Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 20 k. 54-k. 55 isig. 8
  • Isimangaliso Sesibili EKhana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimangaliso Sesibili EKhana
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimangaliso Sesibili Lapho EseseKhana
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isimangaliso Sesibili EKhana
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Wenza Isimangaliso Sakhe Sokuqala
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukushisekela Ukukhulekela UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 20 k. 54-k. 55 isig. 8
Isikhulu sikahulumeni esisosizini sincenga uJesu ukuba azokwelapha indodana yaso

ISAHLUKO 20

Isimangaliso Sakhe Sesibili EKhana

MARKU 1:14, 15 LUKA 4:14, 15 JOHANE 4:43-54

  • UJESU USHUMAYELA NGOKUTHI “UMBUSO KANKULUNKULU USUSONDELE”

  • WELAPHA UMFANA EKUDE NAYE

Ngemva kokuhlala izinsuku ezingaba mbili eSamariya, uJesu uyasuka aye endaweni yangakubo. Ubesemkhankasweni omkhulu wokushumayela eJudiya, kodwa njengoba ebuyela eGalile, akayile ukuyophumula. Kunalokho, uqala inkonzo enkulu nakakhulu endaweni akhulela kuyo. Kungenzeka uJesu akalindele ukuba bamamukele kahle lapho, ngoba njengoba asho, “umprofethi akadunyiswa ezweni lakubo.” (Johane 4:44) Kunokuba baqhubeke benaye, abafundi bakhe babuyela emindenini yabo nasemisebenzini ababeyenza ngaphambili.

UJesu ushumayela muphi umyalezo? Umyalezo othi: “UMbuso kaNkulunkulu ususondele. Phendukani, nibe nokholo ezindabeni ezinhle.” (Marku 1:15) Basabela kanjani abantu? Empeleni, abaningi eGalile bamamukela kahle uJesu, bayamhlonipha. Lokhu akubangelwa umyalezo wakhe kuphela. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili, abanye abavela eGalile babekhona ePhasikeni eJerusalema futhi bambona uJesu enza izibonakaliso ezinkulu.—Johane 2:23.

UJesu uyiqala kuyiphi indawo yaseGalile inkonzo yakhe enkulu? Kubonakala sengathi uyiqala eKhana, lapho aphendula khona amanzi aba yiwayini edilini lomshado. Njengoba elapho uJesu utshelwa ngomfana ogulela ukufa. Lo mfana uyindodana yesikhulu sikahulumeni ophethwe uHerode Antipase, inkosi kamuva enquma ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Lesi sikhulu sizwile ukuthi uJesu ufikile eKhana evela eJudiya. Ngakho siyasuka emzini waso eKapernawume siye eKhana siyofuna uJesu. Lesi sikhulu esisosizini sincenga uJesu: “Nkosi, yehla ngaphambi kokuba umntanami afe.”—Johane 4:49.

UJesu uphendula le ndoda ngamazwi okumelwe ukuba ayayimangaza: “Hamba; indodana yakho iyaphila.” (Johane 4:50) Lesi sikhulu sikaHerode siyamkholwa uJesu, bese sihamba sibuyela ekhaya. Sisesendleleni sihlangatshezwa izinceku zaso, ebeziphuthuma ukuzosixoxela izindaba ezinhle. Indodana yaso isiluleme! Sizama ukuthola ukuthi kwenzeke kanjani, sibuza izinceku ‘ube ngcono nini?’

Ziphendula zithi: “Umkhuhlane umyeke izolo ngehora lesikhombisa.”—Johane 4:52.

Isikhulu sihlangatshezwa yizinceku zaso bese sibuyela ekhaya sifice indodana yaso isiphulukiswe uJesu

Isikhulu siyaqaphela ukuthi yiso kanye isikhathi uJesu asho ngaso ukuthi “Indodana yakho iyaphila.” Ngemva kwalokho, le ndoda ecebe ngokwanele ukuba ibe nezinceku, kanye nawo wonke umndeni wayo, baba abalandeli bakaKristu.

Ngakho sezimbili izimangaliso uJesu azenze eKhana, waphendula amanzi aba iwayini kamuva welapha umfana eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-26. Akuzona lezi kuphela izimangaliso azenzayo. Kodwa lesi simangaliso sibalulekile ngoba sibonisa ukuthi usebuyile eGalile. Akungabazeki ukuthi ungumprofethi ogunyazwe uNkulunkulu, kodwa lo mprofethi ‘uzodunyiswa’ ngezinga elingakanani “ezweni lakubo”?

Lokho kuzocaca njengoba uJesu eya kubo eNazaretha. Yini emlindele lapho?

  • Lapho uJesu ephindela eGalile, imuphi umyalezo awushumayelayo futhi abantu basabela kanjani?

  • Yisiphi isimangaliso uJesu asenzayo lapho ebuyela eKhana, futhi benzani labo esibathintayo?

  • Yini ephawulekayo ngendlela uJesu elapha ngayo umfana eKapernawume?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela