Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 4/15 kk. 4-8
  • Indlela Izidingo Zethu Eziyogcwaliswa Ngayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Izidingo Zethu Eziyogcwaliswa Ngayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhulumeni Wezwe Lonke
  • Ithemba Elingokoqobo
  • Ukubusa KukaNkulunkulu Nemiphumela Yakho
  • Ingabe Uyoba Yingxenye Yawo?
  • Ukuba Yisikhonzi Sikahulumeni KaNkulunkulu
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Uhulumeni KaNkulunkulu Wokuthula
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ukuphela Kwempi
    I-Phaphama!—1999
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 4/15 kk. 4-8

Indlela Izidingo Zethu Eziyogcwaliswa Ngayo

“NGEMVA kweminyaka engama-30 yokubambisana kwezwe lonke, inani labantu abaswele ukudla liqhubeka likhula,” kusho umqondisi-jikelele weNhlangano Yokudla Nezolimo (FAO). Wavuma ukuthi “inkambiso eye yalandelwa kuze kube manje iye yehluleka.”

Ngenxa yesanamuhla isimo sokuzikhathalela ngokweqile kwezizwe, akukho mizamo yezwe lonke engaphumelela ngempela ekuxazululeni inkinga yokulungiselela izidingo eziyinhloko zaso sonke isintu. Okuthile okwengeziwe kuyadingeka. Kuyini lokho? Abantu abaningi abacabangayo baye baphetha ngokuthi okudingekayo yilokhu:

Uhulumeni Wezwe Lonke

Kumelwe kube khona uhulumeni wezwe onegunya namandla okuqondisa ingcebo yezwe lonke nokuhlela ukwabiwa okufanelekile kwezimpahla, ukuze kuqinisekwe ngokuthi akukho muntu ontulayo. Ingabe onjalo uhulumeni wezwe lonke unokwenzeka? Imizamo emibili kohulumeni bezwe, iNhlangano Yezizwe nenhlangano yeZizwe Ezihlangene, iye yehluleka ngokuphelele ukuxazulula izinkinga ezibangelwe ubuzwe bobugovu.

Ngakho-ke uhulumeni wezwe ongaphumelela ungatholakala kuphi? Ngokusobala, kumelwe uvele ngaphandle kwalesi simiso sezwe sezinto. Kodwa ingabe likhona igunya elinjalo elinamandla okuhlela uhulumeni wezwe? Yebo, likhona elinerekhodi lokukhathalela okujulile ngenhlalakahle yesintu. Lelogunya linguNkulunkulu.

Kulelikhulu lamashumi amabili lokuthanda izinto ezibonakalayo, lokhu kungase kuzwakale kumangalisa. Ingabe kungokungokoqobo ukuthembela ekubusweni kwezwe uNkulunkulu? Bukhona yini ubufakazi bokuthi uNkulunkulu unesithakazelo sokuba umbusi wezwe? Futhi uma kunjalo, ingabe ukubusa kwakhe kuyoba ngcono kunokubusa komuntu esiye sakubekezelela isikhathi eside kangaka?

Ithemba Elingokoqobo

Ezingqondweni zabaningi—ngisho nabaningi abakholelwa kuNkulunkulu—izinto ezingokwenkolo zehlukile ngandlela-thile “ezweni elingokoqobo.” Ngokwesibonelo, kulungile ukukhuluma ngokuya kwabo ezulwini lapho befa. Kodwa banomuzwa wokuthi akufanelekile ukulindela ukuba uNkulunkulu enze okuthile lapha emhlabeni, njengokubusa ngokoqobo izwe. Ingabe uzizwa ngaleyondlela?

Wake wayicabangela yini indlela esithembele ngayo emithethweni kaNkulunkulu ngisho namanje? Umoya esiwuphefumulayo, imvula, ilanga, yonke into eyenza ukuphila kuqhubeke ibuswa yilokho ngokuvamile okubizwa ngokuthi imithetho yemvelo, eqinisweni imithetho kaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi abantu bakholelwa kuNkulunkulu noma cha, bathembele ngokuphelele kuNkulunkulu. (Mathewu 5:45; IzEnzo 14:17) Kumelwe yini kumangalise uma uNkulunkulu, omithetho yakhe iqondisa umoya, imvula nelanga, ebeka futhi imithetho yokuqondisa izindaba zesintu?

Ngaphandle kwalokho, uye wakuqaphela yini ukuthi, cishe eminyakeni eyizi-3 500 edlule, uJehova uNkulunkulu wakhetha abantu, wabahlela njengesizwe futhi wabanikeza uhulumeni ayeyiNkosi kuwo? Lesosizwe kwakunguIsrayeli, futhi omunye wabaprofethi baso kamuva waloba: “Ngokuba uJehova unguMahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyiNkosi yethu; uyakusisindisa.”—Isaya 33:22.

Ukubusa KukaNkulunkulu Nemiphumela Yakho

Izinto zaqhubeka kanjani kuIsrayeli? Lapho esagcina imithetho kaNkulunkulu, wachuma ngayo yonke indlela. Ngemva kweminyaka yokuqala engamashumi amane nanhlanu yokubusa kukaNkulunkulu, omunye wabaholi bakhe wabika: “Akuphuthanga-lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu kaIsrayeli; kwenziwa konke.”—Joshuwa 21:45.

Okuhlangenwe nakho kwamaIsrayeli kubonisa ukuthi kunengqondo ngempela ukukhuluma ngokubusa kukaNkulunkulu. Njengoba abusa ngokuqondile lesosizwe esincane saseMpumalanga Ephakathi, uyakwazi ukubusa wonke umhlaba. Ingabe uyowubusa?

Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule umphostoli uJohane ongumKristu wezwa okuthile okusinikeza isizathu esiqinile sokuqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyothatha isinyathelo ngenxa yesintu. UJohane wanikezwa umbono wezinto ezizayo, futhi phakathi nalowombono wezwa lokhu kumemeza kwenjabulo: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube-phakade naphakade.” Khona-ke uJohane wezwa amazwi aqotho: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, . . . ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa.”—IsAmbulo 11:15, 17.

Lombono—owaphefumlelwa uNkulunkulu ngokwakhe—wabikezela ukuthatha kukaNkulunkulu “umbuso wezwe.” Yebo, uyoba umbusi wezwe, futhi “uKristu wakhe,” uJesu, uyoba umphathi wakhe omisiwe. Ngakho-ke sinokuqinisekiswa okuqinile kokuthi uJehova uNkulunkulu uyoba nohulumeni wezwe.

Lowohulumeni wezwe ngoNkulunkulu uyisihloko esiyinhloko seBhayibheli. UJesu wasifundisa ukuba siwuthandazele emthandazweni weNkosi lapho ethi: “Mawufike umbuso wakho. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Ngemilomo yabaprofethi abaningi uJehova uNkulunkulu wakhomba kulombuso njengokuphela kwendlela izinkinga ezigxilile zalelizwe eziyoxazululwa ngayo. Ingabe uyophumelela ngokwengeziwe kunohulumeni babantu? Ake sikucabangele.

Amanzi Okuphuza: UJehova uNkulunkulu unguMdali womhlaba. Uyiqonda ngokuphelele isayensi ephathelene nawo. Kumprofethi uAmose wambula ukuthi ‘ubiza amanzi olwandle, awathululele ebusweni bomhlaba.’ (Amose 9:6) Uwuqonda ngokuphelele umjikelezo wamanzi alembulunga futhi angawuqondisa ngokuphelele.

Lapho ebusa uIsrayeli wasendulo ngokuqondile wathembisa: “UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo.” (Duteronomi 28:12) Uma nje abantu bakhe babesathembekile, wasigcwalisa lesosithembiso. Futhi uyakwazi ngokulinganayo ukuqinisekisa amanzi amaningi abo bonke abangaphansi kukahulumeni wakhe wezwe lonke.

Ukudla Kokudliwa: Izingcweti zithi esinye sezithiyo ezinkulu kakhulu ekupheni abantu abalambile ukudla, umgoqo wobuzwe. Uhulumeni kaNkulunkulu wezwe lonke unamandla okususa leyomigoqo. Umprofethi ophefumlelwe waloba: “[UNkulunkulu] uyakwahlulela . . . anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude; ziyakukhanda izinkemba zazo zibe-ngamakhuba, imikhonto yazo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Mika 4:3.

Ingabe into enjalo ingenzeka? Kunjalo ngempela. Eqinisweni iyenzeka khona manje! Kukhona umphakathi wabantu obalelwa ezigidini kuwo wonke umhlaba oye wazithoba kakade embusweni kaNkulunkulu. Awusazibheki izinto ngendlela elinganiselwe kakhulu, yobuzwe noma yobuhlanga, kodwa ubhekana njengabazalwane, abasebenza ndawonye ukwenza intando kaNkulunkulu. Ukuba khona kwalendikimba yabantu kuwubufakazi bokuba ngokoqobo kukahulumeni kaNkulunkulu wezwe lonke. Bangobani? Sikhuluma ngoFakazi BakaJehova.

UJehova uNkulunkulu uye wathembisa ukuthi uyobusisa umhlaba futhi uyoveza inala. Ngomlomo womhubi, wathi: “Umhlaba uthelile izithelo zawo.” “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.” (IHubo 67:6; 72:16) Yebo, ngaphansi kokubuswa kwezwe umbuso kaNkulunkulu akunakuba khona isithiyo kulento ebalulekile ukuba itholakale ngokucebile.

Izembatho Nendawo Yokukhosela: UJesu wabonisa ukukhathalela kothando kukaNkulunkulu ngenhlalakahle engokwenyama yezinceku zakhe lapho ethi: “Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle . . . akayikunembathisa kakhulu nina . . . na?”—Mathewu 6:28-30.

Yebo, uNkulunkulu uyazikhathalela izinceku zakhe ngisho namanje. OFakazi BakaJehova bayaqiniseka ngeqiniso lalokhu. Khona-ke ngokuqinisekile, lapho uhulumeni wakhe wezwe ubusa wonke lomhlaba, akunakuntuleka lutho esiludingayo ukuze sijabule.

Ingabe Uyoba Yingxenye Yawo?

Ingabe lohulumeni wezwe uzwakala ukhanga kuwe? Ngokuqinisekile, noma imuphi umuntu onengqondo angathanda ukuphila ngaphansi kwesimiso esinjalo. Nokho, okokuqala kumelwe sifunde imithetho yalohulumeni. Lena iye yanyatheliswa kakade eBhayibhelini eliNgcwele. Kumelwe sifunde imithetho okumelwe ilalelwe uma sizophila ngaphansi kukahulumeni kaNkulunkulu.

Lokhu kungase kuhilele izinguquko ekuphileni kwethu. Ukuzithanda okweqile okuyingxenye enkulu yalesimiso sezinto akunandawo elungiselelweni likaNkulunkulu. Izikhonzi zombuso kaNkulunkulu kumelwe zimthande ngawo wonke umphefumulo wazo, futhi zithande omakhelwane bazo njengoba zizithanda. Futhi, ukuqhubeka nezenzo ezinjengokuqamba amanga, ukweba, ukuziphatha okubi, ukukhohlisa, ubudakwa nokuluthwa yimilaliso kungasenza kungasifaneli ukuphila ngaphansi kwalohulumeni.—Mathewu 22:37-39; 1 Korinte 6:9, 10.

Ingabe kuwufanele umzamo? Yebo, ngempela. UJehova uNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi ukuphila okuhle kungaba njani kulembulunga ngaphansi kohlobo oluhle lukahulumeni. EBhayibhelini uye wasinikeza izikhombo ezithile. Labo abakhonza uNkulunkulu manje ngobuqotho kakade bayakuzwa ukujabula okuthile nokuthula kwengqondo okuyoba khona ngalesosikhathi.

Ngokwabo bonke ubufakazi, ngokushesha kakhulu labo ababa izikhonzi zombuso kaNkulunkulu bayobona futhi bajabulele konke. Yebo, izehlakalo ezenzeka ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli namuhla zibonisa ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze futhi usuzobusa esikhundleni sohulumeni balelizwe abahlukene, nabangaphumeleli. (Luka 21:25-28, 31; Daniyeli 2:44) Ungathanda yini ukuba yingxenye yawo? Kungani ungawuhloli ngokwakho ngokuqhubekayo? Funda ukwethembela kuJehova uNkulunkulu nakuhulumeni wakhe, ukuphela kwekhambi lezinkinga zosuku lwethu.

[Ibhokisi ekhasini 8]

Umbuso kaNkulunkulu kuphela oyonikeza sonke isintu . . .

□ Inala yokudla okuhle

□ Amanzi ahlanzekile amaningi

□ Izembatho ezifanelekile

□ Amakhaya athokomele

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela