IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Uyini Umgomo Wakho Ekuphileni?
“YINI ofuna ukuyifinyelela ekuphileni? Imfundo yezwe ephakeme? isikhundla esingcono ezweni? imali? udumo? ukulondeka? Lena yimigomo evamile. Kodwa ingabe ukuyiqaphela ngempela kukunika lokho okufunayo ekuphileni?
Ukuze usizakale ekuphenduleni imibuzo enjena, cabangela ukuphila kukaMose, njengoba kuboniswe kulemifanekiso. Wakhuliswa njenge“ndodana yendodakazi kaFaro”—umbusi wezwe. Ngakho, njengomunye womkhaya wasebukhosini kaFaro, wayenethuba eliphelele lokuhlanganyela ‘ukuthokoza esonweni.’ Futhi, wayenenkululeko ‘engcebweni yaseGibithe.’—Heberu 11:24-26.
Ngokwengeziwe, iBhayibheli lithi, “uMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe.” (IzEnzo 7:22) Ngakho, ngenxa yesikhundla sakhe, uMose wayenakho konke abantu abaningi namuhla abafuna ukuba nakho. Kepha ingabe lezizinto zamlethela ukweneliseka koqobo nenjabulo?
Akunjalo neze. Nakuba ayenakho konke ngokwezinto ezibonakalayo, uMose wayazi ukuthi lezizinto zazingesizo ezenzuzo ehlala njalo. Ingabe uyaliqaphela leliqiniso elibalulekile? Kunjengoba nje uJesu ngokwakhe asho: “Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na?” (Mathewu 16:26) Konke esingaba nakho kuyize uma silahlekelwa ukuphila kwethu. Akunjalo?
Ngakho, iBhayibheli lithi ngoMose: “Ngokuba wayebheke umvuzo.” Yebo, uMose wabheka kulokho uNkulunkulu akuthembisayo. Waqaphela ukuthi isipho sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade sibaluleke ngaphezu kwanoma yini enye. Ngakho uMose “ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.” (Heberu 11:26, 27) UJehova wayengokoqobo, ngokufanayo nezithembiso zaKhe zokuphila okuphakade.
Ingabe lokhu kuyiqiniso ngawe? Lapho ufunda ngezithembiso zikaNkulunkulu eziletha ukuphila okuphakade emhlabeni oyiPharadesi, ingabe lezizithembiso zingokoqobo kuwe? Ingabe uzibona njengomunye waleliPharadesi futhi ujabulela izibusiso uNkulunkulu azibekele abantu bakhe? (AmaHubo 37:9-11, 29; 72:8, 16; Isaya 9:6-9; 35:5, 6; Luka 23:43; IsAmbulo 21:3, 4) Uma kunjalo, uyofana noMose futhi uyobeka ukukhonza uJehova uNkulunkulu nokuzuza ukuvunyelwa nguye njengomgomo wakho ophambili.
[Isithombe ekhasini 12]
Wawuyini umgomo kaMose ekuphileni?
[Isithombe ekhasini 13]
Ingabe kungumgomo wakho ekuphileni ukujabulela lokho uNkulunkulu akuthembisa izinceku zakhe?