umsebenzi engingachitha kuwo isikhathi esincane ․․․․․
Ngizosebenzisa isikhathi engisitholayo ngenze lokhu okulandelayo ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Ukufunda ukuhlela isikhathi sakho manje kuyokusiza kanjani ukuba uphathe umuzi wakho esikhathini esizayo?
● Iziphi izifundo ongazifunda kubazali bakho ngokusebenzisa isikhathi?
● Uma usunaso kakade isimiso sokusebenzisa isikhathi, iziphi izinguquko ongazenza ukuze sibe usizo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 154]
“Ngezwa othile encokola ethi uma ufuna ngibe sendaweni ethile ngehora lesine nqo ekhanda, kufanele uthi angifike khona ngehora lesithathu. Ngabona lapho ukuthi kudingeka ngisihlele kahle isikhathi sami!’’—URicky
[Ibhokisi ekhasini 155]
Sidliwa Yini Isikhathi Sami?
Esikhathini esingangesonto, intsha eneminyaka ephakathi kwengu-8 nengu-18 yachitha amahora ayo ngale ndlela:
17
inabazali
30
isesikoleni
44
ibukele i-TV, idlala imidlalo yama-video, ithumelelana imiyalezo futhi ilalele umculo
Hlanganisa amahora owachitha isonto ngalinye
ubukele i-TV ․․․․․
udlala imidlalo yama-video ․․․․․
usebenzisa i-Internet ․․․․․
ulalele umculo ․․․․․
Ingqikithi ․․․․․
Amahora okungaba lula ukuwasebenzisela izinto ezibalulekile ․․․․․
[Isithombe ekhasini 153]
Isikhathi sifana nehhashi eligabavulayo—kumelwe ufunde ukusilawula