Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 4/1 k. 16
  • Imithandazo EkumaHubo Ingakududuza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imithandazo EkumaHubo Ingakududuza
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJona Ufunda Ngesihe SikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Wafunda Emaphutheni Akhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wafunda Emaphutheni Akhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-32—UJona
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 4/1 k. 16

Imithandazo EkumaHubo Ingakududuza

Bambalwa abantu abake bezwa ukuminza emanzini, abake bagwinywa inhlanzi enkulu futhi basinda ukuze baxoxe ngakho. Omunye umuntu owakwenza lokhu uJona. Isimo azifumana ekuso ngempela sasingesivelele phakathi kwesintu. Nokho wakwazi ukusebenzisa amazwi avezwe emaHubweni athile aphefumlelwe ekunxuseni kwakhe ngomthandazo ngenkathi ethola okuhlangenwe nakho okungavamile. Qhathanisa amazwi alandelayo kaJona nalawo atholakala kumaHubo.

“Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.”—Jona 2:2a.

“Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.”—IHubo 120:1.

“Ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza.”—Jona 2:2b.

“Ngikhala kuJehova ngisotweni phansi.”—IHubo 130:1.

“Wezwa izwi lami.”—Jona 2:2c.

“Nkosi, yizwa izwi lami.”—IHubo 130:2.

“Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa.”—Jona 2:3a.

“Ngingena emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.”—IHubo 69:2.

“Wonke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.”—Jona 2:3b.

“Onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.”—IHubo 42:7.

“Ngathi mina: Ngixoshiwe emehlweni akho; nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.”—Jona 2:4.

“Mina-ke ngithé ovalweni lwami: Ngixoshiwe emehlweni akho.”—IHubo 31:22.

“Amanzi angihaqa kwaze kwaba-nasekuphileni kwami, utwa lwangikaka. Umhlanga wangithandela ekhanda lami.”—Jona 2:5.

“Amanzi afikile emphefumlweni.”—IHubo 69:1.

“Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube-phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami.”—Jona 2:6.

“Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.”—IHubo 30:3.

“Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova.”—Jona 2:7a.

“Ngibonakalisa kuye inhlupheko yami. Lapho umoya wami udangala phakathi kwami.”—IHubo 142:2, 3.

“Umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.”—Jona 2:7b.

“Walizwa izwi lami esethempelini lakhe.”—IHubo 18:6.

“Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya oThembekile kubo.”—Jona 2:8.

“Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngithemba uJehova.”—IHubo 31:6.

“Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo.”—Jona 2:9a.

“Ngiyakunikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke.”—IHubo 50:14.

“Ukusindiswa kukuye uJehova.”—Jona 2:9b.

“Insindiso ingekaJehova.”—IHubo 3:8.

Njengoba nje uJona ayengasebenzisa ulimi lwamaHubo anjalo kokwakhe siqu okuhlangenwe nakho nathi singenza okufanayo. Yingakho, kungakhathaliseki ukuthi isimo sakho siyini manje, ungathola induduzo nokukhuthazeka emithandazweni elotshwe encwadini yamaHubo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela