Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukufuna Okulahlekileyo
UJESU ushisekela ukufuna futhi athole abayokhonza uNkulunkulu ngokuthobeka. Ngakho uyafunisisa futhi ukhuluma kubo bonke ngoMbuso, kuhlanganise nezoni ezaziwayo. Abantu abanjalo manje basondela kuye ukuze bamlalele.
Bekuqaphela lokhu, abaFarisi nababhali bagxeka uJesu ngokuzihlanganisa nabantu abababheka njengabangafanele. Bayakhononda: “Lomuntu wamukela izoni, adle nazo.” Yeka ukuthi lokho kusehlisa kanjani isithunzi sabo! AbaFarisi nababhali baphatha abantu abavamile njengokungcola okungaphansi kwezinyawo zabo. Eqinisweni, basebenzisa inkulumo yesiHeberu ethi ‛am ha·’aʹrets, “abantu bomhlaba [bezwe],” ukuze babonise inzondo yabo ngabanjalo.
Ngakolunye uhlangothi, uJesu uphatha bonke abantu ngenhlonipho, umusa, nozwela. Ngenxa yalokho, abaningi balaba abaphansi, kuhlanganise nabantu abaziwa kakhulu ngokwenza okubi, bashisekela ukumlalela. Kodwa kuthiwani ngokugxeka kwabaFarisi uJesu ngokuchitha imizamo yakhe ngenxa yalaba abababheka njengabangafanele?
UJesu uphendula ukugxeka kwabo ngokusebenzisa umfanekiso. Ukhuluma esusela embonweni wabaFarisi, wokuthi balungile futhi balondekile emhlanjini kaNkulunkulu, kuyilapho ama-‛am ha·’aʹrets adelelekile enhlanhlatha, yebo, esesimweni sokulahleka. Mlalele njengoba ebuza:
“Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na? Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza. Esefiké ekhaya ameme abahlobo nomakhelwane, athi kubo: Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.”
Khona-ke uJesu uchaza okushiwo indaba yakhe: “Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba-khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.”
AbaFarisi bazibheka njengabalungile futhi kanjalo abadingi kuphenduka. Ngesikhathi abanye babo begxeka uJesu eminyakeni embalwa ngaphambili ngenxa yokudla nabathelisi kanye nezoni, wabatshela: “Angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni.” AbaFarisi abazenzisayo, abahluleka ukubona isidingo sokuba baphenduke, abalethi ntokozo ezulwini. Kodwa izoni eziphenduka ngempela ziyayiletha.
Ukuliqinisa ngokuphindiwe iphuzu lokuthi ukubuya kwezoni ezilahlekile kuyisizathu sokujabula okukhulu, uJesu ulandisa ngomunye umfanekiso. Uthi: “Ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba-lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole? Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelulahlekile.”
Khona-ke uJesu unikeza incazelo efanayo, ethi: “Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”
Yeka ukuthi kuphawuleka kanjani lokhu kucabangela kothando kwezingelosi zikaNkulunkulu ngokubuya kwezoni ezilahlekile! Lokhu kunjalo ikakhulukazi njengoba lama-‛am ha·’aʹrets ake aba aphansi, adelelekile ekugcineni efaneleka ukuba amalungu oMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. Ngenxa yalokho, athola isikhundla esiphakeme ezulwini kunesezingelosi uqobo! Kodwa kunokuba zizizwe zinomona noma zinganakiwe, izingelosi ngokuzithoba ziqaphela iqiniso lokuthi labantu abanesono baye babhekana futhi banqoba izimo ekuphileni okuzobenza bafanelekele ukukhonza njengamakhosi nabapristi basezulwini abanozwela nomusa. Luka 15:1-10; Mathewu 9:13; 1 Korinte 6:2, 3; IsAmbulo 20:6.
◆ Kungani uJesu ezihlanganisa nezoni, ezibizela kuphi ukugxeka kwabaFarisi?
◆ AbaFarisi bababheka kanjani abantu abavamile?
◆ Yimiphi imifanekiso esetshenziswa uJesu, futhi singafundani kuyo?
◆ Kungani ukujabula kwezingelosi kuphawuleka?