Ubumnene Bunamandla
UMSHAYELI weloli wamisa imoto ayephambana nayo. Umshayeli wayo wayemxhophile ngandlela-thile ngokunganaki ukufiphaza izibani zemoto. Umshayeli weloli wathatha induku yensimbi waphihliza zombili izibani ezingaphambili zemoto yomunye umshayeli owayeneshwa. Khona-ke waqhubeka nendlela yakhe, eshiya umshayeli nenqola ayengeke esayishayela. Ingabe ingozi enjalo izwakala ijwayelekile kuwe?
Ezigidini zabantu ubudlova buwukusabela kunoma yini ephambene nokuthambekela kwabo. Bajwayele ukuhlasela ngamazwi noma ngokusebenzisa izikhwepha. Ukuntuleka kobumnene kwanda njengesifo esithathelwanayo. Abantu abengeziwe baphetha ngokuthi akusizi ngalutho ukuba mnene, ngoba ukuzethemba kubonakala kuphumelela ngokwengeziwe kakhulu. Kodwa ingabe lokhu kuyiqiniso?
Isibonelo Sasendulo
Indoda yayingaphansi kokucindezelwa okunzima. Isixuku esikhulu esinezinkemba nezagila sasizoyithatha siyivalele ejele. Kulokho, umngane omkhulu wahosha inkemba wanquma indlebe yomuntu esixukwini esinobumpi. Isimo sasinzima kakhulu. Indoda eyayizoboshwa yenzani kulesisikhathi esibucayi?
Lendoda kwakuwuJesu Kristu. Phawula ukusabela kwakhe. Kulowo owayezame ukumsindisa, uJesu wathi: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?” (Mathewu 26:47-53) Kunokubonisa ukuntula ubumnene, uJesu “wayiphatha indlebe, wayipholisa” indoda eyayilimele.—Luka 22:51.
Ingabe Ubumnene Buwuphawu Lobuthakathaka?
Ngokuqinisekile, ubumnene uJesu abubonisa abunakubalelwa ebuntwini obubuthaka. UJesu kwakuyindoda eshisayo enamandla kaYise wasezulwini ayemsekela, futhi wama eqinile kulokho okulungile. Ingabe uyakhumbula akwenza ekuqaleni kwenkonzo yakhe? Wangena ethempelini eJerusalema, futhi ekuboneni labo “abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali,” wenza isiswebhu ngentambo “waxosha bonke ethempeleni.” (Johane 2:14, 15; bheka futhi uMathewu 23:13-36.) Akukho phawu lobuthakathaka lapho!
Ngesibonelo sakhe uJesu wabonisa ukuthi ubumnene abukhona nje ukuboniswa kwangaphandle kwesizotha kodwa kuwukubonakalisa ubuntu obumnene bukaNkulunkulu obunamandla ngokuqinile. UJehova unamandla ngokungayekeleli isono. Uyasizonda ngokuphelele futhi ukubeka ngokusobala lokho. (IzAga 6:16-19) Kodwa, ngobumnene bakhe, uNkulunkulu uye walungiselela indlela ngomuntu oyisoni ukuba abuyele kuye ngomhlatshelo wesihlengo nangezinkonzo zobupristi zikaJesu Kristu. (Roma 5:10; 1 Thimothewu 2:5, 6; Heberu 4:14-16) Ngakho-ke ubumnene bukaJehova buholela ekuhlanzekeni okugcwele esonweni. (1 Johane 1:9) Ngakho ubumnene bunamandla, ngisho namandla asindisayo.
Indlela Yokuthola Ubumnene
AmaKristu angaphelele ayazi ukuthi ngaphakathi kuwo ubumnene abuwona amandla aqinile. Ngenxa yokuzalelwa esonweni njengengxenye yomkhaya ka-Adamu, sonke sinezijwayezi zenyama enesono futhi sadediselwa kude nokuphila kukaNkulunkulu. (Efesu 2:3; 4:17, 18) Sintula ukholo nethemba, futhi ngokunokwenzeka sizizwa sikhungathekile singalondekile. Kulula ukubona indlela lesisimo sengqondo esingaba ngayo umhlabathi othela ukuntuleka kobumnene. (Qhathanisa nezAga 25:28.) Kodwa ekufundeni ngezindlela zikaNkulunkulu nokwamukela intethelelo yakhe ngezono, kwenzekani? Sakhula saqina okholweni futhi senza intuthuko ekuhlakuleleni izithelo zomoya kaNkulunkulu, ezihlanganisa ubumnene.—Galathiya 5:22, 23.
Ngakho-ke akuxhomekile ekusebenziseni ukuzimisela kwethu siqu ukuthi noma imuphi wethu akwazi ukuthola lesisici esihle. Kunalokho, ubumnene buvela ekusondeleni eduze kuNkulunkulu njengomthombo wamandla ethu. Isifiso sethu esiqotho sokulingisa isibonelo sikaJesu ngokwengeziwe siyasisiza ukuba senze ngobumnene.
Njengoba kuboniswe ku-1 Petru 3:3, 4, ubumnene buhlangene no“muntu osithekileyo wenhliziyo,” isici esingaphakathi. Ngokuyinhloko akusona esitholakala njengofuzo, kodwa sitholakala njengesithelo somoya kaNkulunkulu nangolwazi oluqondile nangokusebenzisa iZwi lakhe. Ubumnene buyingxenye ‘yobuntu obusha’ bokufuza uJehova uNkulunkulu. (Kolose 3:10) Kodwa ingabe ubumnene bokwesaba uNkulunkulu butholakala kalula?
Abanye Baye Baphumelela
“Qha, akwenzeki kalula,” kuphendula indoda ende, enamandla. “Ngangijwayele ukulwela umklomelo. Kodwa ngaphandle kwenkundla, edolobheni lakithi, ngangibizwa ngokuthi ‘umshayisi wovalo komakhelwane.’ Amandla ami omzimba angibangela ngaba nomuzwa wokuba mkhulu, futhi ngangikujabulela ukulwa emigwaqweni. Futhi, ekhaya ngangikuntula kakhulu ukuzibamba. Ngikhumbula ukuthi ngesinye isikhathi lapho umkami engicasula ngabhodloza umnyango wangaphansi nefriji ngokulikhahlela kabili. Ngesinye isikhathi ngangifikelwa amahloni, ikakhulukazi uma ngilele ngidakiwe ngaphandle egcekeni, phakathi kobuhlanzo bami. Kuleyomizuzu ngangithandazela usizo kuNkulunkulu. Khona-ke ukuhlangana kwami noFakazi BakaJehova kwaqina. Eminyakeni eyisishiyagalombili edlule ngaphuza ingilazi yami yokugcina yotshwala.
“Ngaba nobunzima ngizama ukunqoba ulaka lwami. Kodwa manje uma ngiyoshumayela endlini ngendlu, ngingabonisana nabantu esikhundleni sokubabhevela ngolaka. Ukubona uthando lwabazalwane bami abangokomoya kuye kwangisiza ukuba ngithuthukise umoya wobumnene, nakuba kumelwe ngiqhubeke ngilwa nezijwayezi ezindala. Njengomdala ongumKristu ngingazwelana nabanye abanempi efanayo, kodwa ngiyazi kuyaphumeleleka.”
Noma, cabanga ngendaba yowesifazane othile waseAmbon. Wayenolaka kakhulu futhi ephatha ummese ngaphansi kwehembe lakhe. Lapho ethukuthele wayelimaza abantu abaningi. Khona-ke iqiniso leBhayibheli langeniswa ekuphileni kwakhe. Futhi uthini manje, ngemva kokuba umKristu ongufakazi kaJehova iminyaka engamashumi amabili? “Ngaqaphela ukuthi anginakukhonza uJehova nginolaka olubi kanjalo. Ngakho-ke ngosizo lwakhe ngashintsha, nakuba kusadingeka ngilwe ukuze ngihlale ngithulile.”
Lezibonelo zibonisa ukuthi umuntu ofuna ukuthuthukisa ubumnene kumelwe adede ekucabangeni okubi nasezenzweni ezivamile ezweni elisizungezile. Kunjengoba umphostoli uPawulu asho lapho ebhalela amaKristu aseRoma: “Ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo. Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi ukuthi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga.” (Roma 12:2, 3) Uma singazicabangeli ngokungaphezu kokudingekile, sicabangele abanye njengabakhulu, lokhu kusisiza ukuba sibe mnene ekusebenzelaneni nabo.—Filipi 2:3.
Akuphi Amandla Abo?
Ebuhlotsheni babantu, ubumnene bunamandla kakhulu kunokhahlo. Uma umuntu ezobhekana nesimo esinzima noma nomuntu othukuthele, onyukubele noma odabuke ngokujulile, ubumnene buyoyifinyelela imiphumela ngoba kunokwenzeka ukudonsa ukusabela okuyovula indlela yokunqoba ubunzima. IBhayibheli lithi: “Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.” Yebo, “nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.”—IzAga 15:1; 25:15.
Yeka amandla ubumnene obunawo! Ngempela benza umehluko phakathi kobuhlobo obunokuthula nokudala imizwa ebuhlungu, ukungezwani nokulimala okungalungiseki. Manje ake sibheke ukuthi lokhu kuyiqiniso kanjani ezicini ezihlukahlukene ebuhlotsheni bomuntu, nokuthi kunomvuzo kangakanani.
Emkhayeni
Kuyinjongo kaNkulunkulu ukuba umkhaya ube yilungiselelo lothando nelifudumele lokuzwana. Kodwa, maye, manje sibona ukuthi ukushaqeka nokuntula ukuzibamba kwenza imikhaya eminingi ibe lusizi! Ngokungangabazeki, esinye isizathu salokhu siwukuthi amalungu omkhaya azana kahle, futhi ngenxa yokungapheleli kobuntu wonke umuntu emkhayeni akanakuhlala angawenzi amaphutha. Lamaphutha angase akhuliswe noma ambozwe ngothando.
Cabanga ngoJohn osebenza kanzima ofika ekhaya ngemva kosuku olunzima emsebenzini. Ulindela “ukwamukelwa ekhaya” ngenjabulo ngumkakhe. Esikhundleni salokho, umkakhe uthi: “Ngikushayele ucingo ngokukhethekile ngakucela ukuba ungithengele okudliwayo uma usuza ekhaya. Awukwenzanga ngani lokho?” UJohn uzosabela kanjani? Uyazi ukusabela ngobumnene kuyindlela kaNkulunkulu, kodwa emzuzwini onjalo kungase kube nzima ukunikeza impendulo emnene. Ngokujabulisayo, kulesisimo, ugaxa umkakhe ngengalo emahlombe futhi uthi: “Ngikhohliwe, s‘thandwa. Ngixolisa kakhulu. Ngizoya esitolo manje futhi ngizobuya ngemizuzu embalwa.” Uba nesikhathi esijabulisayo sakusihlwa.
Okufanayo kuyiqiniso ebuhlotsheni babazali nabantwana babo. Ubumnene buyokwenza abazali bangeneke. Khumbulani uJesu. Abantwana bathanda ukuya kuye. (Mathewu 19:14, 15) Ngani? Ngoba, njengoba ngokwakhe asho, “ngimnene, ngithobile ngenhliziyo.” (Mathewu 11:29) Njengomzali, ingabe umnene, njengoba ayenjalo uJesu?
Kuthiwani ngobuhlobo bomkhaya uma indoda ingesiye umKristu futhi umfazi ewumfundi kaJesu Kristu? Kuhle ngomfazi okholwayo ukugcina isimo esakhayo ngoba ngokuhamba kwesikhathi indoda yakhe ingase izuzwe eqinisweni. Nokho, kulokhu phawulani ukubaluleka kobumnene bomfazi. Umphostoli uPetru wabhala: “Thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona angakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo, . . . [ukuhloba kwenu] makube-ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.”—1 Petru 3:1-4.
Ebandleni
Ibandla lobuKristu linjengomkhaya omkhulu. (Qhathanisa no-1 Thimothewu 3:15.) Ngomoya womkhaya wangempela ochumayo, umoya omnene ongakhulisi amaphutha kodwa owasibekela ngothando, bonke ebandleni bayokwenza okusemandleni abo ukuba babe nomusa komunye nomunye. Lokho kuyokwenza ukuthula nobunye. Ikakhulukazi kumelwe labo abanokuqondisa ngokomoya babe nomoya omnene wothando womkhaya ekusebenzelaneni namanye amalungu ebandla, ngoba umphostoli uPawulu wabhala: “Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu, abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.”—1 Thimothewu 5:1, 2.
Lesiseluleko esihle kakhulu sigcizelela isidingo ngababonisi ukuba babonise ubumnene obunjengobukaKristu. Uma, ngokungaqapheli, ilungu lebandla lenza iphutha, akunakufaneleka ukumthethisa ngokhahlo umuntu owenze iphutha. Ngani? Ngoba ukhahlo lungabangela ukulimala kwemizwa futhi ngokunokwenzeka ulaka. Futhi, luyacasula. Ngakho-ke, ababonisi kumelwe balandele iseluleko esiphefumlelwe: “Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.”—Galathiya 6:1.
Uma senza ngomoya wobumnene, silingisa indlela kaNkulunkulu yokusebenzelana nathi. UPawulu waluleka umbonisi ongumKristu uThithu ukuba abonise “ubumnene obukhulu kubantu bonke.” Ngani? “Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.” Nokho, uJehova wasophula wasisindisa “ngokwesihawu sakhe.”—Thithu 3:2-7.
UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba ‘bavumele ukukhanya kukhanye phambi kwabantu bonke.’ (Mathewu 5:16) Kodwa yini abantu ngokuvamile ebadonsa kakhulu? Ukhahlo, noma umusa nobumnene? Kuyini okuhlangenwe nakho kwakho? Cishe, sonke siyovumelana namazwi kaJesu: “Ngakho-ke, konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.” (Mathewu 7:12) Ingabe lokhu akufuni ubumnene kithi?
Ekuthintaneni Nomakhelwane Bethu
Singase sibhekane nokuphikisa komakhelwane bethu, mhlawumbe uma sibavakashele ukuze sihlanganyele izindaba ezinhle nabo. Ngokuqinisekile, phansi kwezimo ezinjalo kudingekile ukuba sibonise ubumnene, njengoba nababonisi bobuKristu bedinga ukwenza kanjalo phakathi ebandleni. (Qhathanisa no-2 Thimothewu 2:23-26.) Ngenxa yobumnene bethu, abaphikisi bethu bangaphambili bangase ekugcineni basabele kahle esigijimini sombuso.
Amakhulu ezinkulungwane zabantu kuwo wonke umhlaba baye bamukela izindaba ezinhle. Ngokuhlanganyela namaKristu agcotshiwe, manje bayingxenye yobuzalwane bothando emhlabeni wonke. Kanjalo ‘isixuku esikhulu esivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi’ namuhla sidumisa uJehova uNkulunkulu neWundlu, uJesu Kristu ngensindiso. (IsAmbulo 7:9, 10; 14:1) LamaKristu azinikezele awubufakazi obuphilayo bokuthi ubumnene bukaJehova bunamandla asindisayo. Ekusabeleni kokwazisa, azimisele ukubonisa ubumnene obunjengobukaNkulunkulu, futhi akuthola lokhu kungokuvuzayo. Kwangathi nawe ungaba phakathi kwabantu abamnene abajabulela isibusiso saphezulu.—Qhathanisa noMathewu 5:5.
[Isithombe ekhasini 27]
“Ngikhohliwe, s‘thandwa. Ngixolisa kakhulu”