Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 49 k. 118-k. 119 isig. 2
  • INdlovukazi Ekhohlakele Iyajeziswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INdlovukazi Ekhohlakele Iyajeziswa
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJezebeli—Indlovukazi Embi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJehu Ulwela Ukukhulekela Okuhlanzekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Manje Yisikhathi Sokuthatha Isinyathelo Esiwujuqu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Wakhuthazelela Ukungabi Nabulungisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 49 k. 118-k. 119 isig. 2
Izinceku zikaJezebeli zimphosa ngewindi

ISIFUNDO 49

INdlovukazi Ekhohlakele Iyajeziswa

INkosi u-Ahabi yabona ngewindi isesigodlweni sayo eJizreyeli insimu yamagilebhisi kaNabhoti. U-Ahabi wabe eseyifuna le nsimu futhi wazama ukuyithenga kuNabhoti. Kodwa uNabhoti wenqaba ukumdayisela yona ngoba kwakuphambene noMthetho kaJehova ukudayisa umhlaba oyifa. Ingabe u-Ahabi wamhlonipha uNabhoti ngokwenza into efanele? Cha. U-Ahabi wathukuthela kakhulu. Wayethukuthele kangangokuthi wayengafuni ukuvuka embhedeni, nokudla engasakudli.

Umka-Ahabi, indlovukazi ekhohlakele uJezebeli, wathi kuye: ‘Phela wena uyinkosi yakwa-Israyeli. Ungathola noma yini oyifunayo. Ngizokutholela leya ndawo.’ Wabhalela amadoda amadala edolobha incwadi, wawatshela ukuthi amangalele uNabhoti ngokuthi uthuke uNkulunkulu futhi amshaye ngamatshe aze afe. Amadoda amadala enza ngokwamazwi kaJezebeli, ngemva kwalokho uJezebeli wathi ku-Ahabi: ‘UNabhoti ufile. Isingeyakho insimu yamagilebhisi.’

UJezebeli akabulalanga nje kuphela uNabhoti owayengenacala. Wabulala nabantu abaningi abathanda uJehova. Wayekhonza izithombe futhi enza nezinye izinto ezimbi. UJehova wazibona zonke lezi zinto ezimbi uJezebeli ayezenza. UJehova wamenzani uJezebeli?

Ngemva kokufa kuka-Ahabi, indodana yakhe uJehoramu yaba inkosi. UJehova wathumela indoda ebizwa ngokuthi uJehu ukuba ijezise uJezebeli nomndeni wakhe.

UJehu wahamba ngenqola yakhe waya eJizreyeli, lapho kwakuhlala khona uJezebeli. UJehoramu weza ehamba ngenqola ezohlangabeza uJehu wafike wathi kuye: ‘Ingabe kukhona ukuthula phakathi kwethu?’ UJehu wathi: ‘Akusoze kwaba nokuthula uma nje umama wakho, uJezebeli esaqhubeka enza izinto ezimbi.’ UJehoramu wazama ukuphendula inqola yakhe ukuze abaleke. Kodwa uJehu wamciba uJehoramu ngomcibisholo, wambulala.

UJehu uthi abamphose phansi uJezebeli

UJehu wabe eseya esigodlweni sikaJezebeli. Lapho uJezebeli ezwa ukuthi uJehu uyeza, wafaka izimonyo zakhe, walungisa izinwele wamlinda ngasewindini elisekamelweni eliphezulu. Lapho uJehu efika, wambingelela ngokwedelela. UJehu wamemeza izinceku zikaJezebeli ezazimi eduze kwakhe wathi kuzo: ‘Mphonseni phansi!’ Zamphonsa uJezebeli waphuma ngewindi, wawela phansi wafa.

Ngemva kwalokho, uJehu wabulala amadodana ka-Ahabi angu-70 wabe eseqeda ukukhulekela kukaBhali ezweni. Uyaqaphela yini ukuthi uJehova ubona yonke into nokuthi ubajezisa ngesikhathi esifanele labo abenza izinto ezimbi?

“Ifa elitholwa ngobugovu ekuqaleni ngeke libe isibusiso ekugcineni.”—IzAga 20:21

Imibuzo: Yini eyenziwa uJezebeli ukuze athole insimu yamagilebhisi kaNabhoti? Kungani uJehova ajezisa uJezebeli?

1 AmaKhosi 21:1-29; 2 AmaKhosi 9:1–10:30

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela