INGOMA 136
Umvuzo Ogcwele Ovela KuJehova
1. UJehov’ iNkos’ ubabona bonke
Abazinikele kuye.
Uyazi ukuthi bayazidela
Ukuze bamkhulekele.
Um’ ushiy’ abazali nabangane,
UJehova uyabona.
Uk’nik’ abazalwan’ abak’thandayo
Nok’phila ezwen’ elisha.
(CHORUS)
Kwangath’ uJehova angabona;
Aninikeze umvuzo wenu.
Phephelani ngaphansi kwakhe.
’Jah uthembekile; uneqiniso.
2. Umthwalo wethu ngeziny’ izikhathi;
Ungasinda kakhudlwana.
Nemisebenzi yansuku zonke nje,
Ibonakal’ iwumqansa.
Uyise wenduduz’ uyaninaka,
Ulalel’ imithandazo.
IZwi nomoya wakhe nabangane,
Kuyokunik’ induduzo.
(CHORUS)
Kwangath’ uJehova angabona;
Aninikeze umvuzo wenu.
Phephelani ngaphansi kwakhe.
’Jah uthembekile; uneqiniso.
(Bheka nabaHl. 11:38-40; Isaya 41:10.)