Yiba Khona Emhlanganweni WesiGodi Ka-1987 “Wokuthembela KuJehova”
YEKA isihloko esihle esinaso semihlangano yethu yesigodi ka-1987: “Thembela KuJehova”! Ngempela ukuthembela kwethu kuJehova kuyasehlukanisa nezwe. Bonke abanye babeka ithemba labo ezintweni ezinjengomcebo wabo, ukuhlakanipha kwabo, amandla abo, noma ababusi nabaholi babo bezombangazwe nabenkolo. Ngokushesha bonke abanjalo bazodumazeka kabuhlungu.—IHubo 146:3, 4.
Kusho ukuthini ukubeka ithemba lethu kothile noma entweni ethile? Ngokwababhali bezichazamazwi, “ukwethemba kusho ukwencika ngokuphelele nangokuqinisekile kokuthile noma kothile.”a Yebo, ileyondlela esizizwa ngayo ngakho. Sithembele kuJehova ngokuphelele nangokuqinisekile.
Ukubaluleka kokuthembela kuJehova kulethwa njalo ekunakekeleni kwethu eZwini likaNkulunkulu. Abahubi basitshela ngokuphindaphindiwe ngokuthembela kwabo kuJehova: “Kepha mina ngithemba uJehova.” “Mina ngithemba wena-Jehova.” Amazwi abo asikhumbuza amazwi elinye lamaculo ethu oMbuso: “UJehova uyinqaba, uyasilondoloza. . . . Jehova uyisivikelo, ungumthunzi wabanomusa.”—IHubo 31:6, 14.
ImiBhalo ngokuphindaphindiwe isiyala ukuba sibeke ithemba lethu kuNkulunkulu: “Themba kuJehova, wenze okulungileyo.” “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo, ungenciki kokwakho ukuqonda.” (IHubo 37:3; IzAga 3:5) IZwi likaNkulunkulu lisitshela futhi ngezinceku zikaJehova ezithembekile ezanikezwa umvuzo ngenxa yokubeka ithemba lazo kuye phakathi nezikhathi ezinzima. Phakathi kwazo kwakuyiNkosi uHezekiya, uEbedi-Meleki, amaHeberu amathathu, noDaniyeli.—2 AmaKhosi 18:5; Jeremiya 39:18; Daniyeli 3:28; 6:23.
Sikubonisa kanjani ukuthi siyathembela kuJehova? Enye indlela iwukumazi futhi sikholelwe yiZwi lakhe. UJesu Kristu wasinika indlela elula kakhulu: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.” Yebo, uma sithembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yethu, siyobeka izithakazelo zoMbuso wakhe kuqala ekuphileni kwethu futhi silandele inkambo yokuziphatha okuhle.—Mathewu 6:33.
Kungani ukuthembela kwethu kuJehova kumelwe kuqine? Ngenxa yokucindezeleka esikuthola yonke indawo. Ngabanye kuwukushushiswa okuqondile, ngabanye izilingo zokwenza okubi. Kanti abanye ithemba labo livivinywa ngemfuneko yokukhuthazela. Umhlangano wethu wesigodi ozayo uphakathi kosizo oluningi uJehova aye walulungiselela kulezinsuku zokugcina.
Kulonyaka umhlangano uyothatha izinsuku ezintathu ezigcwele, uLwesihlanu, uMgqibelo, neSonto. Ngokwenza ushintsho oluthile ebudeni bezingxenye zesimiso, ukwaziswa okusesimisweni cishe kuyolingana nokwangonyaka odlule. Singaqiniseka ukuthi injongo yazo zonke izici zesimiso iyoba ukuqinisa ukuthembela kwethu kuJehova kanye nasenhlanganweni ebonakalayo ayisebenzisayo esikhathini samanje.
Khona-ke makuthi umKristu ngamunye onguFakazi KaJehova azimisele ukuba khona okungenani komunye walemihlangano. Yiza nabantwana bakho. Yiba khona engomeni nasemthandazweni wokuvula ngoLwesihlanu ekuseni futhi uhlale kuze kube ingoma nomthandazo wokuphetha ngeSonto ntambama. Yiza uphethe iBhayibheli, iculo, incwadi yokubhala amaphuzu, nepeni. Ngena ngokuphelele emoyeni walokho okunikezwayo, kuhlanganisa nezingoma nemithandazo. Lalelisisa lokho okushiwoyo. Futhi masiqiniseke ngokuthi ngazo zonke izikhathi ukuzilungisa kwethu nokuziphatha kwethu akusoleki.
Isimiso esingokomBhalo, sokuthi ‘hlwanyela kakhulu, uvune kakhulu,’ siyasebenza ekubeni khona kwethu emhlanganweni wesigodi “Wokuthembela KuJehova.” Lapho silalela sonke isimiso ngobuqotho obengeziwe, yilapho siyohamba nezibusiso ezengeziwe ukusuka emhlanganweni futhi sibe isibusiso esikhulu kwabanye.—2 Korinte 9:6.
[Umbhalo waphansi]
a Webster’s New Dictionary of Synonyms.