Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 35 k. 252-k. 256 isig. 1
  • Ngingagqashula Kanjani Ezidakamizweni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingagqashula Kanjani Ezidakamizweni?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Inkinga Yezidakamizwa Inganqotshwa?
    I-Phaphama!—1999
  • Indlela Izidakamizwa Ezingemthetho Ezikuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuwohloka Kokuphila Nokufa Kwabantu
    I-Phaphama!—1999
  • Izidakamizwa—Kungani Abantu Bezisebenzisa Kabi?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 35 k. 252-k. 256 isig. 1

Isahluko 35

Ngingagqashula Kanjani Ezidakamizweni?

INGABE ungumlutha wezidakamizwa? Kungenzeka uyazi ukuthi zikulimaza ingqondo nomzimba. Kungenzeka nokuthi uye wazama ukugqashula kuzo kodwa wehluleka. Uma kunjalo, ungapheli amandla. Abanye baye bawunqoba lo mkhuba, nawe ungawunqoba! Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okushiwo abantu abathathu abavela ezizindeni ezingafani ngokuthi bagqashula kanjani ezidakamizweni.

IGAMA UMarta

ISIZINDA SAMI Umama wangizala engashadile, ngakho mina nodadewethu asikhuliswanga ubaba. Kamuva umama washada, futhi ngahamba ngayohlala naye. Kusukela cishe ngineminyaka engu-12, ngaqala ukuya ema-disco nomamncane owayethanda ukudansa. Nganginobungane kakhulu futhi ngokushesha ngazihlanganisa nabantu ababenemikhuba emibi. Ngaqala ukudla izidakamizwa ngineminyaka engu-13. Ngaqala nokusebenzisa i-cocaine. Ekuqaleni, kwakumnandi ukudla izidakamizwa. Kodwa ngemva kwesikhashana, ngaqala ukubona imibono engekho nokwesaba yonke into. Futhi lapho ngisanguluka ezidakamizweni, ngangihlaselwa imicabango yokuzibulala. Ngangifuna ukuziyeka izidakamizwa kodwa ngangingenawo amandla.

INDLELA ENGAGQASHULA NGAYO Ngaqala ukucabanga ngoNkulunkulu futhi ngaya nasesontweni izikhathi ezimbalwa. Kodwa ngangizizwa ngicindezeleke nakakhulu. Lapho ngineminyaka engu-18 ngahamba ngayohlala nesoka lami futhi saba nengane. Ukuba nengane kwangenza ngafisa nakakhulu ukushintsha indlela engangiphila ngayo. Owayengumngane wami ngaphambili wathuthela ngalapho ngangihlala khona. Wangivakashela futhi wangibuza ukuthi ngiqhuba kanjani. Ngavele ngamthululela isifuba. Wathi usengomunye woFakazi BakaJehova futhi wacela ukufunda nami iBhayibheli. Ngavuma.

Ngafunda ukuthi indlela yami yokuphila yayingamjabulisi uNkulunkulu nokuthi kumelwe ngiyeke izidakamizwa nokubhema. Kodwa izidakamizwa zase zingingene egazini. Ngangicela uJehova uNkulunkulu izikhathi eziningana ngosuku ukuba angisize ngigqashule emikhubeni emibi. Ngangifuna ukumjabulisa. (IzAga 27:11) Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngifunda iBhayibheli futhi ngihlanganyela noFakazi BakaJehova, ngakwazi ukuyeka izidakamizwa. Manje ukuphila kwami sekunenjongo. Angisahlali ngicindezelekile. Ngahlangana nendoda ekahle engumKristu, ngashada nayo. Indodana yami ngiyikhulise ngezimiso zeBhayibheli. Ngiyabonga ngokuthi uJehova wayizwa imithandazo yami futhi wangisiza!

IGAMA UMarcio

ISIZINDA SAMI Ngakhulela emaphandleni aseSanto André, idolobha elinabantu abaningi laseSão Paulo, eBrazil. Ngafunda ugwayi, izidakamizwa kanye nokweba ngisemncane. Abangane bami abaningi babeba izimoto futhi beshushumbisa izidakamizwa. Omunye wabo wayenika intsha yendawo izidakamizwa zamahhala. Lapho isiyimilutha, kwakumelwe izithenge kuye lezi zidakamizwa.

Amaphoyisa ayehambahamba kaningi endaweni yakithi, futhi ngaboshwa izikhathi eziningana ngiboshelwa amacala amancane futhi ngaboshwa kanye ngiboshelwa ukusolwa ngokushushumbisa izidakamizwa. Izikhathi eziningi ngangizigcina endlini yami izimpahla nezibhamu zabangane bami ezebiwe.

Abantu babengesaba. Amehlo ami ayebomvu njengegazi. Ngangingamomotheki. Eqinisweni, ngangihlale ngibukeka njengombulali. Ngangibizwa ngokuthi “Tufão” (iSiphepho) ngenxa yokuthi nomaphi lapho ngangifika khona, ngangibanga umonakalo. Ngangibuhlaba utshwala futhi ngiziphatha kabi. Abaningi babangane bami bafa noma baboshwa. Ngacindezeleka kangangokuba ngaze ngabophela intambo egatsheni lesihlahla ngazama ukuzilengisa.

INDLELA ENGAGQASHULA NGAYO EZIDAKAMIZWENI Ngacela uNkulunkulu ukuba angisize. Ekugcineni, ngahlangana noFakazi BakaJehova futhi ngaqala ukufunda iBhayibheli. Ngafunda ukuthi uNkulunkulu unegama lakhe siqu elithi Jehova, nokuthi uyabakhathalela futhi uyabasiza labo abazama kanzima ukuphila ngezindinganiso zakhe. (IHubo 83:18; 1 Petru 5:6, 7) Kwakumelwe ngenze izinguquko eziningi. Enye eyayinzima kunazo zonke kwakuwukufunda ukumomotheka.

Ngangihlale ngicela uJehova ukuba angisize, futhi ngasebenzisa izeluleko eziseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, ngayeka ukuzihlanganisa nabangane bami bangaphambili ngagwema nokuya ezindaweni zotshwala. Kunalokho, ngakhetha ukuzihlanganisa nabantu abaphila ngezindinganiso zeBhayibheli. Kube umshikashika onzima, kodwa angiselona isela futhi angisazibangi nezinkathazo. Sekuyiminyaka engaphezu kweyishumi ngayeka izidakamizwa.

IGAMA UCraig

ISIZINDA SAMI Ngakhulela epulazini laseNingizimu ye-Australia. Ubaba wayephuza kakhulu, futhi yena nomama bahlukana lapho ngineminyaka engu-8. Umama wabuye washada futhi ngahlala naye ngaze ngaba neminyaka engu-17. Ngalowo nyaka ngafunda ukugunda izimvu futhi ngazihlanganisa neqembu labagundi bezimvu elalihamba yonke indawo lifuna umsebenzi. Ngaqala ukudla izinhlobo eziningi zezidakamizwa nokusebenzisa kabi utshwala. Ngakhulisa izinwele zami. Ngazigcoba ngamafutha ngase ngiziphotha ngazifaka ubuhlalu. Ngaba nomona, ngaxhaphaza abanye futhi ngaqala ukuba nenhliziyo encane nolaka. Ngaboshwa izikhathi ezingaphezu kwesisodwa.

Ngathuthela edolobhaneni elincane eliseNtshonalanga ye-Australia futhi ngahlala khona nentombi yami eyayithengisa utshwala ehhotela lendawo. Sobabili sasibhema, siphuza, sitshale nensangu.

INDLELA ENGAGQASHULA NGAYO EZIDAKAMIZWENI Sasiqeda nje kuvuna insangu yethu lapho kungqongqoza oFakazi BakaJehova emzini wethu ogugile. Angizange nje ngimane ngamukele ababekusho. Kunalokho, njengoba isikhathi sasiqhubeka ngazibonela ngokwami ukuthi lokho okushiwo iBhayibheli kuyiqiniso. Ngakho, kancane kancane ngalwa nezinkinga zami.

Ngasheshe ngabona ukuthi kuzodingeka ngiyeke ukubhema insangu. Kwakuzohilelani lokho? Ngangiyitshale kanzima le nsangu, ngakho ekuqaleni ngangicabanga ukuyinikeza abanye. Kodwa ngabona ukuthi lokho kwakungalungile, ngavele ngayishisa. Umthandazo wafeza indima ebalulekile ekungisizeni ngakwazi ukunqoba izidakamizwa nokusebenzisa kabi utshwala. Ngacela umoya kaNkulunkulu ukuba ungisize ngiyilwe futhi ngiyinqobe le mpi engangibhekene nayo. Ngayeka nokuzihlanganisa nabantu ababekhuthaza imikhuba emibi. Njengoba ngifunda futhi ngisebenzisa izimfundiso zeBhayibheli, ngathola isivikelo esingokomzwelo engangisidinga ukuze nginqobe obunye ubuthakathaka ebuntwini bami. Intombi yami nayo yafunda iBhayibheli futhi yashintsha imikhuba nendlela yayo yokuphila. Sashada. Sekuyiminyaka engu-21 sijabulela impilo engcono, futhi manje sijabulela ukukhulisa izingane ezimbili. Angazi ukuthi ngabe ukuphila kwami kunjani ukube uJehova akangisizanga ukuba ngishintshe indlela yami yokuphila.

UMBHALO OYINHLOKO

“[U]Jehova uyizikhwepha zami namandla ami.”—Isaya 12:2.

ICEBISO

Uma kungenzeka, gwema abantu, izindawo nezinto ezihlangene nomkhuba wakho wangaphambili wokusebenzisa izidakamizwa. Ucwaningo lubonisa ukuthi ukubona nje noma yikuphi kulokhu kungakwenza uziqalekele.

UBUWAZI . . . ?

Ukusebenzisa kabi izidakamizwa kungashintsha ukwakheka kobuchopho bakho.

ENGIZOKWENZA!

Uma ngiphinde ngiwela ogibeni lwezidakamizwa, ngizo- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani kungadingeka umuntu enze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe ukuze agqashule ezidakamizweni?

● Kungasiza kanjani ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 253]

“Ngokuphila ngokuvumelana nezindinganiso eziphakeme zeBhayibheli, sengithole injabulo nenjongo ekuphileni.’’—UMarta

[Isithombe ekhasini 256]

Ukunqoba ukulutheka kunjengokubaleka endlini eshayo—ushiya izinto ngemuva, kodwa usindisa ukuphila kwakho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela