Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 8 k. 26-k. 27 isig. 1
  • U-Abrahama NoSara Balalela UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • U-Abrahama NoSara Balalela UNkulunkulu
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wayengubani U-Abrahama?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • U-Abrahama—Umhlobo KaJehova
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJehova Wambiza Ngokuthi “Umngane Wami”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • U-Abrahama noSara—Ungalulingisa Ukholo Lwabo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 8 k. 26-k. 27 isig. 1
U-Abrahama noSara bapakishela ukuhamba e-⁠Uri

ISIFUNDO 8

U-Abrahama NoSara Balalela UNkulunkulu

Eduze kwaseBhabhele, kwakunedolobha lase-Uri, elalinabantu ababengamkhonzi uJehova, babekhonza abanye onkulunkulu. Kodwa kulelo dolobha kwakunendoda eyayikhonza uJehova kuphela. Igama layo kwakungu-Abrahama.

UJehova wathi ku-Abrahama: ‘Shiya ikhaya lakho nezihlobo zakho, uye ezweni engizokubonisa lona.’ UNkulunkulu wabe esesho lesi sithembiso: ‘Uzoba isizwe esikhulu futhi ngizokwenzela abantu abaningi izinto ezinhle ngenxa yakho.’

U-Abrahama wayengazi ukuthi uyakuphi, kodwa wayethembele kuJehova. Ngakho u-Abrahama, umkakhe uSara, uyise uThera nomshana wakhe uLoti bapakisha izinto zabo, bathatha uhambo olude.

U-Abrahama wayeneminyaka engu-75 lapho ekugcineni yena nomndeni wakhe befika ezweni uJehova ayefuna balibone. Lalibizwa ngokuthi izwe laseKhanani. Lapho, uNkulunkulu wakhuluma no-Abrahama wabe esenza lesi sithembiso: ‘Lonke leli zwe olibonayo, ngizolinika izingane zakho.’ Kodwa u-Abrahama noSara babegugile futhi bengenayo ingane. UJehova wayezosigcwalisa kanjani leso sithembiso?

U-Abrahama nomndeni wakhe baya ezweni laseKhanani

“Ngokholo u-Abrahama . . . walalela ngokuphuma aye endaweni ayezoyamukela njengefa; waphuma, nakuba ayengazi ukuthi uyaphi.”—Hebheru 11:8

Imibuzo: UJehova wathi u-Abrahama makenzeni? UJehova wamthembisani u-Abrahama?

Genesise 11:29–12:9; IzEnzo 7:2-4; Galathiya 3:6; Hebheru 11:8

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela