Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 11/1 kk. 3-4
  • Imingcele Yenkululeko

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imingcele Yenkululeko
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imithetho Yemvelo Ibekela Umuntu Imingcele
  • Imithetho Ebekela Ukuziphatha Imingcele
  • Isipho Esimangalisayo Senkululeko Yokuzikhethela
    I-Phaphama!—1990
  • Isipho Esimangalisayo Senkululeko Yokuzinqumela
    Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
  • Ungalahlekelwa Injongo Yenkululeko Evela KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Vumela UJehova Akuholele Enkululekweni Yangempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 11/1 kk. 3-4

Imingcele Yenkululeko

“Abekho abayizigqila ezinkulu kunalabo ngephutha abakholelwa ukuthi bakhululekile.”—UGoethe.

INKULULEKO! Yeka isigqi lelozwi elinaso. Kodwa lisho ukuthini kuwe? Ingabe inkululeko isho ukuthi unelungelo elingenakukulahlekela lokuzenzela umathanda, nini noma kuphi lapho athanda khona, ngaphandle kokucabangela abanye abantu? Ngokuqinisekile akunjalo! Ubekelwe imingcele kokwenzwayo ngabashayi bemithetho ukuze bavikele amalungelo nezithakazelo zabanye. Ingabe lokhu akudingekile ngempela lapho abantu behleli ndawonye njengomphakathi?

Ngokwesibonelo, ungase ube nenkuhileko yokuhamba, kodwa ungase ushayele imoto yakho kuphela ngaphansi kwemingcele engokomthetho. Lemingcele, noma imithetho, ayimiswanga njengesivikelo kwabanye kuphela kodwa futhi nakuwe. Ngakho-ke, inkululeko yangempela ayisho ukukhululeka kuyo yonke imingcele, ukuqondiswa, nezinkonzo; futhi ayisho ukungabibikho kwemithetho emihle newusizo. Ngokuthakazelisayo, iBlack’s Law Dictionary ichaza inkululeko ngalendlela:

“Isimo sokukhululeka . . . ngaphandle kokunye ukucindezelwa, ukuvinjelwa, noma ukwenqatshelwa okungaphezu kwalokho okungase kunqunywe imithetho yokulunga nedingekile kanye nemisebenzl yezenhlalo.”

Ukuze sijabulele inkululeko, kumelwe siphile ukuphila kwethu phakathi kwemingcele emibili—imithetho yemvelo nemithetho yokuziphatha.

Imithetho Yemvelo Ibekela Umuntu Imingcele

Akunakwenzeka nganoma ubani ukuba athole inkululeko ephelele ngisho nakuba angazehlukanisa abe sesiqhingini esincane phakathi kwesithabathaba solwandle. Izinto ezingokwemvelo ezidingwa umzimba wakhe nokuthembela kwakhe kulokho okumzungezile kuyobeka imingcele ngenkululeko yakhe. UMdali, uJehova uNkulunkulu, wamisa lemingcele engokwemvelo futhi uye wamisa eminye ngemithetho yakhe nangezimiso.—IzEnzo 17:26-28.

UNkulunkulu wamisa imithetho yemvelo leyo egcina indawo yonke isekuvumelaneni okumangalisayo. Lemithetho ilondoloza inhlalakahle yethu. Ngokwesibonelo, ingabe uzizwa ucindezelwa umthetho kaNkulunkulu wemvelo wamandla omhlaba okudonsela phansi? Ngokuqinisekile akunjalo. Kungamandla adingekile agcina indawo yonke ihlangene futhi nakwenza ungahlali undiza phezu komhlaba.

Nokho, kuthiwani uma ngamabomu ubungeke uwunake umthetho wamandla omhlaba okudonsela phansi futhi ugxume usuka eweni elingamamitha angamashumi amathathu nengxenye? Ubuyokuwa ufe noma ulimale kakhulu. Umphumela: akuyona inkululeko kodwa kusho ukuyinakekela kakhulu imingcele. Ngeke siyephule imithetho yemvelo ngaphandle kokuthola isijeziso. Nokho, uma sisebenza ngaphansi kwemingcele yayo, sithola izinzuzo.

Imithetho Ebekela Ukuziphatha Imingcele

Cishe eminyakeni engama-300 edlule, isazi esiyiNgisi solwazi lokuhlakanipha uJohn Locke waqoqa lokho okungenzeka wena uye wakuthola ngenkululeko nomthetho womuntu. Wabhala: “Lapho umthetho ungekho khona ayikho inkululeko. Ngoba inkululeko isho ukukhululeka ebudloveni nasekucindezelweni ngabanye, okungeke kube khona lapho kungekho khona umthetho; futhi akunjalo, njengoba sitshelwa, ‘inkululeko yawo wonke umuntu yokwenza akufisayo [akuthandayo].’ Ngokuba ngubani ongakhululeka, uma noma imuphi umbono womunye umuntu ungabusa phezu kwakhe?”

Yeka ukuthi lawomazwi afaneleke kanjani lapho esetshenziswa emithethweni yabantu evimbela ukuziphatha okuyingozi! Uma umuntu esibona isidingo somthetho ukuba wengamele ukuziphatha kwabantu, ingabe uMdali naye akazange asibone lesosidingo? Ingabe kumelwe sicabange ukuthi uNkulunkulu wayengenza imithetho yemvelo ukuba ibe khona kodwa bese eshiya isintu ngaphandle kwemithetho yokuqondisa ukuziphatha kwaso? Lutho neze.—Mathewu 6:8.

Imithetho yoMdali ngesintu ilotshwe phansi futhi ilondoloziwe ukuze sazi indlela engcono kakhulu yokusingatha izindaba zethu. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngobuhle bayo, iThe Bible in Living English ithi: “Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; izimfundiso zikaJehova zithembekile, zihlakaniphisa oyisiwula; imithetho kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; umyalo kaJehova uqotho, ukhanyisa amehlo.”—IHubo 19:7, 8.

Umuntu ozama ukuphila ekhululekile kuyo yonke imingcele yokuziphatha efanelekile ufana nomkhumbi oye walahlekelwa yikhampasi nesiqondiso somkhumbi. Yena nalomkhumbi ulahlekile futhi kumelwe athole indlela elondekile noma abhekane nemiphumela esabekayo. Ngakho-ke, lokhu, kuphakamisa umbuzo engathi sína. Ingabe singakuqondisa ukuphila kwethu ngokulondekile ngaphandle kukaNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela