Xwaya Umculo Owonakalisayo!
“Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo.”—IHUBO 27:11.
1. Isipho sikaJehova somculo singesivelele kanjani?
UJEHOVA UNKULUNKULU ngomusa wanikeza isintu isipho somculo. Lokhu kwakuwukuboniswa okuvelele komusa wakhe ongafanele, ngoba nakuba umculo ungadingeki ekusekeleni ukuphila, wenza abantu bakwazi ukuveza imizwelo—izinsizi zabo, nenjabulo yabo. (Genesise 4:21) Ungaduduza ezikhathini zokudabuka noma ulethe injabulo enkulu ngezikhathi zokuthokoza. Khona-ke, ngokufanelekile uJakobe wabhalela amaKristu akanye naye: “Kukhona owenamileyo na? Makahube.”—Jakobe 5:13.
2. Umculo nengoma kuye kwaba nakuphi ukuhlobana nokukhulekela uJehova?
2 Ukucula nomculo kwahlanganiswa kudala nokukhulekela uJehova. Abantu bakhe basendulo ngokujabula bamdumisa ngengoma ngezikhathi zokukhululwa. (Eksodusi 15:1-21; AbAhluleli 5:1-31) UNkulunkulu wahlela ukumiswa kwenhlangano yabaculi enkonzweni ethempelini lakhe. (IHubo 68:24-26) UJesu Kristu nabaphostoli bakhe badumisa ngengoma ngemva kwesidlo SeNkosi Sakusihlwa. (Marku 14:26) Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu akanye naye ukuba aphendulane ‘ngamaculo okomoya, ahlabelele, ahubele iNkosi enhliziyweni yawo.’ (Efesu 5:19) Futhi kuze kube namuhla, ukucula kuyisici esivamile sokukhulekela phakathi kofakazi bakaJehova.
3. Buyini ubufakazi obukhona bokuthi umculo unamandla?
3 Akunakuphikwa ukuthi umculo unamandla. Ungafinyelela izinhliziyo futhi uvuse imizwelo. Ngakho, amaculo esizwe nawokumasha asetshenziswa ukuvusa ukushisekela izwe. Izikole zezwe zinamaculo “okulwa” ukuze zifake ugqozi kubadlali bazo. Abakhangisi basebenzisa izingoma ezimnandi ukuze bathengise imikhiqizo. Ubufakazi obunjalo bamandla omculo kumelwe benze amaKristu aqaphe.
Kungani Kudingeka Ukuqapha?
4. Maqondana nomculo, abakhulekeli bakaJehova kumelwe baqapheleni ngokukhethekile?
4 NoSathane uDeveli uyawaqaphela amandla amakhulu omculo. Futhi ngezinye izikhathi uyawasebenzisa ekuthonyeni inhliziyo nasekuhlubuleni abantu ekukhulekeleni uJehova okumsulwa. Ngakho-ke, maqondana nalokhu, amaKristu athembekile adinga ‘ukugcina inhliziyo, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.’ (IzAga 4:23) Sidinga ukunakekela ngokukhethekile ukuba umculo esiwulalelayo ungasiqhelisi “endleleni ekhanyayo” bese siholelwa ekuziphatheni okubi okuhlazisa uNkulunkulu.—IHubo 27:11.
5. Ekukhetheni umculo, kungani kumelwe sibe abakhetha ngokunakekela?
5 UJehova uye waba ophanayo ekunikezeni abantu isipho somculo. Kodwa yeka ukuthi siye sasetshenziswa kabi kangakanani ezikhathini eziningi! Ngakho-ke, ekukhetheni umculo, sidinga ukusebenzisa ukukhetha okukhulu nokuhlakanipha. Ngisho nangaphandle kokuzwa amagama, ngokuvamile singabona ukuthi hlobo luni lomoya amaculo athile aklanyelwe ukuwuveza. Ekude, uMose wayengaqonda ukuthi umculo owawuvela ekamu lamaIsrayeli wawungelona ‘izwi lokuhalalisela ngokunqoba noma izwi lokukhala ngokunqotshwa.’ Lapho efika ekamu futhi ebona indlela abantu ababenyakaza ngayo, wazi ukuthi umculo wawungowohlobo oluholela ekuziphatheni okubi kokukhulekela izithombe. (Eksodusi 32:15-19, 25) Ngakho namuhla sidinga ukuhlola uhlobo lwesimo, noma umoya, ovezwa umculo esiwulalelayo. Ingabe uyasiqabula, noma ingabe umculo owonakalisayo?
6. UDeveli uye wawusebenzisa kanjani omunye umculo, futhi ngakho imaphi amazwi kaPawulu anokuphawuleka okukhethekile?
6 Umphostoli uPawulu waqaphela ukuthi uSathane ufuna ukonakalisa noma ukonisa abantu bakaJehova. Ngakho-ke, uPawulu wanxusa akholwa nabo ukuba bazihlukanise kwabangalungile, futhi wabuza: “Kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na?” (2 Korinte 6:14-17) Namuhla, uDeveli uye wasebenzisa ngobuqili izindlela ezihlukahlukene zokungalungi emculweni, kanjalo ezama ukuyengela abantu ekuziphatheni okonakele futhi kanjalo abahlubukise kuNkulunkulu. Ofakazi bakaJehova abazinikezele badinga ukuqaphela lezizingozi.
Ungahlanganyeli Namademoni!
7. UmKristu angazi kanjani uma kunethonya lamademoni emculweni othile?
7 Kunezingozi ezingokomoya kwezomculo. Ngokwesibonelo, abaculi abaningi abathandwayo bahileleke emilingweni. Abanye bavuma obala ukuthi bakhulekela uSathane, futhi ithonya likaSathane ngokuvamile liyabonakala emculweni wabo nasezingomeni. Kodwa umKristu angazi kanjani uma ithonya lamademoni likhona emculweni othile? Kwezinye izimo kwanele ukubheka isembozo serekhodi. Emfanekisweni waso ungase ubone abantu abagqoke okubabonakalisa njengabathakathi, amademoni noma odeveli. Noma isembozo singase sibe nezithombe ezithambekele ezintweni ezingacacile noma emlingweni. Igama leqembu labaculi noma lerekhodi lingase libonise ukuxhumana namademoni, njengoba nezihloko namagama ezingoma kungase kubonise. Ngokwesibonelo, ubungase uphethe ngokuthini ngezihloko zezingoma ezinjengezithi “Sympathy for the Devil” nesithi “Children of the Grave”? INew York Post yabika ukuthi elinye lamaculo anjalo “laliwukuvuma obala” ukuthi abaculi “babesebenza ngokubambisana noSathane.”
8. Ngendlela ye“backward masking,” hlobo luni lwezigijimi eziye zafakwa kwamanye amarekhodi omculo?
8 Kuye kwaba khona ngisho nezigijimi eziphambene nombhalo nezobudemoni ezirekhodwa ngobuciko obubizwa ngokuthi i“backward masking,” obusetshenziswa amaqembu amaningi omculo. Lapho elinye irekhodi lengoma eyayidla ubhedu lidlalwa liphindiswa emuva, yayithi ngokuphindaphindiwe, “Zikhethele ukubhema insangu.” Enye ingoma eyayihamba phambili lapho idlalwa iphindiselwa emuva yayinalesisigijimi: “Ngiyocula ngoba ngiphila noSathane. . . . Ayikho indlela yokukubalekela, Sathane wami othandekayo.”
9. Hlobo luni lwemiqondo engangena engqondweni uma umuntu elalela izinhlobo ezithile zomculo, futhi lokhu kungaba yingozi kanjani?
9 Yebo, ngokuvamile, abantu abazidlali lezizingoma ngokuphindisela emuva. Kodwa, uma ulalela amarekhodi athile omculo, imiqondo ephambene nombhalo noma yamademoni ingase ingene engqondweni eyekelelwe emicabangweni engafanele. IHigh Fidelity Magazine yacaphuna lamazwi enhloko ethile yeqembu lenye inkampane erekhodayo: “Uhlobo lokwamukelwa okudingekayo komculo omusha we‘rock’ nomusha we‘classic’ lufana ncimishi. . . . Kufuneka uzinikele kuyo futhi uyivumele ithonye ingqondo yakho.” Kodwa ingabe lokhu kuwukuhlakanipha? Ingqondo engavikelwe ngokomoya ingakushiya uvulekele ukungenwa ngamademoni!—Qhathanisa noMathewu 12:43-45.
10. AmaKristu athembekile kumelwe azibheke kanjani izinto zobudemoni?
10 Ebhalela ayekholwa nabo abathandekayo umphostoli uPawulu wathi: “Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe-nenhlanganyelo namademoni. Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.” (1 Korinte 10:20, 21) Lokuziphatha okubi nokuhileleka komoya ababi, imilingo noma yini ewubudemoni akunandawo efanele ekuphileni komKristu othembekile.—Duteronomi 18:10-12; Galathiya 5:19-21.
11. Kumelwe enzeni umKristu uma ethola ukuthi unamarekhodi omculo obudemoni?
11 Ngokweseluleko esiphefumlelwe phezulu, khona-ke, yini umKristu okumelwe ayenze uma ethola ukuthi unamarekhodi omculo aveza ithonya likaSathane? Ngokuqinisekile, kumelwe awephule, ngoba abantu bakaJehova akumelwe ‘babenenhlanganyelo namademoni.’ Ngaphansi kwezimo ezifanayo, amaKristu okuqala e-Efesu athatha isinyathelo ngaphandle kokungabaza, ngoba siyafunda: “Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.” (IzEnzo 19:19) Labo ‘abathanda uJehova’ bazonda okubi futhi abaphazanyiswanga imicabango yokulahlekelwa ngokwezinto ezibonakalayo. Kunalokho, ngokwenzuzo yabo enkulu ngokomoya, bazilahla izinto zobudemoni.—IHubo 97:10.
Gwema Umoya Wezwe
12, 13. (a) Imuphi umoya wezwe ngokuvamile ohlangene nomculo wanamuhla nabahlabeleli, futhi lokhu kuye kwaboniswa kanjani? (b) OFakazi BakaJehova kumelwe bayisebenzise kanjani eyabaseGalathiya 6:7?
12 Akumelwe futhi siwubukele phansi umoya wezwe wokuyekelela kobulwane ngokuvamile ohambisana nomculo wanamuhla nabahlabeleli. (Qhathanisa nabase-Efesu 2:1-7.) Ngokwesibonelo, lapho enye ikhonsathi ichithwa, izinkulungwane zabalandeli bayo zavusa izibhelu, iThe Toronto Star ibika kanje: “Bahlasela amaphoyisa angama-268 ngamabhodlela, ngamaketanga nangezinye izinto ezijikijelwayo phakathi nodlame lwemizuzu engama-30 . . . Bahlusula izihlalo ezingama-200 ezazishiselwe ezigxotsheni zezinsimbi futhi zabanjwa ngamabhawodi kukhonkolo. Bancothula izihlalo eziningi zensimbi esiteji. . . . Baphula izinsimbi eziphendukayo eziba sesangweni, baphahlaza amafasitela ezindlwana zamathikithi nawendlu yokudlela esemphemeni wezibukeli, futhi balimaza izimoto eziningi ngaphandle kwenkundla yemidlalo.” Ingabe umKristu kumelwe abe phakathi kwabantu abanjalo?
13 Ezindaweni ezinjalo uphuzo nemilaliso ngokuvamile kusetshenziswa ngokukhululeka. Ngaphezu kwalokho, umculo nokudansa kwabaculi kubanga umoya wokuyekelela kobulwane. Ngokukhanyayo, uhlobo lomculo odlalwa ezindaweni ezinjalo, kanye nezinye izinto ezihlanganisa ubudemoni, imilaliso kanye nobudlova, kungaba okonakalisayo kuphela. Khona-ke, ingabe umKristu angalalela umculo ofanayo ekhaya lakhe siqu ngaphandle kokuba athinteke ngokuyingozi? Lutho! Futhi akukho fakazi kaJehova othembekile ongabhekela phansi isimiso seBhayibheli: “UNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu lokho wokuvuna.”—Galathiya 6:7.
14. Kungani kungafaneleki ukulalela nokudansela ingoma esikisela ukuziphatha okubi?
14 Kodwa, abanye baye baba nalomuzwa: ‘Angiwulaleli umculo ngenxa yamazwi awo; ngithanda nje isigqi. Sihle ekudanseni.’ Kodwa kungase kube khona ingozi nakulokhu. NgokweThe Times-Herald yaseNewport News, eVirginia, “okuthanda kakhulu ukudansela idisco angase adansele iculo elishisayo bonke ubusuku ngaphandle kokuphawula noma yini ngomculo ngaphandle kwesigqi esishukumisayo nehook line, okungamazwi omculi omshwana ohehayo ophindaphindwa njalo.” Kuyiqiniso, umculo ungase ube nesigqi esithandekayo sokudansa, kodwa amazwi awo asikhuthaza ukuba senzeni? Yini engena engqondweni yesilaleli? Ngokwesibonelo, ufakazi kaJehova othembekile angawudansela kanjani umculo wengoma emkhuthaza, ngokuphindaphindiwe, ukuba enze ubufebe?—1 Korinte 6:9, 10.
15. Iziphi izici ezonakalisayo ezikhona emculweni wanamuhla?
15 Yebo, amazwi onakele ngokokuziphatha awekho emculweni we“rock” ne“disco” kuphela. Emazweni amaningi kunezinhlobo zemiculo ezingase zithandeke kakhulu kuleyondawo ngaphezu kokuba nesigqi noma ukusebenzisa amazwi amaKristu eqiniso angase awathole engafaneleki impela. Maqondana ne“country music,” isihloko esikuThe News & Observer yaseRaleigh, eNyakatho Carolina, sithi: “Amadoda nabesifazane abayiziphingi abathanda indawo yezigebengu baye baba nengxenye emaculweni athiwa awe‘country music,’ kodwa akukaze emlandweni womculo izindaba zabo zokuziphatha okubi ziqokonyiswe njengoba kunjalo namuhla.” Ibhekisela kwesinye isici esidumile kodwa esiwumculo omubi, iThe Spokesman-Review ithi: “Abesifazane bacula ngobulili ebusuku nobulili enkundleni yomdanso nobulili ekhoneni lomgwaqo.” Ingabe izingoma ezinjalo kukhona okunye eziyikho ngaphandle kokonakalisa?
16. Iluphi usizo olukhona ngomuntu onhliziyo yakhe imshukumisela ukuba alalele noma adansele umculo owonakele ngokobulili?
16 Ungalokothi ukhohlwe ukuthi inhliziyo yomuntu ongaphelele iyakhohlisa, iyingozi. (Jeremiya 17:9) Ingabe inhliziyo yakho ikuphoqelela ukuba ulalele noma udansele lokho okwaziyo ukuthi kubi emehlweni kaJehova? Uma kunjalo, qaphela! Funa ngomthandazo usizo lukaJehova ukuze ‘uqhubeke uhlola ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, ungahlanganyeli imisebenzi yobumnyama.’ (Efesu 5:10-12; IHubo 5:1, 2) Ukwenqaba kwakho okuqinile ukulalela ukudansela umculo owonakele wobulili kungase kusize ekukhuzeni abanye okungenzeka ukuthi izinhliziyo zabo ziyabadukisa.
17. Maqondana nomculo, ucabanga ukuthi singasisebenzisa kanjani iseluleko (a) esikwabase-Efesu 5:3? (b) esikuThithu 2:11-14?
17 Labo abacwile emoyeni walesisimiso sezinto esibi bangase bajatshuliswe umculo owonakele ngokobulili. Kodwa lokhu kungenzeka kanjani kumaKristu athembekile? Ayelulekwa: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.” (Efesu 5:3) Ingabe ngokufanele siye ‘sadela ukungakholwa nezinkanuko zezwe’? Khona-ke masingaqapheli kuphela esikushoyo kodwa nalokho esikulalelayo, ukuthi akuhlanganisi amaculo aphathelene nokuziphatha okubi. ‘Masihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesisikhathi samanje.’—Thithu 2:11-14.
18. Maqondana nombono wethu ngabahlabeleli abathile, imiphi imibuzo engase ibuzwe?
18 Kodwa uzizwa kanjani wena ngokwakho siqu ngabahlabeleli bezwe? Zibuze: Ingabe ngiyabalingisa abanye babo ngendlela engigqoka ngayo, engizilungisa futhi ngikhulume ngayo? Ngikhuluma kangakanani ngabahlabeleli nomculo wabo? Ingabe ngiyabakhonza njengezithombe ngokugqoka izikipa noma amabhantshi akhangisa ngabahlabeleli abanjalo, noma ngize ngilengise izithombe zabo ekamelweni lami? Ingabe lokhu kuyamthokozisa uJehova lowo ongukuyena okumelwe ngimkhulekele? Ingabe ngilandela iseluleko seBhayibheli esiqondile soku‘balekela ukukhonza izithombe’?—1 Korinte 10:14; Roma 1:24, 25.
Hlukanisa Okuhle Nokubi
19. Mayelana nomculo, kumelwe isetshenziswe kanjani ngokufanele ingqondo eqeqeshiwe?
19 Umphostoli uPawulu wabhala: “Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.” (Heberu 5:14) Abazali abangamaKristu nentsha badinga ukusebenzisa ngokufanele umqondo oqeqeshiwe olungele ukwahlukanisa okuhle nokubi. Badinga ukuqaphela futhi bahlukane ngokuphelele nokuyenga okukhohlisayo komculo owonakalisayo. Njengoba isisho sokuziphatha esithi “yonke into ilungile” singena ngokujulile kulelizwe elibuswa uDeveli nomculo walo, ofakazi bakaJehova, abasha nabadala, kumelwe bavumelanise ukuphila kwabo nezimiso eziphakeme zikaBaba wabo wasezulwini ngokwengeziwe kunangaphambili.—IHubo 119:9-16; 1 Johane 5:19.
20. Yini etusekayo esimweni sosemusha obanjwa umoya wezingoma ezisolekayo?
20 Ungakhohlwa ukuthi umculo unamandla. Ungathonya inhliziyo. Ingabe uyazibona ubambeka emoyeni wamaculo ezwe asolekayo? Khona-ke ngokushesha thatha isinyathelo sokulondoloza inhliziyo yakho. Uma ungomusha, sixoxe isimo nabazali bakho abangamaKristu. Futhi, thandaza ngokujulile kuJehova ukuba akusize ngomoya wakhe ongcwele.—IzAga 4:23; Luka 11:13; Galathiya 5:22-24.
21. Abazali abangamaKristu bangabasiza kanjani abantwana babo ukuba bagweme umculo owonakalisayo?
21 Bazali, yini eniyenzayo ukuze nisize abantwana benu bahlukanise phakathi komculo owamukelekayo nohlobo olonakalisayo? NjengamaKristu, ingabe ningabavumela ngokufanele ukuba balalele izingoma eziqokomisa ubudemoni noma ukuziphatha okubi ngokobulili, ukusebenzisa kabi imilaliso nobudlova? Khona-ke, ngaphambi kokuthenga irekhodi noma ukuvumela abantwana bakho balalele umculo othile, zinike isikhathi sokuhlola isembozo serekhodi ukuze ubone ukuthi asinikezi yini ubufakazi bethonya elonakele. Cabangela izihloko namazwi ezingoma. Uma izingoma zonakalisa, kuxoxe lokhu ngomusa nabantwana bakho. Ungase ubonise ukuthi wonke amaKristu kumelwe abe ‘yizingane ebubini, kepha engqondweni abe ngakhulileyo,’ angafuni ulwazi lwezinto ezingcolile noma agcwalise izingqondo zawo ngemiqondo eyonakele. (1 Korinte 14:20) Ngemva kwengxoxo enjalo, ngokungangabazeki wena nabantwana bakho niyolahla noma imaphi amarekhodi angafaneleki ngokomBhalo eninawo futhi ninqume ndawonye ukuthi anisayikuphinde nilalele umculo owonakalisayo.
22. (a) Kungani singalahlekelwa yilutho olunenzuzo ngokuyeka umculo owonakalisayo? (b) Kumelwe sibe yini isimo sethu nombono ekukhetheni umculo?
22 Kunezinhlobonhlobo zomculo owamukelekayo ngokomBhalo nowakhayo, kuhlanganise nezingoma ezijabulisayo zoMbuso ezijatshulelwa oFakazi BakaJehova emhlabeni kabanzi. Ngakho-ke asilahlekelwa yilutho oluyinzuzo ngokuyeka umculo owonakalisayo. Ngokutadisha iBhayibheli njalo nezincwadi ezihlobene zobuKristu, kwangathi singaqeqesha izingqondo zethu ukuba zihlukanise okuhle nokubi. Khona-ke masibambelele kokulungileyo. Uma kunomculo omelene nezimiso zikaNkulunkulu zokulunga, wuyeke. Lalela ukuyala kwakhe futhi uhlale uqinile “endleleni ekhanyayo.” (IHubo 27:11) Qaphela umculo owonakalisayo ngazo zonke izindlela! Ngesikhathi esifanayo, kwangathi ukukhetha kwakho siqu umculo kungaba udumo kuNkulunkulu, “osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.”—1 Thimothewu 6:17.
Ubungaphendula Kanjani?
□ Sinabuphi ubufakazi bokuthi umculo unamandla?
□ Lingazi kanjani uma kunethonya lamademoni emculweni othile?
□ Yini okumelwe uyenze uma unamarekhodi omculo aveza ithonya lamademoni?
□ Uma inhliziyo yomuntu imshukumisela ukuba alalele noma adansele umculo owonakalisayo, luyini usizo olukhona?
□ Abazali abangamaKristu bangabasiza kanjani abantwana babo ukuba bagweme umculo owonakalisayo?
[Isithombe ekhasini 12]
Umculo owonakalisayo awubafanele abantu bakaJehova
[Isithombe ekhasini 14]
Ingabe amaKristu kumelwe alingise abaculi bezwe ngokugqoka, ngokuzilungisa nendlela yokuphila?