Isifundo 14
Yini Inkonzo Yezithunywa Zevangeli?
Ingabe kungaba lula ukushiya umndeni wakho nezwe lakini uye kwelinye izwe uyoshumayela izindaba ezinhle? Izinkulungwane zoFakazi ziye zakwenza lokho, kufana nokuthi zithi, “Nangu mina! Thuma mina.” (Isaya 6:8) Ngokwenza kanjalo balingisa iSithunywa Sevangeli esikhulu kunazo zonke, uJesu Kristu.—Johane 7:29.
Le nkonzo iyindlela yokuhamba ezinyathelweni zikaJesu. UJesu wathunyelwa uNkulunkulu emhlabeni evela ezulwini ukuze aphile nabantu abanesono. Nakuba uJesu akubona ukungalungi, akazange azame ukushintsha umphakathi. Wagxila kulokho ayekuthunyiwe, ukushumayela “izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu”—okuwukuphela kwekhambi lezinkinga zesintu. (Luka 4:43) Izithunywa zevangeli zangempela ezingamaKristu zilingisa isibonelo sakhe.
Uma ukule nkonzo, uyazidela. Isithunywa sevangeli kumelwe sifunde indlela yokuphila, amasiko, isimo sezulu nokudla okungase kuhluke kakhulu kulokho esikujwayele. Ngokuvamile kuye kudingeke sifunde ulimi olusha ukuze sikwazi ukukhuluma nabantu bendawo. Kungadingeka sisebenzise izinto zokuthutha ezisezingeni eliphansi ukuze siye ezindaweni ezikude. Ukuze izithunywa zevangeli zikwazi ukuzidela ngale ndlela, kumelwe zibathande ngempela abantu ezishumayela kubo.
Kudingeka ziqeqeshwe kahle. OFakazi abaningi abangenela inkonzo yezithunywa zevangeli baya e-Watchtower Bible School of Gilead, isikole esithatha izinyanga ezinhlanu. Abakufundayo kuso kuqinisa ithemba labo kuJehova, eZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe. (IzAga 3:5, 6) Sibasiza ukuba bahlakulele izimfanelo zobuKristu abazozidinga lapho sebeyizithunywa zevangeli, namakhono azobasiza babe abafundisi beBhayibheli abaphumelelayo. Sibenza bakufanelekele kahle ukushumayela ‘ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.’—IzEnzo 1:8.
Yini elindelekile esithunyweni sevangeli?
Iyiphi imfundo ekhethekile enikwa izithunywa zethu zevangeli?