Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 7 kk. 16-17
  • Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kuke Kwenzeke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ingabe Uyothembeka Njengo-Eliya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 7 kk. 16-17
Umfana omncane unesizungu futhi uyesaba

ISIFUNDO 7

Uke Uzizwe Unesizungu Futhi Wesaba?

Awubuke lo mfana omncane osesithombeni. Ubukeka enesizungu futhi esaba, akunjalo? Wake wazizwa kanjalo wena?— Bonke abantu bayazizwa kanjalo ngezikhathi ezithile. IBhayibheli likhuluma ngabangane bakaJehova abazizwa benesizungu futhi besaba. Omunye wabo kwakungu-Eliya. Ake sifunde ngaye.

INdlovukazi uJezebeli iyathetha

UJezebeli wayefuna ukubulala u-Eliya

U-Eliya wayehlala kwa-Israyeli eminyakeni eminingi edlule, ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu. U-Ahabi wayeyinkosi yakwa-Israyeli futhi engamkhulekeli uNkulunkulu weqiniso, uJehova. U-Ahabi nenkosikazi yakhe, uJezebeli, babekhulekela unkulunkulu wamanga, uBhali. Ngakho iningi labantu kwa-Israyeli laqala ukukhulekela uBhali. INdlovukazi uJezebeli yayinenhliziyo embi kakhulu futhi ifuna ukubulala bonke abantu abakhulekela uJehova, kuhlanganise no-Eliya! Uyazi ukuthi wenzani u-Eliya?—

U-Eliya wabaleka! Waya ehlane elikude, wafike wacasha emhumeni. Ucabanga ukuthi kungani abaleka?— Yebo, wayesaba. Kodwa kwakungafanele esabe u-Eliya. Kungani? Ngoba wayazi ukuthi uJehova angamsiza. UJehova wayembonisile amandla akhe u-Eliya ngaphambili. Ngesinye isikhathi uJehova waphendula umthandazo ka-Eliya ngokuthumela umlilo uvela ezulwini. Ngakho uJehova wayengamsiza ngempela u-Eliya namanje!

UJehova uphendula umthandazo ka-Eliya ngokuthumela umlilo uvela ezulwini; u-Eliya usemhumeni; u-Eliya ujabule ngemva kokuzwa amazwi kaJehova akhuthazayo

UJehova wamsiza kanjani u-Eliya?

Ngesikhathi u-Eliya esemhumeni, uJehova wakhuluma naye wambuza: ‘Wenzani lapha?’ U-Eliya waphendula: ‘Kusele mina ngedwa kubantu abakukhulekelayo. Yimina ngedwa futhi ngesaba ukuthi ngizobulawa.’ U-Eliya wayecabanga ukuthi bonke abakhulekeli bakaJehova babebulewe. Kodwa uJehova wathi ku-Eliya: ‘Cha, akulona iqiniso lelo. Kunabanye abantu abangu-7 000 abasangikhulekela. Yiba nesibindi. Nginomsebenzi omningi okufanele ungenzele wona!’ Ucabanga ukuthi u-Eliya wajabula uma ezwa lokho?—

Yini oyifundayo kulokho okwenzeka ku-Eliya?— Akumelwe neze uzizwe unesizungu futhi wesaba. Unabangane abathanda uJehova nabakuthandayo. Ngaphezu kwalokho, uJehova unamandla amakhulu futhi uzokusiza ngaso sonke isikhathi! Uyajabula yini ngokwazi ukuthi akwenzeki ube wedwa ngempela?—

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • 1 AmaKhosi 19:3-18

  • IHubo 145:18

  • 1 Petru 5:9

IMIBUZO:

  • Ngesikhathi sika-Eliya, iningi labantu kwa-Israyeli lalimkhulekela yini uJehova? Lalikhulekela bani?

  • Kungani u-Eliya abaleka wayocasha emhumeni?

  • UJehova wathini ku-Eliya?

  • Yini esiyifundayo kulokho okwenzeka ku-Eliya?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela