Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 9/15 kk. 24-29
  • “Zihlambululeni”!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Zihlambululeni”!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Nenhlangano Yakhe, Bangcwele Futhi Bahlanzekile
  • Abathile Ababambekile
  • Kungani Kunalenkinga?
  • Zonda Konke Okubi!
  • Qaphela Isidingo Sakho Esingokomoya!
  • Imivuzo Yokuhlala Sihlambulukile
  • UNkulunkulu Uyabathanda Abantu Abahlanzekile
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Izinceku ZikaNkulunkulu Kumelwe Zihlanzeke
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Ingabe Uhlala Uhlanzekile Kuzo Zonke Izici?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Yibani Abahlanzekile Engqondweni Nasemzimbeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 9/15 kk. 24-29

“Zihlambululeni”!

“Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.”—ISAYA 52:11.

1, 2. (a) Imaphi amaqiniso abonisa ukuthi ukuhlanzeka kwaziswa abantu abaningi? (b) Kungani ukuhlanzeka okungokomzimba kubalulekile?

“UKUHLANZEKA, ngempela, kusondelene nokwesaba uNkulunkulu.” Sisho kanjalo isaga sesiNgisi salelizwe elidala. Yebo, abantu abaningi bayakwazisa ukuhlanzeka ngokomzimba. Kungakho ezimakethe ezinkulu namakhemisi kuthengiswa insipho, imithi yokuhlanza neziqeda-phunga. Kungakho sinamalondolo, sineminyango yokuhlanza neyezempilo. Phela, ake sithi uya endlini yokudlela enhle uthole indwangu yetafula ingcolile, izitsha zingcolile futhi noweta egqoke ingubo elidixa! Ibingeke inhliziyo ibe mnyama? Ngokungangabazeki bekungaba njalo ngoba ukungcola kuyacasula.

2 Kodwa ukuhlanzeka akuyona nje indaba yokuthanda ubuhle. Ukungcola kuyisici esivamile sezifo eziningi. Ngokweminyango ethile yezempilo, ukwanda kwesikhathi sokuphila kwabantu banamuhla kuxhomeke kakhulu entuthukweni eyenziwa ekulweni nokungcola okudala izifo. Ngaphezu kwalokho, izazi ezidumile zezinto eziphilayo nezisizungezile zithi ukungcola ngendlela yokunukubeza umhlaba kusongela ukuba-khona kwabantu.

UJehova Nenhlangano Yakhe, Bangcwele Futhi Bahlanzekile

3, 4. (a) UJehova uNkulunkulu ukubheka kanjani ukungcola okungokomoya? (b) NjengoNkulunkulu ongcwele, yini uJehova ayifunayo kubantu bakhe?

3 Nakuba ukuhlanzeka okungokomzimba kubalulekile kubantu abaningi, ukuhlanzeka okungokomoya kubaluleke ngisho nangaphezulu. Okokuqala, ukungcola okungokomoya kuyamcasula uJehova uNkulunkulu. Kuyisihlamba ebukhosini bakhe obesabekayo, kuwukuhlubuka ezindinganisweni zakhe zokulunga. Ngokuyisisekelo, kuwukungathembeki kuye njengoMuntu. Ukungcola ngokomoya, noma ngokwezimfundiso noma ngokuziphatha, kuyahlukanisa futhi kuyonakalisa. Kubangela ukukhungatheka futhi kuphumele ekufeni. Akumangalisi ukuthi uJehova uNkulunkulu umelene nakho ngokuqinile! Kungakho ayala abantu bakhe basendulo, amaIsrayeli: “Yibani-ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.” (Levitikusi 11:44, 45) Kungakho futhi uNkulunkulu afuna ukuhlanzeka okungokomoya kubantu bakhe abakhululiwe ababephuma eBabiloni beya eJerusalema, bethwele izitsha ezisetshenziselwa ukumkhulekela. Emazwini anokubaluleka okungokwesiprofetho nakoFakazi BakaJehova namuhla, uNkulunkulu wathi: “Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.”—Isaya 52:11.

4 UJehova uNkulunkulu uyala ukuba thina, njengofakazi bakhe, sizihlambulule, okungukuthi, sibe ngcwele sibe msulwa, sibe abalungile futhi abahlanzekile. Ingabe leyo akuyona indlela uJehova ayiyo? Phela, ngokuphindaphindiwe kubhekiselwa kuye njengo“Ngcwele kaIsrayeli”! (Isaya 12:6; 29:19; 41:14; Jeremiya 51:5) Futhi, ngokufanelekile, sifunda lokhu kusAmbulo 4:8: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke.”

5. (a) Maqondana nobungcwele, kuthiwani ngoJesu Kristu, ngezingelosi ezilungileyo, ngomoya kaNkulunkulu oyisiphekupheku neZwi lakhe? (b) Ngakho-ke, imuphi umyalo uJehova uNkulunkulu awubekela izinceku zakhe ezilapha emhlabeni?

5 Futhi, ingabe iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, akushiwongo ukuthi “ungoNgcwele kaNkulunkulu”? (Johane 6:69) Ingabe izikhonzi zikaNkulunkulu zasezulwini akushiwo ukuthi “izingelosi ezingcwele”? (Marku 8:38) Ingabe amandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku akushiwo ukuthi umoya ongcwele? futhi ingabe iZwi likaNkulunkulu akubhekiselwa kulo ngokufanele njenge“mibhalo engcwele”? (2 Thimothewu 3:15) Ngokusobala-ke, njengoFakazi BakaJehova kumelwe nathi sihlanzeke futhi sibe ngcwele, njengoba siyalwa ku-1 Petru 1:15, 16: “Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe-ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Manibe-ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

6. (a) AmaKristu ahlanzwa kanjani okokuqala? (b) Kungani kuyisibopho ukuba abantu bakaJehova bahlale bengcwele futhi behlanzekile?

6 Ngokuphenduka kwethu, ukuguquka nokholo egazini elopha likaJesu Kristu, siye sahlanzwa emehlweni kaNkulunkulu. (1 Korinte 6:11; IsAmbulo 7:14) Kumelwe silondoloze lesisimo uma sifuna ukuqhubeka sisemuseni kaNkulunkulu. (IHubo 15:1, 2) Ngaphezu kwalokho, kumelwe sihlanzeke ukuze sikwazi ukukhanga kubo bonke abathanda iqiniso nokulunga abakhathazekile ngenxa yezimo ezimbi nezingcolile abazibona emhlabeni. (Hezekeli 9:4) Futhi, kuyisibopho ngempela ukuba sibe ngcwele futhi sihlanzeke ukuze singakhubi noma imuphi esikholwa naye. Njengoba umphostoli uPawulu akhumbuza amaKristu aseFilipi: “Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwethu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke, ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe-mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube-lusuku lukaKristu.”—Filipi 1:9, 10; qhathanisa noMathewu 18:6.

Abathile Ababambekile

7, 8. (a) Yini ebonisa ukuthi abanye baye bangasazisa isidingo sokuhlala behlanzekile njengezinceku zikaNkulunkulu? (b) Lokhu kugcizelela ukubaluleka kwasiphi isixwayiso?

7 Kuyadabukisa ukusho ukuthi abanye esasihlanganyela nabo baye bahluleka ukuzigcina behlanzekile, bengcwele, njengabathwali bezitsha zikaJehova. Ngakho-ke, baye baxoshwa ebandleni lobuKristu ngezizathu ezihlukahlukene ezingokomBhalo. Abanye baye basolwa ngenxa yokwehluleka ukuphila ngezimiso zeBhayibheli. Phakathi kwabo bonke abanjalo kuye kwaba khona nabantwana abambalwa abayizikhonzi ezimisiwe, nababonisi abathile nezinceku ezikhonzayo.

8 Ngokusobala, ngokwesilinganiso esithile, bonke laba baye bawela esihibeni sikaSathane. Ngokuzama ukuphatha izitsha zikaJehova kulapho bengazigcinile behlanzekile ngokomoya, babengawunaki umyalo okuIsaya 52:11, futhi ngalokho bebengenakuqhubeka ngaphandle kwesijeziso. (Qhathanisa noJobe 9:1-4.) Yeka ukuthi lokhu kukugcizelela kanjani ukubaluleka kweseluleko esitholakala kweyoku-1 Korinte 10:12: “Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi”!

Kungani Kunalenkinga?

9. (a) Ukuhlala sihlanzekile ngokomoya kubeka inselele ngenxa yaziphi izitha ezintathu? (b) Kungani uSathane namademoni akhe bemelela ukusongela okunjalo kumaKristu?

9 Kungani ukuhlala sihlambulukile ngokomoya kuyinselele enjalo? Kungoba phambi kwethu kumiswe izitha ezintathu ezinamandla—uSathane namademoni akhe, inhlangano yakhe ebonakalayo nobuthakathaka bethu besono obungokwenyama. Okokuqala, kunoSathane namademoni. Ingabe bangcolile futhi bonakele? Ngempela kunjalo. Amademoni kubhekiselwa kuwo njenga“womoya abangcolileyo.”—Mathewu 10:1.

10, 11. Yini ekhona ngenhlangano kaSathane ebonakalayo eyenza kube nzima ngamaKristu ukukhonza uNkulunkulu ngendlela engcwele nehlanzekile?

10 Okwesibili, inhlangano kaSathane ebonakalayo iyisitha sethu. Ngaphandle kokungabaza, umbuso wakhe wezwe wenkolo ungcolile ngokomoya. Ngakho kunjalo nangalo lonke izwe elisemandleni akhe. (1 Johane 5:19; IsAmbulo 16:13; 17:4; 18:2) Ngakho-ke, ukuze ukukhulekela kwethu kwamukeleke kuNkulunkulu kumelwe ‘sizigcine singabi nacala lokwezwe.’—Jakobe 1:27.

11 Okunye okungcolile, yizinto eziningi ezivezwa kumaphephandaba ezwe, komagazini, ezinhlelweni zethelevishini nasemabhayisikobho. Ngokwesibonelo, izimo zezinhlelo eziningi zamathelevishini ziya zingcola njengoba isikhathi siqhubeka. Eminyakeni edlule, amabhayisikobho angcolile ayengavamile; namuhla asevamile. Omagazini bezithombe ezingcolile bagcwele yonke indawo. Ngempela, kulezi‘zinsuku zokugcina’ sibhekene ne“zikhathi ezinzima.”—2 Thimothewu 3:1-5.

12. Ukuze ahlale engcwele futhi ehlambulukile amaKristu kumelwe alwisane nasiphi isitha esiphakathi kuwo?

12 Okwenza kube nzima ngokwengeziwe ukuhlala sihlanzekile kuwuthambekela kwethu siqu kwenyama enesono. (Genesise 8:21; Roma 5:12) Ngakho-ke, sonke kumelwe silwele ukwenza okulungile ukuze sihlale sihlanzekile njengabathwali bezitsha zikaJehova. (Roma 7:13-25) Kodwa yini eyosisiza ukuba sihlale singcwele futhi sihlanzekile?

Zonda Konke Okubi!

13. Yini enye yezinto zokuqala okumelwe sifunde ukuyenza ukuze sihlale sihlanzekile?

13 Phakathi kwezinto zokuqala okumelwe sizenze ukuze sihlale singcwele futhi sihlanzekile njengaba“thanda uJehova” kuwuku“zonda okubi.” Yebo, sidinga ‘ukwenyanya okubi.’ (IHubo 97:10; Roma 12:9) Simelwe sibe nenzondo enkulu, sizenyanye, izinto ezimbi, kungakhathaliseki ukuthi zingase zijabulise kanjani okwesikhashana enyameni yethu enesono. Sidinga futhi ukuqhubeka sizitshela ukuthi leyongozi iyosehlela uma singahlali sihlanzekile. (Galathiya 6:7, 8) Ngaphezu kwalokho, kumelwe sikhumbule ubuhlungu obuzwiwa abanye uma senza ububi obungathi sína. Ngaphezu kwakho konke, sidinga ukuzonda futhi sigweme konke okubi ukuze singalethi isihlamba kuJehova uNkulunkulu.

14. (a) Ukuze sihlanzeke ngokuziphatha, kumelwe sizilinde kukuphi? (b) Siyini isibopho odade abanaso maqondana nalokhu?

14 Ukuze sihlanzeke, kumelwe futhi sizilinde ekuvumeleni imicabango eyonakele nokudlala ngothando nabantu abangebona abangane bethu bomshado. Njengoba uPawulu ayala kweyoku-1 Thimothewu 5:1, 2, amadoda angamaKristu kumelwe aphathe odadewabo abangokomoya asebekhulile njengomama nabesifazane abasha njengodadewabo benyama ngayo yonke inhlanzeko. Kodwa kukho konke lokhu odadewethu banomthwalo wemfanelo futhi, wokuba, “bagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda.” (1 Thimothewu 2:9, 10) Uma abesifazane bezibuka esibukweni, ngokungangabazeki bayazi ukuthi babonakala behlonipheka noma izingubo zabo nokubonakala kunokuheha okuthile ngokobulili. Ukuhlonipheka kungokuphambene nokukhanga kwezwe ngokobulili.—Mika 6:8.

Qaphela Isidingo Sakho Esingokomoya!

15. Yiziphi izinyathelo eziqondile okumelwe sizithathe ukuze sihlanzeke?

15 Nokho, ukuzonda okubi, kuwukugwema ukwenza okubi ukuze sizigcine singcwele futhi sihlambulukile. Simelwe futhi sithathe izinyathelo eziqondile. Ngazo zonke izikhathi kumelwe siqaphele isidingo sethu esingokomoya. (Mathewu 5:3) Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba “abathanda uJehova” bazondle njalo ngeZwi lakhe! (IHubo 119:105-112) Kumelwe sizindle ngeseluleko esihle esikwabaseFilipi 4:8, sigcwalise izingqondo zethu ngezinto ezihlanzekile nezakhayo. Okuwusizo olukhulu kuwukwazi ngekhanda imibhalo namagama ezingoma zoMbuso. Ziyozifikela engqondweni phakathi nezikhathi zokuphumula, noma ebusuku uma siqwashile.—IHubo 63:6; 77:6.

16. Ukuhlanganyela nabafowethu kungaba usizo kanjani ekusigcineni singcwele futhi sihlanzekile?

16 Uma sisiqaphela isidingo sethu esingokomoya, siyoba khona njalo emihlanganweni yebandla, lapho singase sivuselelane othandweni nasekwenzeni imisebenzi emihle nehlanzekile. (Heberu 10:23-25) Njengoba nje abangane ababi bengasingcolisa, nabangane abahle bayosisiza ukuba sihlale sihlanzekile. Ukuqaphela abangane bethu ngezikhathi zokuphumula kubalulekile nakho ekubeni sihlale sihlanzekile ngokomoya.—1 Korinte 15:33.

17. Kungani umthandazo ungasisiza ukuba sihlale sihlanzekile?

17 Okungamelwe futhi kunganakwa usizo esiluthola emthandazweni. Siyelulekwa ukuba ‘siqinisele ekukhulekeni,’ ukuba ‘sikhuleke singaphezi.’ (Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:17) Akumelwe neze sibe matasatasa kakhulu ukuba sithandaze. Masithandazele ukuhlakanipha, amandla, umoya ongcwele kaNkulunkulu. Khona-ke, ngokusebenzela lokho esikuthandazelayo, siyojabulela “ukuthula kukaNkulunkulu” okuyolondoloza izinhliziyo zethu nengqondo yethu futhi okuyosenza sikwazi ukuhlala singcwele, sihlanzekile.—Filipi 4:6, 7.

18. Ukuhlala simatasa enkonzweni kaJehova kungasisiza kanjani?

18 Ukukhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, ukuba matasa njalo enkonzweni kaJehova, kungolunye usizo olukhulu ekusigcineni singcwele futhi sihlanzekile. Baningi abaye bahileleka ekuziphatheni okubi abaye benza kanjalo uma bephumule, njengalapho besemaholidini. Yeka isibonelo esiyisixwayiso esisithola eNkosini uDavide! Phela, kwakusehlobo, lapho amakhosi ngokuvamile ayeya empini, lapho uDavide asala ngemuva, njengokungathi kwakungonakele lutho! Kulapho lapho angena enkingeni noBati-Sheba. (2 Samuweli 11:1-4) Ngokukhanyayo kumelwe sizilinde ngaso sonke isikhathi ukuze siqhubeke sihlambulukile njengabaphathi bezitsha zikaJehova.

19. Kungani ukuzithiba kubaluleke kakhulu ekuhlaleni sihlanzekile?

19 Ukuzithiba kubalulekile uma sifuna ukuba uJehova uNkulunkulu aqhubeke esisebenzisa ukuba siphathe izitsha zakhe. (Galathiya 5:22, 23; 1 Korinte 9:27) Kumelwe siqeqeshe izingqondo zethu futhi silinde izinhliziyo zethu, sinqabe noma ikuphi ukulingwa, sibulale konke ukuthambekela okuphathelene nezinto ezingcolile. Njengoba uJesu Kristu ekubeka, ngenkulumo engokomfanekiso, kumelwe sizimisele ukukhipha iso noma ukunquma isandla noma unyawo, uma kuthanda ukusikhubekisa. (Marku 9:43-48) Iseluleko esihle kulezizinto sinikezwa uPawulu kwabase-Efesu 4:29–5:5.

20, 21. (a) Iyiphi indima uthando ngoJehova uNkulunkulu olungayifeza ekusisizeni ukuba sihlale sihlanzekile? (b) Uthando lwethu ngabafowethu nabanye lungasisiza kanjani ukuba sihlale sicocekile ngokomoya?

20 Uthando ngoJehova luyosisiza kakhulu ukuba sihlale sihlanzekile. Ingabe ‘simthanda ngempela uJehova’? Ingabe siyakwazisa konke aye wasenzela khona? Ingabe kuyisinqumo sethu ukuhamba naye, njengamadoda asendulo athembekile? (Genesise 5:24; 6:9) Uma kunjalo, uthando oluqotho ngoJehova uNkulunkulu luyosigcina singcwele, sihlanzekile. Yebo, uma simthanda ngempela ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, ingqondo namandla, siyokwesaba ukumenyelisa. Ngakho-ke, njengaba“thanda uJehova” kwangathi singeze sahlehlela emuva noma sizivumele ukuba singcoliswe ilelizwe noma ukuthambekela kwethu siqu kokungalungile.—Marku 12:29, 30; Heberu 10:38, 39.

21 Okuwusizo kakhulu futhi ekusigcineni sihlambulukile futhi singcwele kuwuthando oluqotho nolungenabugovu ngabazalwane bethu. Uma ngempela sinesithakazelo enhlalakahleni yabo engokomoya, siyoqaphela ukuba singabacunuli noma sibenze bazizwe bengcolile ngenkulumo yethu engcolile, ngokubukeka okungcolile, ngokudlala ngothando noma ngokuhileleka ekuziphatheni okungcolile. Khumbula, uthando “aluthokozi ngokungalungile.” (1 Korinte 13:4, 6) Uthando olungenabugovu ngoNkulunkulu nomakhelwane luyosivikela ekoneni kulezizici. Luyosibangela ukuba sisebenzise ukuzithiba, ‘senzele izinyawo zethu izindlela eziqondile.’—Heberu 12:13.

Imivuzo Yokuhlala Sihlambulukile

22, 23. Imiphi eminye imivuzo thina ngokwethu esingayithola ngokuhlala sihlambulukile?

22 Iyini imivuzo yethu yokuhlala sihlambulukile njengabaphathi bezitsha zikaJehova? Okunye kwalokhu “unembeza omuhle” ne“nhliziyo emhlophe.” (1 Thimothewu 1:5) Ukuthula kwengqondo kungomunye umvuzo. Ngokuzigcina sicocekile ngokomoya, asinakubuzwa nhlobo ubuhlungu obubangelwa unembeza omubi—usizi, ukuqwasha ebusuku, ukwesaba ukubanjwa noma ukudalulwa. Yebo, ngokuzigcina sihlanzekile asiyikuba abazenzisi abazama ukufihla okuthile. Ukukhululeka ezintweni ezinjalo ngempela kungumvuzo omuhle.

23 Omunye umvuzo wokuhlala singcwele futhi sihlanzekile owokuthi siyoba nobuhlobo obuhle nabazalwane bethu, imikhaya yethu siqu nabangaphandle. Akuyikuba nalutho konembeza bethu lokuthi siye sakhubekisa othile. Futhi, ngokuhlala sicocekile siyokwazi ukwakhana ngothando. (1 Korinte 8:1) Kanjalo siyoba nenjabulo enkulu yokupha, yokunezela enhlalakahleni engokomoya yabanye.—IzEnzo 20:35.

24. Siyini isizathu esikhulu nesihle kakhulu sokufuna ukuhlala sihlanzekile njengabantu bakaJehova?

24 Ngaphezu kwakho konke, ngokuhlala sihlambulukile njengabaphathi bezitsha zikaJehova siyokwenza nenhliziyo kaBaba wethu osezulwini ijabule futhi akwazi ukuphendula uSathane ophikisayo. (IzAga 27:11) Ngokuqinisekile, ngenxa yakho konke uJehova uNkulunkulu aye wasenzela khona, sinalesisikweleti kuye. Ngakho njengofakazi bakaJehova abathembekile, kwangathi sonke singahlala sihlambulukile, singcwele, njengabaphathi bezitsha zakhe. Ukuze kube inkazimulo nodumo nokubonga kuNkulunkulu, kube ukwakhiwa kwabazalwane bethu nemikhaya yethu, nangenxa yokusindiswa kwethu okuphakade, masihlale sihlambulukile!

Ingabe Ungakhumbula?

□ Njengoba uJehova engcwele, yini ayifunayo kubantu bakhe?

□ Iqiniso lokuthi abanye abahlalanga becocekile njengezinceku zikaJehova ligcizelela ukubaluleka kwasiphi iseluleko esinikezwe umphostoli uPawulu?

□ Iziphi izitha ezintathu ezibeka inselele ekuhlanzekeni kwethu okungokomoya?

□ Ukuze sihlanzeke ngokomoya, iziphi izinyathelo eziqondile okumelwe sizithathe?

□ Ukuhlala simatasa enkonzweni kaJehova kungasisiza kanjani ukuba sizihlambulule?

□ Siyini isizathu esikhulu sokuzihlambulula njengofakazi bakaJehova?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela